Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • wp22 No. 1 kk. 12-13
  • 4 | Nqoba Inzondo Ngosizo LukaNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • 4 | Nqoba Inzondo Ngosizo LukaNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhayibheli Lithi:
  • Lokho Okukushoyo:
  • Lokho Ongakwenza:
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • AmaWaldenses—Izihlubuki Noma Abafuni Beqiniso?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Indlela Yokuqeda Ukuzondana Okungapheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
  • Singayinqoba Inzondo!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2022
wp22 No. 1 kk. 12-13
Abantu basondela ngaseBhayibhelini elikhulu elivuliwe elibakhanyisayo. Izithunzi zabo zibonisa inzondo ababenayo.

INDLELA YOKUQEDA UKUZONDANA OKUNGAPHELI

4 | Nqoba Inzondo Ngosizo Lukankulunkulu

IBhayibheli Lithi:

“Izithelo zomoya ziluthando, injabulo, ukuthula, ukubekezela, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.”​—GALATHIYA 5:22, 23.

Lokho Okukushoyo:

Ukuzondana okungapheli kunganqotshwa kuphela ngosizo lukaNkulunkulu. Umoya wakhe ongcwele ungasisiza sibe nobuntu ebesingeke sibe nabo ngamandla ethu. Ngakho kunokuzama ukunqoba inzondo ngamandla ethu, senza kahle ngokuncika osizweni esilunikezwa uNkulunkulu. Uma sincika kuNkulunkulu, singase sizizwe njengomphostoli uPawulu owabhala: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.” (Filipi 4:13) Ngempela, siyosho kugcwale umlomo ukuthi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”​—IHubo 121:2.

Lokho Ongakwenza:

“UJehova uye wangiguqula ngasuka ekubeni umuntu onobudlova ngaba umuntu onokuthula.”​—UWALDO

Thandaza kuJehova, umcele ngobuqotho ukuba akuphe umoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13) Cela uNkulunkulu akusize ukuba ube nobuntu obuhle. Funda ngalokho okushiwo yiBhayibheli mayelana nezimfanelo ezizokusiza ususe inzondo, ezinjengothando, ukuthula, ukubekezela nokuzithiba. Bheka izindlela zokuhlakulela lezo zimfanelo ekuphileni kwakho. Yiba nabangane abazama ukuthuthukisa izimfanelo ezinjalo. Abantu abanjalo bangakusiza ‘uvuselele uthando nemisebenzi emihle.’​—Hebheru 10:24.

Indaba Yokuphila​—UWALDO

Wanqoba Ubudlova Obubangelwa Yinzondo

UWaldo.

UWaldo wakhula kanzima okwambangela ukuba agcwale inzondo. Uyachaza: “Ngangihlale ngisezimpini zasemgwaqweni ngilwa nabadayisa izidakamizwa . . . Ngesinye isikhathi, iqembu lezigelekeqe esasingezwani nalo laqasha umsocongi owaziwayo ukuba angibulale, kodwa ngakwazi ukuphunyuka nginenxeba lokugwazwa kuphela.”

UWaldo wayengajabule neze lapho umkakhe eqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Uthi: “Ngangibazonda oFakazi, futhi izikhathi eziningi ngangibachapha ngenhlamba. Kodwa babesabela ngendlela enokuthula njalo.”

Ekugcineni, uWaldo naye waqala ukufunda iBhayibheli. Uthi: “Kwakungelula ukusebenzisa engangikufunda. Ngangiqiniseka ukuthi ngangingasoze ngakwazi ukulawula isimo sami sokuba nobudlova.” Kodwa okuthile akufunda eBhayibhelini kwenza umehluko omkhulu.

UWaldo uyachaza: “Ngolunye usuku, umuntu owayengifundisa, u-Alejandro, wangicela ukuba ngifunde eyabaseGalathiya 5:22, 23. . . . U-Alejandro wangichazela ukuthi ukuba nalezo zimfanelo kwakungaxhomekile emandleni ami siqu, kodwa kwakuxhomeke emoyeni ongcwele kaNkulunkulu. Lelo qiniso lawushintsha ngokuphelele umbono wami!”

Ngokuncika osizweni oluvela kuNkulunkulu, uWaldo waphumelela ekunqobeni inzondo engapheli ekuphileni kwakhe. Uthi: “Izihlobo zami nalabo ababengabangane bami abayikholwa indlela engishintshe ngayo.” Uyenezela: “UJehova uye wangiguqula ngasuka ekubeni umuntu onobudlova ngaba umuntu onokuthula.”

Funda okwengeziwe ngendaba kaWaldo kuyi-Nqabayokulinda ka-Okthoba 1, 2013, amakhasi 12-13.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela