ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 18
INGOMA 65 Qhubekela Phambili!
Bazalwane Abasebasha—Lingisani UMarku NoThimothewu
“Uze noMarku ngoba uwusizo kimi enkonzweni.”—2 THIM. 4:11.
AMAPHUZU ABALULEKILE
Sizofunda ngendlela isibonelo sikaMarku noThimothewu esingasiza ngayo abazalwane abasebasha babe nezimfanelo okudingeka babe nazo ukuze bakhonze abanye ngokugcwele.
1-2. Yiziphi izinselele ezazingase zivimbele uMarku noThimothewu ukuba bakhonze abanye?
BAZALWANE abasebasha, niyafuna yini ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova nokuba wusizo ngokwengeziwe emabandleni enikuwo? Akungabazeki ukuthi niyafuna ukukwenza lokho. Kuthinta inhliziyo ngempela ukubona abazalwane abaningi abasebasha abazimisele ukukhonza abanye! (IHu. 110:3) Nokho, kungenzeka ubhekane nezinselele. Uyanqikaza yini ukwandisa inkonzo yakho ngenxa yokuthi wesaba ukuthi awazi ukuthi yini engase yenzeke? Kwake kwenzeka yini wenqaba isabelo esithile ngenxa yokungazethembi? Uma lokho kwake kwenzeka, akuqali ngawe ukuzizwa ngaleyo ndlela.
2 UMarku noThimothewu babhekana nezinselele ezifanayo. Kodwa abazange bavumele ukusaba ukungazi ukuthi yini engase yenzeke noma ukungabi nesipiliyoni kubavimbele ukuba bakhonze abanye. Kungenzeka, uMarku wayehlala nomama wakhe ekhaya elithokomele ngesikhathi emenywa ukuba ahambe nomphostoli uPawulu noBarnaba ohambweni lwabo lokuqala lwezithunywa zevangeli. (IzE. 12:12, 13, 25) UMarku washiya indawo ayijwayele ukuze andise inkonzo yakhe. Okokuqala, waya e-Antiyokiya. Ngemva kwalokho, wahamba noPawulu noBarnaba baya ezindaweni ezikude. (IzE. 13:1-5) Ngokufanayo, cishe uThimothewu wayehlala nabazali bakhe ngesikhathi uPawulu emmema ukuba ahambe naye emsebenzini wokushumayela. Ngenxa yokuthi wayemusha futhi engenaso isipiliyoni, uThimothewu wayengavumela ukungazethembi kumenze angahambi noPawulu. (Qhathanisa neyoku-1 Korinte 16:10, 11 neyoku-1 Thimothewu 4:12.) Nokho, wasamukela isimemo sikaPawulu futhi wajabulela izibusiso eziningi ngenxa yalokho.—IzE. 16:3-5.
3. (a) UPawulu wayebazisa kangakanani oMarku noThimothewu? (2 Thimothewu 4:6, 9, 11) (Bheka nezithombe.) (b) Yimiphi imibuzo esizoxoxa ngayo kulesi sihloko?
3 UMarku noThimothewu bafunda izinto eziningi ezibalulekile, bafunda nokuthi bangazenza kanjani izabelo ezinkulu ngesikhathi besebasha. UPawulu wayezazisa lezi zinsizwa, kangangokuba kamuva wayefuna zibe seceleni kwakhe ngesikhathi ebona ukuthi wayesezoshona. (Funda eyesi-2 Thimothewu 4:6, 9, 11.) Yiziphi izimfanelo ezinhle uMarku noThimothewu ababenazo ezenza uPawulu wabathanda futhi wabethemba? Abazalwane abasebasha bangasilingisa kanjani isimo sabo sengqondo? Bangazuza kanjani eselulekweni sikaPawulu esinothando?
UMarku noThimothewu bathandeka kuPawulu ngenxa yokukhonza abafowabo besebasha (Bheka isigaba 3)b
LINGISA UMARKU—ZIMISELE UKUKHONZA ABANYE
4-5. UMarku wabonisa kanjani ukuthi wayezimisele ukukhonza abanye?
4 Ngokusho kwenye incwadi, ukukhonza abanye kungasho ukuthatha isinyathelo ukuze ubasize, nokuqhubeka ubasiza ngisho nalapho kunzima. UMarku wasibekela isibonelo esihle kule ndaba. Ngesikhathi uPawulu enqaba ukuhamba naye ohambweni lwesibili lwezithunywa zevangeli, cishe uMarku waphatheka kabi futhi wadumala. (IzE. 15:37, 38) Kodwa lokho akumenzanga uMarku wayeka ukukhonza abafowabo nodadewabo.
5 UMarku wamukela isabelo sokukhonza nomzala wakhe uBarnaba. Kamuva, ngemva kweminyaka engaba ngu-11, uMarku wayephakathi kwalabo abasekela uPawulu ngesikhathi eboshwe okokuqala eRoma. (Filem. 23, 24) Empeleni, uPawulu wayekwazisa kakhulu ukumsekela kwakhe kangangokuba wachaza uMarku ngokuthi “umthombo wenduduzo enkulu.”—Kol. 4:10, 11.
6. UMarku wazuza kanjani ngokuzihlanganisa namaKristu avuthiwe? (Bheka umbhalo waphansi.)
6 UMarku wazuza ngokusondelana namaKristu avuthiwe. Ngemva kokuchitha isikhathi esithile noPawulu eRoma, uMarku wahamba wayosebenza nomphostoli uPetru eBhabhiloni. Baba abangani abakhulu kangangokuba lapho ekhuluma ngaye uPetru wathi ‘uMarku indodana yami.’ (1 Pet. 5:13) Njengoba babesebenza ndawonye, cishe uPetru waxoxela umngani wakhe osemusha imininingwane eminingi ethakazelisayo ngokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe, okwathi kamuva uMarku wayibhala eVangelini lakhe.a
7. Umzalwane osemusha okuthiwa uSeung-Woo wasilingisa kanjani isibonelo sikaMarku? (Bheka nesithombe.)
7 UMarku waqhubeka ematasa enkonzweni yakhe futhi wayehlale esondelene nabafowabo abavuthiwe. Ungamlingisa kanjani uMarku? Uma ungakalitholi ilungelo elithile lenkonzo, yiba nesineke, uqhubeke ubheka ezinye izindlela ongakhonza ngazo uJehova nebandla. Cabanga ngesibonelo sikaSeung-Woo, manje osekhonza njengomdala. Ngesikhathi esemusha, wayeziqhathanisa nabanye abazalwane abasebasha. Abanye babo bathola amalungelo ngaphambi kokuba yena awathole. USeung-Woo waphatheka kabi futhi wadumala, ekugcineni waxoxa nabazalwane abavuthiwe ngale ndaba. Omunye umdala wasikisela ukuba enze lokho okusemandleni akhe ukuze akhonze abanye, ngisho noma abanye bengaziqapheli izenzo zakhe ezinhle ngezinye izikhathi. Leso seluleko senza uSeung-Woo wazinika isikhathi sokusiza asebekhulile nalabo ababedinga ukuhanjiswa ngemoto emihlanganweni yebandla. Lapho ecabanga ngaleso sikhathi, uthi: “Ngaqonda ukuthi kusho ukuthini ukukhonza abanye ngokugcwele. Ngathola injabulo etholakala ngokusiza abanye.”
Abazalwane abasebasha bazuza kanjani ngokuhlale bechitha isikhathi nabazalwane abavuthiwe? (Bheka isigaba 7)
LINGISA UTHIMOTHEWU—BONISA UKUTHI UBATHANDA NGEMPELA ABANYE
8. Kungani uPawulu akhetha ukuhamba noThimothewu? (Filipi 2:19-22)
8 UPawulu wayedinga ukuhamba nabantu abanesibindi lapho ephindela emadolobheni ayeshushiswe kuwo. Waqale wakhetha umKristu onesipiliyoni okuthiwa uSila ukuba ahambe naye. (IzE. 15:22, 40) Kamuva, uPawulu wakhetha noThimothewu ukuba ahambe naye. Yini eyamenza wakhetha uThimothewu? Esinye isizathu ukuthi wayenedumela elihle. (IzE. 16:1, 2) Kanti futhi wayebakhathalela ngempela abantu.—Funda eyabaseFilipi 2:19-22.
9. UThimothewu wabonisa kanjani ukuthi wayebakhathalela ngempela abafowabo nodadewabo?
9 Kusukela ngesikhathi aqala ngaso inkonzo yakhe noPawulu, uThimothewu wabonisa ukuthi wayebakhathalela kakhulu abanye kunaye. Ngakho lapho uPawulu ehamba eBheriya, wayeqiniseka ukuthi uThimothewu wayezokwazi ukukhuthaza abafundi abasha kuleyo ndawo. (IzE. 17:13, 14) Ngaleso sikhathi, akungabazeki ukuthi uThimothewu wafunda lukhulu esibonelweni sikaSila, naye owasala eBheriya. Nokho, kamuva uPawulu wamthuma yedwa uThimothewu eThesalonika ukuba ayoqinisa amaKristu kulelo dolobha. (1 Thes. 3:2, mbhw.) Eminyakeni engaba ngu-15 eyalandela, uThimothewu wafunda ‘ukukhala nababekhala,’ ezwelana nanoma ubani owayesosizini. (Roma 12:15; 2 Thim. 1:4) Izinsizwa ezingamaKristu zingamlingisa kanjani uThimothewu?
10. Umzalwane okuthiwa uWoo Jae wafunda kanjani ukukubonisa kakhudlwana ukuthi uyabakhathalela abanye?
10 Umzalwane okuthiwa uWoo Jae wafunda ukukubonisa kakhudlwana ukuthi uyabakhathalela abanye. Ngesikhathi esemusha, wayekuthola kunzima ukuxoxa nabazalwane nodade asebekhulile. Ngakho eHholo LoMbuso wayemane ababingelele bese eyahamba. Umdala wasikisela ukuthi uWoo Jae aqalise izingxoxo ngokutshela akholwa nabo ukuthi yini ayithandayo ngabo. Umdala wamtshela nokuba acabange ngokuthi yini okungenzeka ithandwa umuntu axoxa naye. UWoo Jae wasisebenzisa leso seluleko lapho exoxa nabanye. Manje uWoo Jae usengumdala. Uthi: “Manje sengikuthola kulula ukuba nezingxoxo ezakhayo nabantu bobudala obuhlukahlukene. Kuyangijabulisa ukwazi ukuthi ngiziqonda kangcono izinto ezikhathaza abantu. Lokho kube wusizo kakhulu kimi lapho kudingeka ngisize engikholwa nabo.”
11. Abazalwane abasebasha bangafunda kanjani ukubonisa ukuthi bayabakhathalela abanye abasemabandleni abakuwo? (Bheka nesithombe.)
11 Nani bazalwane abasebasha ningafunda ukubonisa ukuthi niyabakhathalela abanye. Lapho usemihlanganweni, xoxa nawo wonke umuntu—abancane nabadala, nabanezizinda ezihlukahlukene. Babuze ukuthi baqhuba kanjani bese uyabalalela. Ngokuhamba kwesikhathi, ungase ubone izindlela ongabasiza ngazo. Mhlawumbe ungase uthole ukuthi indoda nomkayo asebekhulile badinga umuntu ozobasiza ababonise ukuthi isetshenziswa kanjani i-JW Library®. Noma ungase uthole ukuthi akekho umuntu abahlele ukusebenza naye ensimini. Ungabasiza yini bakwazi ukusebenzisa imishini yabo yezobuchwepheshe noma uhlele ukusebenza nabo enkonzweni yasensimini? Uma uthatha isinyathelo sokusiza abanye uyoba yisibonelo esihle ebandleni.
Abazalwane abasebasha bangasiza ibandla ngezindlela eziningi ezingokoqobo (Bheka isigaba 11)
ZUZA ESELULEKWENI SIKAPAWULU ESINOTHANDO
12. Abazalwane abasebasha bangazuza kanjani eselulekweni uPawulu asinika uThimothewu?
12 UPawulu wanika uThimothewu iseluleko esiwusizo esasiyomenza aphumelele ekuphileni nasenkonzweni. (1 Thim. 1:18; 2 Thim. 4:5) Nani bazalwane abasebasha ningazuza eselulekweni sikaPawulu esinothando. Kanjani? Funda izincwadi ezimbili uPawulu azibhalela uThimothewu njengokungathi zazibhalelwe wena, ubone ukuthi yisiphi iseluleko ongasisebenzisa ekuphileni kwakho. Cabanga ngezibonelo ezimbalwa.
13. Yini ehilelekile ekubeni qotho kuJehova?
13 “Ziqeqeshe unomgomo wokuzinikela kuNkulunkulu.” (1 Thim. 4:7b) Kusho ukuthini ukuzinikela kuNkulunkulu? Kusho ukuba qotho kuJehova nokwenza lokho okumjabulisayo. Njengoba singazalwanga sinale mfanelo, kudingeka sifunde ukuba nayo. Kanjani? Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ziqeqeshe” ngokuvamile lalisetshenziselwa ukuchaza indlela abantu ababengenele umncintiswano wezemidlalo ababeziqeqesha ngayo ngokuzikhandla. Labo bantu kwakudingeka bazithibe ezintweni ezithile. Nathi kudingeka sizithibe ukuze sifunde ukwenza izinto ezizosisondeza nakakhulu kuJehova.
14. Kufanele ube yini umgomo wethu lapho sifunda iBhayibheli? Fanekisa.
14 Njengoba ujwayela ukufunda iBhayibheli nsuku zonke, ungakhohlwa ukuthi umgomo wakho ukusondela nakakhulu kuJehova. Ngokwesibonelo, yini ongayifunda kulokho okwenzeka lapho uJesu ehlangana nombusi osemusha ocebile? (Marku 10:17-22) Le nsizwa yayikholelwa ukuthi uJesu wayenguMesiya, kodwa yayingenalo ukholo lokuba umlandeli wakhe. Noma kunjalo, uJesu ‘wezwa eyithanda.’ Ayikuthinti yini indlela akhuluma ngayo nale nsizwa? Kusobala ukuthi uJesu wayefuna yenze isinqumo esihlakaniphile. Wayebonisa nendlela uJehova ayeyithanda ngayo le nsizwa. (Joh. 14:9) Njengoba ucabanga ngale ndaba nangezimo zakho, zibuze, ‘Yini okudingeka ngiyenze ukuze ngisondele nakakhulu kuJehova futhi ngikhonze abanye ngokugcwele?’
15. Kungani kubalulekile ukuba umzalwane osemusha abe yisibonelo esihle kwabanye? Nikeza isibonelo. (1 Thimothewu 4:12, 13)
15 “Yiba isibonelo kwabathembekile.” (Funda eyoku-1 Thimothewu 4:12, 13.) UPawulu wanxusa uThimothewu ukuba angagcini nje ngokufunda amakhono anjengokufunda nokufundisa, kodwa abe nanezimfanelo ezinjengothando, ukholo nobumsulwa. Kungani? Kungenxa yokuthi lokho umuntu akwenzayo kunamandla ukwedlula lokho akushoyo. Ake sithi wabelwe ukwenza inkulumo ekhuluma ngokuthi singayibonisa kanjani kakhudlwana intshiseko enkonzweni yasensimini. Uyokhuluma ngokuzethemba ngale ndaba uma kuwukuthi wenza konke ongakwenza enkonzweni. Isibonelo sakho siyokwenza abanye bakunake kakhulu okushoyo.—1 Thim. 3:13.
16. (a) Yiziphi izindlela ezinhlanu amaKristu asemasha angaba yisibonelo esihle ngazo? (b) Umzalwane osemusha angaba kanjani yisibonelo esihle ‘ekukhulumeni’?
16 Njengoba kuboniswe kweyoku-1 Thimothewu 4:12, uPawulu ukhuluma ngezindlela ezinhlanu umzalwane osemusha angaba yisibonelo esihle ngazo. Lapho wenza isifundo somuntu siqu, kunganjani ufunde ngayinye yalezi zindlela. Ngokwesibonelo, ake sithi ufuna ukuba yisibonelo esihle ‘ekukhulumeni.’ Cabanga ngezindlela ongase usebenzise ngazo lokho okushoyo ukuze ukhuthaze abanye. Uma usahlala ekhaya nabazali bakho, ungakwazi yini ukubabonga izikhathi eziningana ngalokho abakwenzela kona? Ngemva kwemihlangano yebandla, ungakwazi yini ukutshela umuntu obenenkulumo into oyithandile enkulumweni yakhe? Ungazama nokuphendula ngamazwi akho emihlanganweni yebandla. Imizamo yakho yokuba yisibonelo esihle ekukhulumeni iyobonisa ukuthi uyathuthuka ngokomoya.—1 Thim. 4:15.
17. Yini eyosiza umzalwane osemusha ukuba afinyelele imigomo yakhe engokomoya? (2 Thimothewu 2:22)
17 “Balekela izifiso zobusha, kodwa phishekela ukulunga.” (Funda eyesi-2 Thimothewu 2:22.) UPawulu wanxusa uThimothewu ukuba alwe nezifiso ezazingase zimphazamise ekufinyeleleni imigomo engokomoya, zonakalise nobuhlobo bakhe noJehova. Ungase uqaphele ukuthi izinto ezithile nakuba zingezimbi, zingase zidle isikhathi sakho sokwenza izinto ezingokomoya. Ngokwesibonelo, cabanga ngokuthi singakanani isikhathi osichitha kwezemidlalo, kuyi-inthanethi, noma osichitha udlala imidlalo yamavidiyo. Ungakwazi yini ukusebenzisa esinye saleso sikhathi ukuze wenze izinto ezingokomoya? Mhlawumbe ungasiza ekunakekeleni iHholo LoMbuso noma ushumayele enqoleni. Uma wenza izinto ezinjengalezo, cishe uyozenzela abangani abasha abazokusiza uzibekele imigomo engokomoya futhi uyifinyelele.
UKUKHONZA ABANYE KULETHA IZIBUSISO
18. Kungani singathi uMarku noThimothewu baphila ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo?
18 UMarku noThimothewu badela izinto ezithile ukuze bakhonze abanye ngokugcwele futhi ngenxa yalokho baphila ukuphila okujabulisayo nokwanelisayo. (IzE. 20:35) Ukuze akhonze akholwa nabo, uMarku waya ezindaweni ezikude eziningi. Wabhala nezinto ezithakazelisayo ngokuphila kukaJesu nenkonzo yakhe. UThimothewu wasiza uPawulu ukuba amise amabandla amasha futhi akhuthaze abafowethu nodadewethu. Kusobala ukuthi uJehova wayejabula ngomoya wokuzidela owaboniswa uMarku noThimothewu.
19. Kungani abazalwane abasebasha kufanele basinakisise iseluleko uPawulu asinika uThimothewu, futhi uyoba yini umphumela wokwenza kanjalo?
19 Indlela uPawulu ayemthanda ngayo uThimothewu osemusha siyibona ngokucacile ezincwadini ambhalela zona. Lezi zincwadi eziphefumulelwe zembula nokuthi uJehova unithanda kakhulu nina bazalwane abasebasha. Ufuna niphumelele. Ngakho yenzani konke eningakwenza ukuze nisisebenzise iseluleko sikaPawulu esinothando futhi nikhonze abanye ngokugcwele. Uma nenza kanjalo, niyoba nokuphila okujabulisayo manje futhi ‘niyobambisisa ukuphila kwangempela’ esikhathini esizayo.—1 Thim. 6:18, 19.
INGOMA 80 “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”
a Njengoba uPetru ayeyindoda enemizwa ejulile, kwakulula ngaye ukuba achazele uMarku indlela uJesu ayezizwa ngayo nayesabela ngayo ezimweni ezihlukahlukene. Yingakho nje uMarku ayevame ukuchaza indlela uJesu ayezizwa ngayo nezinto ayezenza lapho elandisa ngokuphila kukaJesu.—Marku 3:5; 7:34; 8:12.
b INCAZELO YESITHOMBE: UMarku usiza uPawulu noBarnaba ngezinto abazidingayo njengoba besohambweni lwabo lwezithunywa zevangeli. Ngokuzithandela, uThimothewu uvakashele ibandla ukuze aqinise abafowabo futhi abakhuthaze.