Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w24 Septhemba k. 32
  • Zama Ukufunda Izinto Ezintsha Lapho Utadisha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zama Ukufunda Izinto Ezintsha Lapho Utadisha
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJehova Uyabanakekela Abantu Bakhe
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2017
  • Ukutadisha Kuyazuzisa
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukuthola Injabulo Ezwini LikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Landela Isibonelo Samakhosi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
w24 Septhemba k. 32

AMACEBISO OKUTADISHA

Zama Ukufunda Izinto Ezintsha Lapho Utadisha

Njengoba silungiselela ukutadisha, singase sizibuze, ‘Yini engilindele ukuyifunda?’ Nokho, senza kahle ngokuqaphela ukuthi lokho esilindele ukukufunda kungasenzi singakunaki lokho uJehova asifundisa kona. Yini esingayenza ukuze silungele ukufunda izinto ezintsha lapho sitadisha?

Thandaza ucele ukuhlakanipha. Cela uJehova akusize uqonde lokho afuna ukukufundisa kona manje. (Jak. 1:5) Gwema ukuthembela kuphela kulokho osukwazi kakade.—IzAga 3:​5, 6.

Vumela amandla eZwi likaNkulunkulu asebenze ekuphileni kwakho. “Izwi likaNkulunkulu liyaphila.” (Heb. 4:12) “Izwi” likaNkulunkulu eliphilayo lingasithinta ngezindlela ezihlukahlukene isikhathi ngasinye lapho sifunda iBhayibheli—kodwa lokho kuyokwenzeka kuphela uma sizimisele ukuzuza noma ukufunda kulo.

Bonisa ukubonga ngakho konke okusetafuleni likaJehova. Ukudla okungokomoya asinika kona kufana ‘nedili lezibiliboco.’ (Isaya 25:6) Gwema ukweqa izihloko ocabanga ukuthi ngeke uzijabulele. Ngokwenza kanjalo ngeke nje ugcine ngokuzuza, kodwa uyokujabulela kakhulu lokho uNkulunkulu akunika kona!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela