Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w24 Juni k. 32
  • Unalo Yini Ukholo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Unalo Yini Ukholo?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bonisa Ukholo Lwakho Ezithembisweni ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2016 (Efundwayo)
  • Ukholo—Imfanelo Esisiza Siqine
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Bonisa Ukholo Olusekelwe Eqinisweni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • “Siphe Ukholo Olwengeziwe”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
w24 Juni k. 32

INKULUMO ESEBHAYIBHELINI

Unalo Yini Ukholo?

Ukuze sijabulise uJehova kumele sibe nokholo. Nokho, iBhayibheli lithi “ukholo alulona olwabo bonke abantu.” (2 Thes. 3:2) Umphostoli uPawulu wakhuluma ‘ngabantu’ ababemshushisa, “abalimazayo nababi” ayedinga ukukhululwa kubo. Kodwa lokho akusho mayelana nokholo kunencazelo ebanzi. Abanye abantu bakhetha ukungabunaki ubufakazi obusobala bokuthi ukhona uMdali—uNkulunkulu. (Roma 1:20) Abanye bangase bathi bayakholelwa ukuthi kukhona okuthile noma othile onamandla amakhulu kunawethu. Kodwa sidinga okungaphezu kwaleyo nkolelo ukuze sijabulise uJehova.

Kudingeka siqiniseke ukuthi uJehova ukhona futhi “uyabavuza” labo abanokholo oluqinile. (Heb. 11:6) Ukholo esinye sezithelo zomoya wakhe ongcwele. Ukuthandaza kuJehova kungamsiza umuntu athole umoya ongcwele. (Luka 11:​9, 10, 13) Indlela eyinhloko yokuthola lowo moya ukuba sifunde iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Singabe sesicabanga ngalokho esikufundayo bese sizama ukukusebenzisa. Umoya kaJehova ungathonya indlela esiphila ngayo, usisize sibe nokholo olumjabulisayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela