ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 12
INGOMA 119 Kumelwe Sibe Nokholo
Qhubeka Uhamba Ngokholo
“Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.”—2 KOR. 5:7.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngendlela esingaqhubeka ngayo sihamba ngokholo lapho senza izinqumo ezibalulekile.
1. Kungani umphostoli uPawulu ayenelisekile lapho ecabanga ngokuphila kwakhe?
NGESINYE isikhathi, umphostoli uPawulu wayazi ukuthi kungekudala wayezobulawa, kodwa lapho ecabanga ngokuphila kwakhe wayenelisekile ngakho. Wathi: “Ngiwugijimile umncintiswano ngaze ngayoqeda, ngilugcinile ukholo.” (2 Thim. 4:6-8) UPawulu wayenze izinqumo ezinhle enkonzweni yakhe yobuKristu futhi wayeqiniseka ukuthi uJehova wayejabula ngaye. Nathi sifuna ukwenza izinqumo ezinhle futhi samukelwe uNkulunkulu. Singakwenza kanjani lokho?
2. Kusho ukuthini ukuhamba ngokholo?
2 Lapho ekhuluma ngaye nangamanye amaKristu, uPawulu wathi: “Sihamba ngokholo, hhayi ngokubona.” (2 Kor. 5:7) Wayesho ukuthini uPawulu? EBhayibhelini, ngezinye izikhathi igama elithi “ukuhamba” libhekisela endleleni umuntu akhetha ukuphila ngayo. Lapho umuntu ehamba ngokubona nje kuphela, wenza izinqumo ezisekelwe kulokho akubonayo, akuzwayo nasendleleni azizwa ngayo kuphela. Ngakolunye uhlangothi, lapho umuntu ehamba ngokholo, wenza izinqumo ezisekelwe endleleni athembele ngayo kuJehova uNkulunkulu. Izenzo zakhe zibonisa ukuthi uyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzomvuza futhi uzozuza ngokulalela iseluleko esitholakala eZwini laKhe.—IHu. 119:66; Heb. 11:6.
3. Sizuzani ngokuhamba ngokholo? (2 Korinte 4:18)
3 Yiqiniso ukuthi sonke ezinye izinqumo sizenza ngokwalokho esikwazi ukukubona, esikuzwayo nendlela esizizwa ngayo. Nokho, maningi amathuba okuthi siyobhekana nezinkinga uma sicabanga ngalokho esikubonayo noma esikuzwayo kuphela lapho senza izinqumo ezibalulekile. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yokuthi ngezinye izikhathi lokho esikubonayo nesikuzwayo kungase kusikhohlise. Ngisho noma kungenjalo, uma sihamba ngokubona kuphela, singagcina singasayinaki intando kaNkulunkulu noma iseluleko sakhe. (UmSh. 11:9; Math. 24:37-39) Nokho, uma sihamba ngokholo, maningi amathuba okuthi siyokwenza izinqumo ‘ezamukelekayo eNkosini.’ (Efe. 5:10) Ukulalela iseluleko sikaNkulunkulu kuyosenza sibe nokuthula futhi sijabule ngempela. (IHu. 16:8, 9; Isaya 48:17, 18) Uma siqhubeka sihamba ngokholo, siyophila phakade.—Funda eyesi-2 Korinte 4:18.
4. Umuntu angabona kanjani ukuthi uhamba ngokholo noma ngokubona?
4 Singabona kanjani ukuthi sihamba ngokholo noma ngokubona? Empeleni, sonke kudingeka sizibuze le mibuzo: Yini ethonya izinqumo zami? Ingabe ngithonywa izinto engizibonayo kuphela? Noma, ingabe ngithembela kuJehova naseselulekweni sakhe? Ake sixoxe ngokuthi singaqhubeka kanjani sihamba ngokholo kulezi zinto ezintathu ezibalulekile: lapho sikhetha umsebenzi wokuziphilisa, lapho sikhetha umuntu esizoshada naye, nalapho sithola isiqondiso esivela enhlanganweni. Esimweni ngasinye, sizoxoxa ngezinto okufanele sicabange ngazo ukuze senze izinqumo ezihlakaniphile.
LAPHO UKHETHA UMSEBENZI WOKUZIPHILISA
5. Yini okufanele sicabange ngayo lapho sikhetha umsebenzi wokuziphilisa?
5 Sonke singathanda ukunakekela izidingo zethu nezemindeni yethu. (UmSh. 7:12; 1 Thim. 5:8) Eminye imisebenzi iholela kahle. Leyo misebenzi ingakwenza ukwazi ukunakekela izidingo zomndeni wakho nokubekela eceleni imali ethile ozoyisebenzisa esikhathini esizayo. Kanti eminye ikwazi ukukuholela imali onganakekela ngayo izidingo eziyisisekelo kuphela. Lapho sinquma ukuthi yimuphi umsebenzi esizowuthatha, kuyaqondakala ukuthi siyocabanga ngokuthi siyohola malini. Nokho, uma kuyilokho kuphela esicabanga ngakho, lokho kungasho ukuthi sihamba ngokubona.
6. Singahamba kanjani ngokholo lapho sikhetha umsebenzi wokuziphilisa? (Hebheru 13:5)
6 Uma sihamba ngokholo, siyocabanga nangokuthi umsebenzi esiwukhethayo ungabuthinta kanjani ubungani bethu noJehova. Singase sizibuze: ‘Ingabe lo msebenzi uzodinga ngenze izinto uJehova azizondayo?’ (IzAga 6:16-19) ‘Ingabe uzophazamisa indlela engikhonza ngayo uJehova futhi mhlawumbe ungenze ngingahlali nomndeni wami isikhathi eside?’ (Fil. 1:10) Uma impendulo inguyebo emibuzweni efana nale, kuyoba ukuhlakanipha ukungawuthathi lowo msebenzi, ngisho noma kunzima ukuthola umsebenzi. Ngenxa yokuthi sihamba ngokholo, senza izinqumo ezibonisa ukuthi siyaqiniseka ukuthi ngandlela-thile uJehova uzozinakekela izidingo zethu.—Math. 6:33; funda eyamaHebheru 13:5.
7-8. Umzalwane waseNingizimu Melika wahamba kanjani ngokholo? (Bheka nesithombe.)
7 Bona indlela uJavier,a umzalwane waseNingizimu Melika, abonisa ngayo ukuthi wayekwazi ukubaluleka kokuhamba ngokholo. Uthi: “Ngangifake isicelo somsebenzi osezingeni eliphezulu, owawuzowuphinda kabili umholo wami nowawuzongenza ngiphile kahle.” Nokho, uJavier wayefuna ngempela ukuba yiphayona. Uyaqhubeka: “Ngabizwa ukuba ngizokwenza i-interview nomphathi omkhulu wenkampani. Ngaphambi kokuba i-interview iqale, ngathandaza kuJehova ngimcela ukuba angisize, ngiqiniseka ngokuthi wayazi ukuthi yini eyayingilungele. Ngangifuna ukuthuthuka emsebenzini wokuziphilisa, kodwa ngangingawufuni lowo msebenzi uma wawungeke ungisize ngifinyelele imigomo yami engokomoya.”
8 UJavier uyalandisa: “Njengoba ngangenza i-interview, umphathi wangitshela ukuthi kwakuzodingeka ngisebenze amahora engeziwe izikhathi eziningi. Ngomusa, ngamchazela ukuthi ngangingeke ngikwazi ukukwenza lokho ngenxa yenkonzo yami.” Ngakho uJavier wanquma ukungawuthathi lowo msebenzi. Ngemva kwamasonto amabili, waqala ukuphayona. Kamuva ngalowo nyaka, wathola umsebenzi ayezosebenza kuwo izinsuku ezithile. Uthi: “UJehova wayizwa imithandazo yami, wanginika umsebenzi ongangqubuzani nesimiso sami sokuphayona. Ngijabula ngempela ngokuthola umsebenzi ongivumela ukuba ngenzele uJehova nabafowethu okwengeziwe.”
Uma unyuselwa esikhundleni esiphezulu emsebenzini, ingabe lokho oyokhetha ukukwenza kuyobonisa ukuthi uyaqiniseka ukuthi uJehova uyazi ukuthi yini ekulungele? (Bheka izigaba 7-8)
9. Ufundani esibonelweni sikaTrésor?
9 Kuthiwani uma siqaphela ukuthi umsebenzi wokuziphilisa esiwenzayo njengamanje awusivumeli ukuba sihambe ngokholo? Cabanga ngesibonelo sikaTrésor waseCongo. Uyalandisa: “Umsebenzi wami omusha kwakuwumsebenzi engangihlale ngilangazelela ukuwuthola. Wawuliphinda kathathu iholo engangilithola emsebenzini wami odlule futhi ngangihlonishwa kakhulu.” Nokho, uTrésor wayevame ukungabi bikho emihlanganweni yebandla ngenxa yokusebenza amahora engeziwe. Wayecindezelwa nokuba enze izenzo zokungathembeki emsebenzini. UTrésor wayefuna ukuyeka emsebenzini, kodwa wayekhathazwa ukuhlala ekhaya engasebenzi. Yini eyamsiza? Uthi: “UHabakuki 3:17-19 wangisiza ngaqonda ukuthi ngisho noma ngangingalahlekelwa yimali engangiyihola, ngandlela-thile uJehova wayezonginakekela. Ngakho ngayeka emsebenzini.” Uyachaza: “Abaqashi abaningi bacabanga ukuthi umuntu uyodela noma yini ngenxa yomsebenzi oholela kahle, okuhlanganisa umndeni wakho nezinto ezingokomoya. Ngiyajabula ngokuthi ngabuvikela ubuhlobo bami noJehova nobuhlobo bami nomndeni wami. Ngemva konyaka, uJehova wangisiza ngathola umsebenzi okahle, ongisiza ngikwazi ukunakekela izidingo zami futhi ngibe nesikhathi esengeziwe enkonzweni kaJehova. Lapho sibeka uJehova kuqala ekuphileni kwethu, singase sidonse kanzima ngokwezimali okwesikhathi esithile, kodwa uJehova uyosinakekela.” Ngempela, uma sisethemba iseluleko sikaJehova nezithembiso zakhe, siyoqhubeka sihamba ngokholo futhi uyosibusisa.
LAPHO UKHETHA UMUNTU OZOSHADA NAYE
10. Yini engasenza sihambe ngokubona lapho sikhetha umuntu esizoshada naye?
10 Umshado uyisipho esivela kuJehova futhi kungokwemvelo ukufuna ukushada. Lapho ecabanga ngomzalwane angase ashade naye, udade angase acabange ngobuntu balowo mzalwane, indlela abukeka ngayo, idumela lakhe, isimo sakhe sezimali, imithwalo anayo emndenini nokuthi umenza azizwe kanjani.b Zonke lezi zinto zibalulekile. Nokho, uma ecabanga ngalezi zinto kuphela, kungenzeka uhamba ngokubona.
11. Singahamba kanjani ngokholo uma kuziwa endabeni yokukhetha umuntu esizoshada naye? (1 Korinte 7:39)
11 UJehova uziqhenya kakhulu ngabafowethu nodadewethu abalalela iseluleko sakhe uma kuziwa endabeni yokukhetha umuntu abazoshada naye! Ngokwesibonelo, balalela iseluleko seBhayibheli sokuba balinde kuze kube yilapho “sekudlule ukuqhuma kobusha” ngaphambi kokuba baqale ukuthandana nothile. (1 Kor. 7:36) Lapho becabanga ngomuntu abangase bashade naye, bagxila kakhulu ezimfanelweni uJehova athi umyeni okahle nonkosikazi okahle kufanele babe nazo. (IzAga 31:10-13, 26-28; Efe. 5:33; 1 Thim. 5:8) Uma umuntu ongeyena uFakazi ebonisa ukuthi uyabathanda, balalela iseluleko esithi mabashade “kuphela eNkosini,” esitholakala kweyoku-1 Korinte 7:39. (Yifunde.) Bayaqhubeka behamba ngokholo, beqiniseka ukuthi uJehova angazinakekela kangcono izidingo zabo ezingokomzwelo ukwedlula noma ubani.—IHu. 55:22.
12. Sifundani esibonelweni sikaRosa?
12 Cabanga ngesibonelo sikaRosa, iphayona laseColombia. Umsebenzi wakhe wawumenza axhumane njalo nendoda engeyena uFakazi, eyaqala ukwenza izinto ezibonisa ukuthi iyamthanda. URosa naye yayimchaza le ndoda. Uthi: “Wayebonakala eyindoda ekahle ngempela. Wayevolontiya emphakathini, nendlela ayephila ngayo yayiyinhle. Ngangiyithanda indlela ayengiphatha ngayo. Wayenazo zonke izimfanelo engangizifuna kumyeni, into eyayishoda nje ukuthi wayengeyena uFakazi.” Uyaqhubeka: “Kwakunzima ukumtshela ukuthi angifuni ukuthandana naye ngoba ngaphakathi ngangifuna ukuthandana naye. Ngaleso sikhathi, ngangizizwa nginesizungu futhi ngangifuna ukushada, kodwa ngangingakamtholi umuntu engingashada naye owuFakazi.” Noma kunjalo, uRosa akagxilanga kulokho ayekwazi ukukubona kuphela. Wacabanga ngendlela isinqumo sakhe esasiyobuthinta ngayo ubungani bakhe noJehova. Ngakho, wayeka ngokuphelele ukuxhumana naleyo ndoda, waqhubeka ematasa enkonzweni kaJehova. Ngokushesha ngemva kwalokho, wamenywa eSikoleni Sabashumayeli Bevangeli LoMbuso futhi manje useyiphayona elikhethekile. URosa uthi: “UJehova ungenze ngajabula kakhulu.” Nakuba kungase kungabi lula ukuhamba ngokholo ezindabeni ezithinta imizwa yethu, kuhlale kuzuzisa ukwenza kanjalo.
LAPHO UTHOLA ISIQONDISO ESIVELA ENHLANGANWENI
13. Yini engasenza sihambe ngokubona lapho sithola isiqondiso esivela enhlanganweni?
13 Sivame ukuthola isiqondiso esivela enhlanganweni, esisisiza endleleni esikhonza ngayo uJehova—kungenzeka sivela kubadala bebandla, kubabonisi besigodi, ehhovisi legatsha noma eNdikimbeni Ebusayo. Kodwa kuthiwani uma ngezinye izikhathi singaqondi ukuthi kungani kukhishwe isiqondiso esithile? Singase sibone nje imiphumela emibi leso siqondiso esingaba nayo kithi. Singase siqale nokugxila emaphutheni abazalwane abakhiphe leso siqondiso.
14. Yini eyosisiza sihambe ngokholo lapho sithola isiqondiso esivela enhlanganweni? (Hebheru 13:17)
14 Lapho sihamba ngokholo, sikholelwa ukuthi nguJehova oqondisa inhlangano yakhe futhi uyazazi izimo zethu. Ngenxa yalokho, siyashesha ukulalela futhi lokho sikwenza sinombono omuhle. (Funda eyamaHebheru 13:17.) Siyaqaphela ukuthi ukulalela kwethu kuba nesandla ekwenzeni ibandla libe nobunye. (Efe. 4:2, 3) Sikholelwa ukuthi ngisho noma abazalwane abaholayo bewenza amaphutha, uJehova uyokubusisa ukulalela kwethu. (1 Sam. 15:22) Ngesikhathi esifanele, uyolungisa noma yini edinga ukulungiswa.—Mika 7:7.
15-16. Yini eyasiza umzalwane ukuba ahambe ngokholo ngisho noma ayesingabaza isiqondiso ayesitholile? (Bheka nesithombe.)
15 Cabanga ngesibonelo esiveza indlela okuzuzisa ngayo ukuhamba ngokholo. EPeru, nakuba bebaningi abantu abakhuluma iSpanishi, abaninikhaya abaningi bakhuluma izilimi zomdabu. Olunye lwalezo zilimi isiQuechua. Kwaphela iminyaka eminingi abazalwane nodade abakhuluma isiQuechua becinga abantu abakhuluma isiQuechua ensimini. Nokho, ukuze kwenziwe ngokuvumelana nemithetho kahulumeni, kwenziwa ushintsho endleleni yokuthola labo bantu. (Roma 13:1) Ngenxa yalokho, abanye babezibuza ukuthi lolo shintsho ngeke yini luyiphazamise insimu. Ngenxa yokuthi abazalwane bahambisana nalolo shintsho, uJehova wayibusisa imizamo yabo yokuthola abantu abaningi abakhuluma isiQuechua.
16 UKevin, umdala osebandleni lesiQuechua, wayephakathi kwalabo ababekhathazekile. Uyachaza: “Ngangizibuza, ‘Sesizobathola kanjani-ke manje abantu abakhuluma isiQuechua?’” Wenzenjani uKevin? Uthi: “Ngacabanga ngezAga 3:5. Ngacabanga nangoMose. Kwakudingeka ahole ama-Israyeli awakhiphe eGibhithe, okwakubonakala kuyinto engenakwenzeka ngoba kwakubonakala sengathi ayengeke akwazi ukuphunyuka kwabaseGibhithe ababewajaha. Noma kunjalo, uMose walalela futhi uJehova wakubusisa ngendlela emangalisayo ukulalela kwakhe.” (Eks. 14:1, 2, 9-11, 21, 22) UKevin wayezimisele ukushintsha indlela ayeshumayela ngayo. Waba yini umphumela? Uthi: “Yangimangaza indlela uJehova asibusisa ngayo. Esikhathini esidlule, sasihamba amabanga amade ensimini futhi ngezinye izikhathi sithole umuntu okhuluma isiQuechua oyedwa noma ababili. Manje sesigxile emasimini anabantu abaningi abakhuluma isiQuechua. Ngenxa yalokho, baningi abantu esiqalisa nabo izingxoxo, esibuyela kubo nesifunda nabo iBhayibheli. Sebebaningi abantu abeza emihlanganweni yebandla.” Ngempela, lapho sihamba ngokholo, uJehova uhlale esibusisa.
Abazalwane bathola ukuthi abantu abaningi ababehlangana nabo babekwazi ukubakhombisa lapho bengathola khona abantu abakhuluma isiQuechua (Bheka izigaba 15-16)
17. Ufundeni kulesi sihloko?
17 Sixoxe ngezinto ezintathu okubaluleke kakhulu ukuba siqhubeke sihamba ngokholo kuzo. Kodwa kumele siqhubeke sihamba ngokholo kukho konke esikwenzayo, njengalapho sikhetha ezokuzijabulisa noma ezemidlalo, nalapho senza izinqumo eziphathelene nemfundo noma ukukhulisa izingane. Kunoma yiziphi izinqumo okudingeka sizenze, akufanele silawulwe yilokho esikwazi ukukubona kuphela, kodwa kufanele sicabange nangobuhlobo bethu noJehova, iseluleko sakhe nesithembiso sakhe sokuthi uzosinakekela. Uma senza kanjalo, siyokwazi ‘ukuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.’—Mika 4:5.
INGOMA 156 Nginokholo
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Ukuze kube lula, lesi sigaba sikhuluma ngodade ofuna umzalwane azoshada naye. Lesi seluleko siyasebenza nakumzalwane ofuna udade azoshada naye.