Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp21 No. 1 kk. 14-15
  • Kungakusiza Kanjani Ukuthandaza?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungakusiza Kanjani Ukuthandaza?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthandazo​—Indlela Ongakusiza Ngayo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • Umthandazo Uyilungelo Elikhethekile
    Lingasifundisani IBhayibheli?
  • Sondela KuNkulunkulu Ngomthandazo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2021
wp21 No. 1 kk. 14-15

Kungakusiza Kanjani Ukuthandaza?

Ngesikhathi uPamela egula kakhulu, wafuna usizo lodokotela. Ngaphezu kwalokho, wathandaza kuNkulunkulu wacela amandla okubhekana nalesi simo esasinzima. Ingabe ukuthandaza kwamsiza?

UPamela wathi, “Ngesikhathi ngelashelwa umdlavuza, izikhathi eziningi ngangesaba. Kodwa lapho ngithandaza kuJehova uNkulunkulu, ngazizwa nginokuthula kwangaphakathi, ngakwazi nokucabanga kahle. Khona ngisazizwa izinhlungu, kodwa umthandazo ungisiza ngibe nombono ofanele ngezinto. Lapho abantu bengibuza ukuthi nginjani, ngivele ngithi, ‘Angizizwa kahle kodwa ngijabule!’”

Kuyiqiniso ukuthi akufanele silinde size sibhekane nobunzima ngaphambi kokuba sithandaze. Sonke sibhekana nezinselele ezincane nezinkulu, kodwa izikhathi eziningi sizizwa sidinga usizo ukuze sibhekane nazo. Ungasisiza yini umthandazo?

IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho kuJehova, yena uyokusekela. Akasoze avumele olungile awe.” (IHubo 55:22) Kuyaduduza ngempela lokho! Ngakho umthandazo ungakusiza kanjani? Uma uthandaza kuNkulunkulu ngendlela efanele, uyokunika lokho okudingayo ukuze ubhekane nezinselele.—Bheka ibhokisi elithi “Lokho umthandazo ongakwezela khona.”

Lokho Umthandazo Ongakwenzela Khona

Ukuthula kwengqondo

Usomabhizinisi osanda kulahlekelwa umsebenzi uyamomotheka futhi uhamba ngokuzethemba.

“Izicelo zenu zitsheleni uNkulunkulu ngomthandazo, ngokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda kuyoqapha izinhliziyo zenu nemicabango yenu ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Uma utshela uNkulunkulu lokho okukukhathazayo, uzokusiza uhlale uzolile futhi wenze ngokuhlakanipha lapho ucindezelekile.

Ukuhlakanipha Okuvela KuNkulunkulu

Owesifazane ekuqaleni obephindaphinda umthandazo abewufunda encwadini yomthandazo, manje ufunda iBhayibheli lakhe ekhaya.

“Uma noma ubani kini engenakho ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, uyomnika kona ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.” (Jakobe 1:5) Uma kunokuthile okusicindezele, asihlali senza izinqumo ezihlakaniphile njalo. Uma uthandazela ukuhlakanipha, uNkulunkulu angakusiza akukhumbuze iziqondiso zakhe eziwusizo eziseZwini lakhe elilotshiwe iBhayibheli.

Amandla Nenduduzo

Indoda nomkayo ekuqaleni abebesesibhedlela, bahamba epaki. Ngesineke le ndoda isiza unkosikazi wayo asebenzise induku yabangaboni.

“Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Ngenxa yokuthi uJehova uNkulunkulu unguMninimandla Onke, angakunikeza amandla owadingayo ukuze ubhekane nezinselele zakho noma akusekele lapho ubhekene novivinyo. (Isaya 40:29) IBhayibheli libiza uJehova ‘ngoNkulunkulu wenduduzo yonke.’ Angasiduduza ‘kuzo zonke izilingo zethu.’—2 Korinte 1:3, 4.

INGABE UMTHANDAZO UNGAKUSIZA?

Kuyiqiniso ukuthi uJehova akakuphoqi ukuba uthandaze kuye. Kunalokho, ukumema ngothando ukuba uthandaze kuye. (Jeremiya 29:11, 12) Kuthiwani uma esikhathini esidlule wawubona sengathi imithandazo yakho ayiphendulwa? Ungapheli amandla noma uyeke ukuthandaza. Abazali abanothando bangase bangazisizi izingane ngendlela ezifuna ngayo nangesikhathi ezifuna ngaso. Kungenzeka ukuthi abazali banesisombululo esingcono. Kunento eyodwa esiqiniseka ngayo: Abazali abanothando bayazisiza izingane zabo.

UJehova uNkulunkulu—umzali onothando ukubadlula bonke, ufuna ukukusiza nawe. Uma uzihlolisisa ngokucophelela lezi ziqondiso esesikhulume ngazo bese wenza konke ongakwenza ukuze uzisebenzise, uNkulunkulu uyoyiphendula imthandazo yakho ngendlela engcono kakhulu!—IHubo 34:15; Mathewu 7:7-11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela