ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 17
INGOMA 99 Abazalwane Abaningi
Asisodwa Neze
“Ngizokusiza.”—ISAYA 41:10.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizoxoxa ngezindlela ezine uJehova asinakekela ngazo.
1-2. (a) Kungani singathi asisodwa lapho sibhekene novivinyo? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?
LAPHO sibhekene novivinyo olunzima, singase sizwe sengathi sisodwa ehlathini elicinene futhi asazi ukuthi siphume kanjani kulo. Nokho, asisodwa lapho sibhekene novivinyo. UBaba wethu osezulwini onothando akagcini nje ngokubona ubunzima esibhekene nabo, kodwa uthembisa nokusisiza sibhekane nabo. Ngenxa yokuthi uyasithanda, uJehova uthi ezincekwini zakhe eziqotho: “Ngizokusiza.”—Isaya 41:10.
2 Kulesi sihloko sizoxoxa ngokuthi uJehova usisiza kanjani (1) ngokusihola, (2) ngokusinika esikudingayo, (3) ngokusivikela, (4) nangokusiduduza. UJehova usiqinisekisa ngokuthi kungakhathaliseki ukuthi yiziphi izinselele esibhekana nazo ekuphileni, akasoze asikhohlwa. Akasoze asilahla. Ngakho asisodwa neze.
UJEHOVA UYASIHOLA
3-4. UJehova usihola kanjani? (IHubo 48:14)
3 Funda iHubo 48:14. UJehova akalindele ukuba sizihole thina. Ubahola kanjani abakhulekeli bakhe abaqotho namuhla? Enye indlela ayisebenzisayo ukuze abahole yiBhayibheli. (IHu. 119:105) NgeZwi lakhe eliphefumulelwe, uJehova usisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile nokuba sibe nezimfanelo ezizosenza sijabule ngisho nakakhulu manje, nalapho sesiphila phakade esikhathini esizayo.a Ngokwesibonelo, usifundisa ukuba singabambi amagqubu, sithembeke kukho konke esikwenzayo futhi sibathande kakhulu abanye ngokusuka enhliziyweni. (IHu. 37:8; Heb. 13:18; 1 Pet. 1:22) Lapho sibonisa lezi zimfanelo ezijabulisa uNkulunkulu, siba abazali abangcono, amakhosikazi nabayeni abangcono, nabangani abangcono.
4 Ngaphezu kwalokho, eZwini lakhe uJehova usitshela ngabantu ababhekana novivinyo njengathi nababenemizwa efana neyethu. (1 Kor. 10:13; Jak. 5:17) Lapho sifunda ngezindaba zabo eziyiqiniso futhi sisebenzisa izifundo esizithola kuzo, okungenani sizuza ngezindlela ezimbili. Eyokuqala, siyaqaphela ukuthi asisodwa—nabanye baye babhekana nezimo ezifanayo futhi bazikhuthazelela ngosizo lukaJehova. (1 Pet. 5:9) Eyesibili, sifunda ukuthi singalukhuthazelela kanjani uvivinyo esibhekene nalo.—Roma 15:4.
5. Obani uJehova abasebenzisayo ukuba basihole endleleni eya ekuphileni?
5 UJehova usebenzisa nesikholwa nabo ukuba basihole.b Ngokwesibonelo, ababonisi besigodi bavakashela amabandla njalo ukuze basikhuthaze. Izinkulumo zabo ziqinisa ukholo lwethu, zisisize nokuba silondoloze ubunye bethu obuyigugu. (IzEnzo 15:40–16:5) Abadala bamabandla nabo basebenza kanzima ukuze basize ummemezeli ngamunye ahlale esondelene noJehova. (1 Pet. 5:2, 3) Abazali bahola izingane zabo ngokomoya, bazisize ukuba zilisebenzise kahle ikhono lokucabanga futhi zibe nemikhuba emihle. (IzAga 22:6) Owesifazane ongumKristu ovuthiwe usiza odade abasebasha ngokubabekela isibonelo esihle, ngokubanika iseluleko esiwusizo nangokubakhuthaza.—Thithu 2:3-5.
6. Yini okumele siyenze ukuze sizuze ekuholweni uJehova?
6 UJehova uyenzile ingxenye yakhe ngokuthi asihole ngendlela esizuzisayo. Singabonisa kanjani ukuthi siyabonga ngalokho asenzele kona? IzAga 3:5, 6 zithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungathembeli kokwakho ukuqonda.” Lapho senza kanjalo, “uyokwenza izindlela [zethu] ziqonde,” okusho ukuthi uyosisiza sigweme izinkinga eziningi futhi sikujabulele ngisho nakakhulu ukuphila. Sibonga kakhulu ngokuthi uJehova usinika iseluleko esinothando nesizuzisa ngamunye wethu!—IHu. 32:8.
UJEHOVA USINIKA ESIKUDINGAYO
7. Yiziphi ezinye izindlela uJehova asinakekela ngazo? (Filipi 4:19)
7 Funda eyabaseFilipi 4:19. Ngaphezu kokusihola ngokomoya, uJehova ubusisa imizamo yethu yokuthola ukudla, izingubo zokugqoka nendawo yokuhlala esiyidingayo. (Math. 6:33; 2 Thes. 3:12) Nakuba kungokwemvelo ukukhathazeka ngezinto esizidingayo, uJehova usikhuthaza ukuba singakhathazeki ngokweqile ngezinto ezinjalo. (Math. 6:25) Kungani? Kungenxa yokuthi uBaba wethu akasoze abalahle abakhulekeli bakhe abathembekile lapho bedinga usizo. (Math. 6:8; Heb. 13:5) Singamethemba ngokuphelele lapho ethi uzosinakekela.
8. Yini uJehova ayenzela uDavide?
8 Cabanga ngendlela uJehova asiza ngayo uDavide. Phakathi neminyaka enzima uDavide ayichitha engumbaleki, uJehova wanika yena namadoda ayekanye naye lokho ababekudinga ukuze baphile. Lapho ecabanga ngendlela uJehova amnakekela ngayo phakathi naleyo minyaka, uDavide wathi: “Ngake ngaba musha, manje sengikhulile, kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, noma izingane zakhe ziswele ukudla.” (IHu. 37:25) Kungenzeka nawe uyibonile indlela uJehova azinakekela ngayo ngothando izinceku zakhe ezizinikele kuye.
9. UJehova ubanakekela kanjani abantu bakhe namuhla lapho kugadle inhlekelele? (Bheka nezithombe.)
9 UJehova uyabanakekela abantu bakhe nalapho kugadla inhlekelele. Ngokwesibonelo, ngesikhathi kunendlala ngekhulu lokuqala, amaKristu asezindaweni ezihlukahlukene athumelela abafowabo nodadewabo izinto ababezidinga. (IzE. 11:27-30; Roma 15:25, 26) Nanamuhla abantu bakaNkulunkulu babonisa umoya ofanayo wokupha. Lapho kugadla inhlekelele, uJehova uthinta izinhliziyo zabantu bakhe ukuba banike labo abahlala kulezo zindawo ezithintekile ukudla, amanzi, izingubo zokugqoka nemithi yokwelapha. Abafowethu nodadewethu abasebenza kwezokwakha balungisa umonakalo owenzeke ezindlini nasemaHholo OMbuso ngenxa yenhlekelele. Izinceku zikaJehova ziyashesha ukubasiza ngokomzwelo nongokomoya labo abalahlekelwe imizi yabo noma abashonelwe yizihlobo zabo.
UJehova usiduduza kanjani lapho kugadle inhlekelele? (Bheka isigaba 9)d
10-11. Ufundani kulokho okwenzeka kuBorys?
10 UJehova ubanakekela ngothando nalabo abangakamkhonzi. Nathi sibheka amathuba okubabonisa umusa labo abangakamkhonzi uJehova. (Gal. 6:10) Ngokuvamile lokho kusivulela amathuba okubasiza bazi okwengeziwe ngathi nangoJehova. Cabanga ngesibonelo sikaBorys, uthishanhloko ohlala e-Ukraine. Nakuba uBorys engeyena omunye woFakazi BakaJehova, wayehlale ebabonisa umusa abafundi abangoFakazi abafunda esikoleni sakhe futhi wayezihlonipha izinkolelo zabo. Lapho uBorys enquma ukubaleka endaweni ayehlala kuyo ngenxa yokuthi kwakunempi, ukuze aye endaweni ephephile, abafowethu bamsiza. Kamuva, uBorys waya eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. Lapho ecabanga ngakho konke abafowethu abamenzela kona, uBorys wathi: “OFakazi bangibonisa umusa omkhulu futhi banginakekela. Ngiyabonga kakhulu koFakazi BakaJehova.”
11 Nathi singamlingisa uBaba wethu osezulwini onesihe ngokubabonisa uthando labo abadinga usizo, kungakhathaliseki ukuthi banezinkolelo ezifana nezethu noma cha. (Luka 6:31, 36) Sethemba ukuthi imizamo yethu yokubonisa abantu uthando iyobenza bafune ukuba abafundi bakaKristu. (1 Pet. 2:12) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi bakhetha ukukhonza uJehova noma cha, siyoba nenjabulo eyengeziwe etholakala ngokupha.—IzE. 20:35.
UJEHOVA UYASIVIKELA
12. UJehova uthembisa ukubavikela kanjani abantu bakhe njengeqembu? (IHubo 91:1, 2, 14)
12 Funda iHubo 91:1, 2, 14. Namuhla, uJehova uthembisa ukuthi uzosivikela ngokomoya. Akasoze amvumele uSathane ukuba onakalise ukukhulekela kweqiniso. (Joh. 17:15) Lapho kuqala ‘usizi olukhulu,’ singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uJehova uyosigcina isithembiso sakhe sokuvikela abantu bakhe, hhayi nje ngokomoya kuphela kodwa nangokwenyama.—IsAm. 7:9, 14.
13. Yiziphi izindlela uJehova asivikela ngazo ngabanye?
13 UJehova usivikela kanjani ngabanye? Esebenzisa imiBhalo, uJehova usenza siqonde ukuthi yini elungile nengalungile. (Heb. 5:14) Lapho siphila ngezimiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, siyazivikela ekulimaleni ngokomoya nangokwenyama. (IHu. 91:4) Ngaphezu kwalokho, uJehova usivikela ngebandla. (Isaya 32:1, 2) Ngokuchitha isikhathi nalabo abathanda uJehova nabaphila ngezimiso zakhe, siyakhuthazeka futhi sithola amandla okumelana namathonya alimazayo.—IzAga 13:20.
14. (a) Kungani uNkulunkulu engasivikeli kulo lonke uvivinyo? (b) Lisiqinisekisa ngani iHubo 9:10? (Bheka nombhalo waphansi.)
14 Esikhathini esidlule, ngezinye izikhathi uJehova wayevikela abakhulekeli bakhe ezintweni ezizobalimaza noma ekubulaweni. Nokho, lokho wayengakwenzi ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi siba yizisulu ‘zezenzakalo ezingalindelekile.’ (UmSh. 9:11) Kanti futhi kuwo wonke umlando wesintu, uJehova uvumele ukuba izinceku zakhe zibhekane noshushiso ngisho nokufa imbala ukuze afakazele ukuthi uSathane ungumqambimanga. (Jobe 2:4-6; Math. 23:34) Kunjalo nanamuhla. Nakuba uJehova engase angalususi uvivinyo esibhekene nalo, singaqiniseka ukuthi akasoze abashiya labo abamthandayo.c—IHu. 9:10.
UJEHOVA UYASIDUDUZA
15. Umthandazo, iZwi likaNkulunkulu nesikholwa nabo kusiduduza kanjani? (2 Korinte 1:3, 4)
15 Funda eyesi-2 Korinte 1:3, 4. Ngezinye izikhathi sibhekana nosizi lokushonelwa, ukukhathazeka noma ukucindezeleka. Kungenzeka ubhekene nesimo esicindezelayo njengamanje esikwenza uzizwe uwedwa. Ukhona yini oqondayo ukuthi uzizwa kanjani? UJehova uyaqonda. Akagcini nje ngokuzwelana nathi lapho sizwa ubuhlungu, kodwa uphinde ‘asiduduze kuzo zonke izilingo zethu.’ Kanjani? Lapho sithandaza kuJehova simtshela konke okusenhliziyweni, usinika “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukuqonda.” (Fil. 4:6, 7) Siyaduduzeka nalapho sifunda amazwi uJehova asibhalele wona eBhayibhelini. Amazwi aphefumulelwe anothando, ukuhlakanipha nethemba akuleyo ncwadi eyigugu angasinika amandla. Imihlangano yobuKristu iyasiduduza ngokusinika isikhuthazo esisekelwe eBhayibhelini nangothando esiluthola kubafowethu nodadewethu.
16. Ufundani kulokho okwenzeka kuNathan noPriscilla?
16 Ukuze sifanekise indlela uJehova asiduduza ngayo nasikhuthaza ngayo esebenzisa iZwi lakhe, cabanga ngesibonelo sikaNathan noPriscilla, abahlala e-United States. Eminyakeni ethile edlule, banquma ukuthuthela endaweni enesidingo esikhulu sabamemezeli boMbuso. UNathan uthi, “Sasikholelwa ukuthi uJehova wayezoyibusisa imizamo yethu.” Nokho, ngemva kokuba sebefikile esabelweni sabo esisha, babhekana nezinkinga zempilo nezezimali ababengazilindele. Kwadingeka ukuba babuyele ekhaya futhi nalapho baqhubeka benezinkinga zezimali. UNathan uyakhumbula, “Ngangizibuza ukuthi kungani uNkulunkulu engasisizanga ngendlela esasilindele ukuba asisize ngayo. Ngaqala nokuzibuza ukuthi kukhona yini okubi engangikwenzile.” Nokho, ngokuhamba kwesikhathi, uNathan noPriscilla baqaphela ukuthi uNkulunkulu wayengabalahlanga. UNathan uthi, “Phakathi nalezo zikhathi ezinzima, iBhayibheli laba njengomngani ohlakaniphile owayesikhuthaza futhi esihola. Ukugxila endleleni uJehova asisiza ngayo sakhuthazelela ubunzima kunokugxila ovivinyweni kwasisiza saba nokholo lokuthi wayezosisiza sibhekane nezinselele esikhathini esizayo.”
17. Udade okuthiwa uHelga wayithola kanjani induduzo? (Bheka nesithombe.)
17 Abafowethu nodadewethu bangasiduduza nangezinye izindlela. Kanjani? Cabanga ngesibonelo sikaHelga, ohlala eHungary. Kwaphela amashumi eminyaka ebhekana nezinselele ezihlukahlukene ezamenza wazizwa ecindezelekile futhi engelusizo lwalutho. Kodwa uma ebheka emuva, uyayibona indlela uJehova amduduza ngayo esebenzisa ibandla. Uthi: “UJehova ubehlale engisiza lapho ebona ukuthi ngiphelelwa amandla ngenxa yomsebenzi wokuziphilisa, ukunakekela ingane yami egulayo nolunye uvivinyo. Kule minyaka engu-30 edlule, alukho usuku angazange asigcine ngalo isithembiso sakhe sokungiduduza. Ubevame ukungiqinisa ngamazwi anomusa, acatshangelwe kahle nazwakalisa ukubonga avela kwabanye. Bengivame ukuthola umyalezo, ikhadi noma nginconywe othile ngesikhathi ebengikudinga kakhulu ngaso lokho.”
UJehova angakusebenzisa kanjani ukuba ududuze abanye? (Bheka isigaba 17)
18. Singabaduduza kanjani abanye?
18 Sinelungelo lokulingisa uNkulunkulu wethu ngokuthi siduduze abanye. Singakwenza kanjani lokho? Singabalalela ngesineke, sibaduduze, sibasize nangezindlela ezingokoqobo. (IzAga 3:27) Siyazama ukududuza bonke abezwa ubuhlungu, kuhlanganise nalabo abangakamkhonzi uNkulunkulu. Lapho omakhelwane bethu bezwa ubuhlungu ngenxa yokushonelwa, ukugula noma lapho bekhathazekile, siyabavakashela, sibalalele, sibabonise nemiBhalo eduduzayo eseBhayibhelini. Lapho silingisa uJehova, “uNkulunkulu wenduduzo yonke,” singase singagcini nje ngokusiza esikholwa nabo bakhuthazelele uvivinyo, kodwa singathambisa nezinhliziyo zabangakholwa sibenze bafune ukukhonza uNkulunkulu ngendlela emsulwa.—Math. 5:16.
UJEHOVA UHLALE EKULUNGELE UKUSISIZA
19. Yini uJehova asenzela yona, futhi singamlingisa kanjani?
19 UJehova ubakhathalela ngokujulile bonke labo abamthandayo. Akasilahli lapho sibhekene nobunzima. Njengoba nje umzali eyinakekela ngothando ingane yakhe, noJehova uyabakhathalela abakhulekeli bakhe abathembekile. Uyasihola, asinike esikudingayo, asivikele futhi asiduduze. Lapho sisekela abanye futhi sibakhuthaza lapho bebhekene novivinyo, sisuke silingisa uBaba wethu osezulwini onothando. Nakuba singase sibhekane nezinselele nezinto ezisizwisa ubuhlungu, singaqiniseka ukuthi uJehova unathi. Nakhu asithembise kona: “Ungesabi ngoba nginawe.” (Isaya 41:10) Asiqinisa idolo ngempela lawo mazwi! Ngempela asisodwa neze.
INGOMA 100 Bamukeleni Ngemfudumalo
a Bheka isihloko esithi “Yenza Izinqumo Ezidumisa UNkulunkulu” kuyi-Nqabayokulinda ka-Ephreli 15, 2011.
b Bheka izigaba 11-14 esihlokweni esithi “Qhubeka Ulandela Isiqondiso SikaJehova” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 2024.
c Bheka isihloko esithi, “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda kaFebhuwari 2017.
d INCAZELO YESITHOMBE: Abazalwane baseMalawi balethelwe ukudla, izinto abazidingayo, bathola nenduduzo engokomoya ngemva kokugadla kwenhlekelele yemvelo.