Lapho Inzondo Ingasekho Phakade!
Ngisho singayikhipha yonke inzondo esezinhliziyweni zethu ngeke sikwazi ukulawula izenzo nesimo sengqondo sabanye. Abantu abangenacala baqhubeka beyizisulu zenzondo. Kodwa isiphi isixazululo esingahlala phakade esinganqoba inkinga yenzondo?
NguJehova uNkulunkulu kuphela ongakwazi ukukuqeda ngokuphelele ukuzondana okungapheli esikubonayo namuhla. Yilokho kanye iBhayibheli elithembisa ukuthi uzokwenza.—IzAga 20:22.
UNKULUNKULU UZOZIQEDA IZIMBANGELA ZENZONDO
1. USATHANE UDEVELI. USathane, ingelosi eyavukela, empeleni uyena oyimbangela yenzondo esiyibonayo namuhla. UNkulunkulu uzobhubhisa uSathane kanye nabo bonke labo abangaphansi kwethonya lakhe lenzondo.—IHubo 37:38; Roma 16:20.
2. IZWE LIKASATHANE ELIGCWELE INZONDO. UNkulunkulu uzoqeda zonke izinto eziyimbangela yobubi kuleli zwe, okuhlanganisa abezepolitiki abakhohlakele kanye nabaholi benkolo abagqugquzela inzondo. UNkulunkulu uzoqeda lonke uhlelo lwamabhizinisi olunobugovu, ukukhohlakala kanye nokuxhaphaza abantu.—2 Petru 3:13.
3. UKUBA KWABANTU NESONO. IBhayibheli lithi bonke abantu bazalwe benesono—ukuba nomkhuba wokucabanga, ukufisa nokwenza okungalungile. (Roma 5:12) Ukufukamela nokubonisa inzondo kwabanye kungeminye yemikhuba ebangelwa yisono. UNkulunkulu uzosiza abantu banqobe yonke le mikhuba futhi asuse yonke iminonjana yenzondo phakade.—Isaya 54:13.
IBHAYIBHELI LITHEMBISA IZWE ELINGENAYO INZONDO
1. AKEKHO OYOPHATHWA NGENDLELA ENGENABO UBULUNGISA. UMbuso kaNkulunkulu uzobusa emhlabeni wonke. Uzobusa usezulwini futhi uzokwenza kube nobulungisa phakade. (Daniyeli 2:44) Ubandlululo nokungabekezelelani kuzophela. UNkulunkulu uzolungisa konke ukungabi nabulungisa abantu ababhekene nakho.—Luka 18:7.
2. BONKE ABANTU BAZOBA NOKUTHULA. Akekho ozohlupheka ngenxa yodlame noma impi. (IHubo 46:9) Umhlaba uzoba indawo ephephile egcwele abantu abanokuthula nothando.—IHubo 72:7.
3. BONKE ABANTU BAZOPHILA PHAKADE NGAPHANSI KWEZIMO EZINHLE KAKHULU. Zonke izakhamuzi emhlabeni zizobonisa uthando lwangempela kumakhelwane. (Mathewu 22:39) Akekho oyobe ecindezelwe ngisho nayimicabango noma izinkumbulo ezingajabulisi. (Isaya 65:17) Ngaleso sikhathi, bonke abantu abangenayo inzondo “bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo.”—IHubo 37:11.
Uyakulangazelela yini ukuphila emhlabeni onjalo? Ngisho kwamanje, abantu abaningi bafunda ukuyeka ukuba nenzondo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli. (IHubo 37:8) Yilokho kanye izigidi zoFakazi BakaJehova ezikwenzayo emhlabeni wonke. Nakuba zazinamasiko nezizinda ezihlukahlukene, zonke zijabulela ukuba umndeni onothando nonobunye.—Isaya 2:2-4.
OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukuhlanganyela nawe lokho abaye bakufunda mayelana nendlela yokubhekana nokungabi nabulungisa nobandlululo. Okufundayo kungakusiza ususe imizwa yenzondo kancane kancane futhi uqale ukuba nothando. Ungafunda ukuba nomusa kubo bonke abantu—ngisho nakubantu abangabongi noma abanenzondo. Ngenxa yalokho, uzojabula ngisho nakakhulu manje futhi ubuhlobo bakho nabanye buyoba buhle nakakhulu. Ngaphezu kwalokho, uzofunda ngalokho ongakwenza ukuze uphile ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu lapho inzondo iyobe ingasekho phakade.—IHubo 37:29.