Imibiko Evelele Yonyaka Odlule
Okuvelele ezenzakalweni ezijabulisayo zanyakenye kwakuyiMihlangano Yezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila.’ Yanikeza ubufakazi obuphathekayo bokuthi abakhulekeli bakaJehova ngempela baye baba ‘isixuku esikhulu esiphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi’ leso uJehova asilungiselela ukuphila ezweni lakhe elisha. (IsAm. 7:9, 10) Ngemva kokuba komunye wale mihlangano, uFakazi waseGuadeloupe wathi manje, ngokokuqala ngqá, ‘wayesekuqonda ngempela enhliziyweni yakhe’ ukuba ngokoqobo kwako.
Asikaze ngaphambili sibe nezihambeli zemihlangano yezizwe eziningi kangaka. Amashumi ezinkulungwane zezihambeli alibhekisa kwamanye amazwe, nakwamanye amazwekazi, eya emihlanganweni. Njengoba ayehamba, laba sobala iqiniso lokuthi ayingxenye yomkhaya womhlaba wonke ngempela.
Kusukela ekupheleni kuka-May kuya ku-August, kwaqhutshwa iMihlangano Yezizwe ‘Yendlela KaNkulunkulu Yokuphila’ emadolobheni amaningi e-United States, eCanada naseBrithani, kwalandela eminye eJalimane naseGreece. Amalungu eNdikimba Ebusayo anikeza izinkulumo kule mihlangano, ngokuvamile ehunyushelwa. Kwaqhutshwa imihlangano yesigodi eminingi kanyekanye kulo lonke elaseNyakatho Melika naseYurophu.
Lapho kuqala umhlangano wezizwe wokuqala eSan Diego, eCalifornia, ngo-May 22, ababeze emhlanganweni bajabula ngokuba nezithunywa zevangeli ezingu-45 ezazivela emazweni angu-14. Ngemva kwamasonto amabili, oFakazi abakhuluma iSpanishi babuthana kuyo le nkundla. Kwabangu-25 181 ababekulo mhlangano, abangaphezu kuka-3 100 babeyizihambeli zaphesheya. Njengoba izikhulumi zase-Argentina, eChile, eCosta Rica, e-El Salvador, eMexico, ePeru, eSpain nase-Uruguay zazisina zidedelana esimisweni, izilaleli kwadingeka zizijwayeze indlela yazo yokukhuluma. Yeka ukuthi zaziyizilaleli ezijabule nezishiseka kanjani!
Ngesonto elilandelayo, ePontiac, eMichigan, inani lezilaleli emhlanganweni lenyuka lafinyelela ku-42 763, futhi inani lamazwe ezazivela kuwo lenyuka ngokushesha lafinyelela okungenani ku-44. Kwakukhona ithimba labangu-300 livela eBrithani, eCzech Republic naseNingizimu Afrika. Lezi zihambeli zazivela emazweni angu-14 aseYurophu, angu-8 e-Afrika, angu-20 emazwekazini aseMelika namabili e-Asia. Kwezinye izimo wonke amalungu omkhaya, ngisho namabandla wonke, asiza ngezimali ukuze okungenani oyedwa kubo abe khona. Ukuba khona kwezihambeli eziningi kangako zakwamanye amazwe kwazivusa usinga izilaleli. Kanti nezinkulumo ezanikezwa amalungu eNdikimba Ebusayo—uMfoweth’ uSchroeder, uBarr noSydlik—zazithinta ngokujulile izinhliziyo zazo. Omunye uFakazi wathi, okwenzeka ‘bayokuxoxela izizukulwane ezilandelayo futhi mhlawumbe bakuxoxele nesezadlula lapho zivuswa!’—Qhathanisa neHubo 48:1, 12-14.
Njengoba kwakuqhubeka umhlangano ePontiac, kwakuneminye emine eMontreal, eQuebec eCanada. YayingesiFulentshi, isiPutukezi, isiGreki nesi-Arabhu. Kwabathinta ngokujulile abazalwane lokho okwakwenziwe amalungu eNdikimba Ebusayo, amanye asekhulile ngeminyaka, ukuba abakhonze bonke. Ababekhona bafinyelela ku-33 242, kuhlanganise nezihambeli zakwamanye amazwe ezingu-4 071. Inani elikhulu laliqhamuka eFrance naseBrazil; abanye abaningi beqhamuka eBelgium, eGuadeloupe naseMartinique. Kwakukhona abavela emazweni angu-13 ase-Afrika. Phakathi kwezihambeli kwakukhona iphayona elingumakad’ ebona laseMali eNtshonalanga Afrika, elakwazi ukuba khona ngenxa yomusa kasomabhizinisi wesifazane elalivame ukumhambisela omagazini. Umbhangqwana waseBrazil owadayisa imoto yawo ukuze uthole imali yokuhamba wathi: “Kwakuyindlela engcono kakhulu yokusebenzisa imali.”
Ngezimpelasonto ezimbili ezalandela ngo-June, kwaqhutshwa eminye imihlangano emibili eVancouver, ogwini lwaseCanada olusentshonalanga. Ingqikithi yababekhona yayingu-22 273, kunezihambeli eziningi ezazivela ezindaweni eziqhele njengeNingizimu-mpumalanga ye-Asia neNyakatho yeYurophu. Umhlangano wokugcina eVancouver wawukanye nowawuseToronto, e-Ontario. Ngaphandle kwabaseCanada, kwakunezihambeli ezazivela eJalimane, ePoland, eFinland, e-Austria nakwamanye amazwe amaningi aseYurophu nase-Afrika. Ababekhona bafinyelela ku-41 381. Sekukonke, emihlanganweni yaseCanada, kwakunezihambeli zakwamanye amazwe angu-52—isixuku sezizwe zomhlaba ngempela!
E-United States, kusukela ngo-July 3 kuya ku-5, kwaqhutshwa imihlangano engu-7 ngesikhathi esisodwa eduze kwendawo enamanzi ePacific eLong Beach, eCalifornia. YayingesiJapane, isiKorea, isiNgisi, isiNtaliyane, isiShayina (saseCanton nesiMandarin), isiTagalog nesiVietnam—yonke isezakhiweni ezihlukahlukene kudedangendlale weLong Beach Convention Center. Ababekhona babesuka ku-552 engxenyeni yesiVietnam kuya ku-12 659 engxenyeni yesiNgisi. Izihambeli eziningi zaseMpumalanga nase-Italy zajabulela ubudlelwane nalabo ababeqhamuka emazwekazini aseMelika, eMpumalanga Yurophu nase-Afrika. Phakathi kwabo kwakunababenze umzamo omkhulu kakhulu ukuze babe khona. Ngaphambi kwesimiso esilandelayo, izihambeli zaziye zihambele amaqembu ezilimi ahlukahlukene, zivunulé ezakubo, zixhawulane, zangane, zinikezane amakheli, zithathe nezithombe. Umzalwane owayenesandla ekuhleleni umhlangano lapho wabhala: “Yonke imihlangano mihle; ngemva kwezinyanga idlulile kuye kube sengathi ayikakapheli. Lo mhlangano ubuthi awufane ne-tsunami [igagasi elinamandla]. Ubunamandla, futhi wazithinta kakhulu izinhliziyo zezihambeli.”
Impelasonto yemihlangano eminingi eLong Beach yalandelwa omunye umhlangano weSpanishi—owawuseHouston, eTexas. Ababekhona abangu-34 257 babehlanganisa izihambeli ezingu-2 820 ezazivela kwamanye amazwe angu-14, ezazihlala emizini engu-1 217 yoFakazi bendawo ababevulele lezi zivakashi izinhliziyo zabo.
Okwazihlaba umxhwele kakhulu izihambeli kwakuwukwamukelwa ngemfudumalo ezakuthola—uthando lobuzalwane ezaluboniswa amaKristu akanye nazo ezazingakaze ziwabone. Zaziye zafunda ngobuzalwane bomhlaba wonke. Zazazi ukuthi uJehova ufundisa abantu bakhe ukuba balubonise lolo thando. (Heb. 13:1, 2; 3 Joh. 5-8) Kodwa manje zase zilunambitha ngezindlela ezazingakaze zilunambithe ngayo ngaphambili. Ezikhumulweni zezindiza, abazalwane nodade, abancane nabadala bazamukela ngentshiseko izihambeli. Kwakwenziwe namalungiselelo okuba izihambeli zakwamanye amazwe zihlale nemikhaya yoFakazi. Yeka ukuthi lokhu kwaba isibusiso kanjani!
ETexas, amabhasi amaningi agcwele izihambeli zaphesheya ayiswa eHholo LoMhlangano LaseRosenberg lapho ababezamukele babeyozihlangabeza khona. Kwakukhona isixuku soFakazi abangaba ngu-500 sihalalisa futhi sishaya ihlombe njengoba izihambeli zifika. EBelleville, eMichigan, ubusuku nemini kwakunamakhulu oFakazi ezokwamukela amabhasi agcwele izihambeli ezazikhathele. Lapho izihambeli zingena eHholo LoMhlangano, zazamukelwa amaphimbo amaningi ecula ethi “Abazalwane Abaningi” nethi “SingoFakazi BakaJehova!” EHholo LoMhlangano LaseMira Loma eCalifornia, abaningi babekhuluma izilimi ezimbili, ngakho babecula ivesi elilodwa ngesiNgisi, elilandelayo ngeSpanishi engomeni ethi “Siyakubonga Jehova.” Kwakukuhle kudelile, futhi kwakunzima ukuthola amehlo ayengenazo izinyembezi zenjabulo!
EMichigan, oFakazi bavula izindawo zokuhlala eziphindwe kabili kunezazidingeka. Abaningi bashaya ucingo becela ukuthatha abathile kubazalwane ababevakashile. Labo abangakwazanga ukwamukela izihambeli basiza ngokudla nezinto zokuhamba. Ezinye izihambeli zathola ukuthi ngaphandle kokubavulela amakhaya abo, ababebathathile babanikeza imibhede yabo bona balala phansi. Kusihlwa nangemva kwemihlangano, amaqembu emikhaya yoFakazi, ngisho namabandla wonke, ayehlangana ndawonye adle, noma enze ipikiniki nezihambeli. Babecula, bedansa imidanso yezizwe ezithile futhi bexoxelana okuhlangenwe nakho. Kwakumnandi kudelile ngempela! Nakuba izihambeli eziningi zazingakwazi ukukhuluma ulimi lomkhaya owawusuke uzithathile—noma zazilubhidilisha nje—zazizithola izindlela zokuxhumana. Lapho kufika isikhathi sokuhlukana, kwakungekhona ukuthi babengezwani ngolimi okwakwenza kube nzima ukukhuluma. Babegajwe yinjabulo. Kwase kwakhiwe isisekelo sobungane baphakade.
Akuzona izihambeli zodwa ezazuza elungiselelweni lokuhlala emizini yabazalwane. Umbhangqwana waseCanada owawuvulele izihambeli umuzi wawo wabhala: “Sonke sasizibuza ukuthi kuzoba njani ukuhlala nabantu esingabazi isonto lonke. Sathola ukuthi isikhathi sasisincane!” Umzali ongayedwa wabhala: “Ngaba nelungelo elimangalisayo lokuthatha umbhangqwana waseFrance, futhi kwasicebisa kakhulu, mina nezingane zami. Ngingathi nje kwakuyisenzakalo esimangalisayo, esijabulisayo nesingeke sisilibale.” Omunye umkhaya owawunesivakashi saseTogo, wabhala: “Asikwazi ukuchaza intokozo nothando esabelana kona . . . Yeka igugu! UJehova wasinikeza konke esasingakufisa.”
Uhambo lwezihambeli ezazivela emazweni angu-87 lwaluya nasendlunkulu yomhlaba wonke yenhlangano kaJehova ebonakalayo, nezingxenye zayo ezinkulu eNew York State eBrooklyn, eWallkill (eqhele ngamakhilomitha angu-144 eBrooklyn), nasePatterson (eqhele ngamakhilomitha angu-112 eBrooklyn). Zatheleka kusukela ngo-May 28 kuya ku-July 20—ezingaphezu kuka-14 500 sezizonke! “Kwakungathi yiphupho,” kusho abaningi. Liveza indlela elalizizwa ngayo, iqembu elalivakashele i-Watchtower Educational Center ePatterson lazihlela ehholo lokudlela ngemva kokudla kwasemini lase licula ingoma 42 ethi “Nansi Indlela,” ngezindlela ezine ezimtoti. Bethintwe ngokujulile yilokho ababekubonile nawuthando nomoya wokungenisa izihambi abawunambitha, abaningi babegcwele izinyembezi emehlweni lapho bebonga abazalwane nodade ababebabonisa indawo. Akuzona izihambeli zodwa ezazithintekile. Umkhaya waseBethel nawo wathi lezo zinsuku ngeke uzikhohlwe!
Isixuku esasisemihlanganweni yezizwe eYurophu sasizizwa ngendlela efanayo. Ngo-July, izihambeli zaqala ukufika eBrithani. Kusukela ngo-July 24 kuya ku-26, imihlangano yayiqhutshwa kanyekanye emadolobheni angu-9. Yonke yayinesimiso esifanayo, kungakhathaliseki ukuthi kwakungowesiNgisi, owesiFulentshi, oweSpanishi noma isiPunjabi. Izindawo zomhlangano zazixhunywa ngocingo lapho kwethulwa izinkulumo zamalungu eNdikimba Ebusayo. Izihambeli ezazivela emazweni angaphezu kuka-60 zazibuthene ndawonye.
Okuvelele esimisweni kwakuyizingxoxo nezithunywa zevangeli nezisebenzi zomhlaba wonke. Zazivela emazweni angu-45. Zaxoxela izilaleli ngentokozo nangezingqinamba zenkonzo yakwamanye amazwe. USusan Snaith, owayevela eNtshonalanga Afrika, wavuma: “Phakathi nezinyanga ezintathu zokuqala ufike esabelweni esisha, ungakhumbula ngokukhethekile ekhaya, ngakho ukwazi ukuthi abazali bakho bayakusekela futhi bayakukhuthaza kungakusiza kakhulu ukuba uhlale esabelweni sakho.” UDoreen Kilgour, isithunywa sevangeli esesinesikhathi eside eNingizimu Afrika, wathi: “Uyabona, kumelwe ubathande abantu. Futhi uma ubathanda ngempela abantu, ubasiza ukuba bathande uJehova futhi bahambe ezindleleni zakhe, yilokho okukusiza ukuba uhlale esabelweni sakho.” UMyrna Simms, wase-Ecuador, wanezela: “Ungagxili ezintweni ozishiye emuva, kodwa gxila emsebenzini owenzayo. Ungabheki izinto ezimbi. Buka ngalé kwazo, ukhumbule ukuthi sinomsebenzi okumelwe siwenze!” U-Anne Crudass, owayevela eLiberia ekhungethwe yimpi, wathi: “Kufanele ngabe sikhuthaza abazalwane nodade bendawo, kodwa empeleni, yibona abaye bakhuthaza thina kakhulu. Siyibonile intshiseko yabo, ukholo lwabo nesibindi abanaso phakathi nempi, benakekelana futhi befaka ukuphila kwabo engozini ngenxa yabanye. . . . Siye saluzwa uthando nokusinakekela kwabazalwane. Sesiye sakhishwa izikhathi ezine ezabelweni zethu, . . . futhi ngesikhathi singababaleki, abafowethu babeyikhathalela ngempela indlela esasizizwa ngayo nengokomoya lethu kangangokuba basibhalela izincwadi ezimnandi, ezakhayo. . . . Zonke lezi zibusiso zenze kwaba lula ngathi ukuba siphindele eLiberia, nakuba izimo zakhona bezilokhu zingagculisi.”
Ngemva kwezinsukwana kuphele imihlangano yaseBrithani, kwaqala eminye eJalimane. OFakazi basemadolobheni ayenemihlangano bamema umphakathi. Lokhu kwabenza bakwazi ukuchazela abantu ukuthi imihlangano yezizwe, emihlanu yayo okwakuhlelwe ukuba ibe seJalimane, iyisici semfundo yethu yeBhayibheli yembulunga yonke. Sonke isimiso sethulwa ngezilimi ezingu-13. Izingxenye eziyinhloko zesimiso, kuwo womahlanu amadolobha omhlangano (iBerlin, iNuremberg, iMunich, iDortmund neStuttgart) zahlanganiswa ngocingo. Ingqikithi yababekhona yayingu-217 472, abangu-45 000 kulaba bevela phesheya. Abaningi ababekhona babevela eMpumalanga Yurophu. Okungenani phakathi kwababesemhlanganweni, kwakunezithunywa zevangeli, izisebenzi zomhlaba wonke, izikhonzi zaseBethel ezisezabelweni zakwamanye amazwe ezingu-150.
Kusukela ngo-August 21 kuya ku-23, ungakapheli unyaka wenkonzo, kwaba nomunye umhlangano wezizwe oyingqopha-mlando e-Athens, eGreece. Naphezu kokuphikisa kwabefundisi abathukuthele beSonto LamaGreki Lobu-Orthodox, kwabuthana izihambeli zomhlangano ezingu-39 324 zivela emazweni angu-21. Nomaphi lapho izihambeli zazihamba khona, e-Athens nakwezinye izindawo kulo lonke izwe, kwakunikezwa ubufakazi obuhle kakhulu—ngokuziphatha kwazo, ngokugqoka nokuzilungisa kwazo, ngokushumayela kwazo nangezincwadi ezazihambisa. Nakuba abantu bakaJehova bejwayele ukuboniswa uthando lobuKristu, ukungenisa izihambi ngenhliziyo evulekile okwenziwa oFakazi baseGreece kwenza abaningi baswela amazwi futhi bakhala izinyembezi zenjabulo. Ukubona amaGreki nabaseTurkey bangana futhi beqabulana, namehlo abo echiphiza izinyembezi, bebonisana umoya wokwamukelana—kwakuyisimangaliso esingenziwa uJehova kuphela!
Manje sesisonyakeni omusha wenkonzo, futhi kusaqhutshwa eminye imihlangano—e-Afrika, eLatin America, eKorea nase-Australia.
Ukusakazwa Kwe-Kingdom News
Yiqiniso, inkonzo yethu yasensimini ingomunye wemisebenzi yethu ebalulekile. Iwumsebenzi esiwabelwe nguJehova ngeNdodana yakhe. Futhi umyalezo esiwumemezelayo uyilokho abantu abakudinga ngokuphuthumayo. (Isaya 43:10-12; Math. 24:14) Phakathi nonyaka odlule, abangu-5 888 650 bahlanganyela kulowo msebenzi, basebenza amahora angu-1 186 666-708 enkonzweni yasensimini. Yeka inqwaba enhle yobufakazi! Isici esijabulisayo saleyo nkonzo kulo nyaka wenkonzo ophelile kwakuwukusakazwa kwe-Kingdom News No. 35, eyayinombuzo othi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Yeka indlela okwakufaneleka ngayo ukukhanga abantu ngesifiso abanaso sokuthandwa, isifiso uNkulunkulu asifaka kubantu! Umyalezo wayo wawunamandla, futhi abantu abaningi abaqotho bawamukela kahle.
Kwanyatheliswa amakhophi alelo pheshana acela ku-400-000 000 ngezilimi ezingu-166. Kulezo zilimi, ezingu-27 zasakazwa eRussia, kanti ezingu-10 kuzo sasingakaze sibe nezincwadi ngazo. Amagatsha amaningi, eqaphela ukuhlukahluka kobuzwe ensimini yawo, ahlela ukuba leli pheshana lisakazwe ngezilimi ezingu-10, ezingu-20 ngisho nezingu-30.
Lapho uFakazi eGhana ehambisa le Kingdom News emapulazini, wazithela phezu kwendoda nomkayo bexabana. Lo Fakazi wabakhombisa i-Kingdom News No. 35 nesihloko sayo esikhangayo esithi “Ingabe Bonke Abantu Bayoke Bathandane?” Ngokushesha lo mbhangqwana wehlisa umoya. Udadewethu wazinika isikhathi sokuxoxa nabo ngaleli pheshana, esebenzisa iBhayibheli ukuze ababonise izimbangela zokubanga nalokho uMbuso kaNkulunkulu ozokwenzela isintu. Ekupheleni kwengxoxo, le ndoda yathi: “Ngokuqinisekile nguNkulunkulu okuthumele lana naleli pheshana.” Bobabili basamukela ngezandla ezimhlophe isifundo sasekhaya seBhayibheli. Abanye abangu-1 850 ehhovisi laseGhana bathumela isicelo sesifundo seBhayibheli sasekhaya egatsheni. EMalawi, kwatholakala izicelo zabafundi ezingu-1 900; eZimbabwe ezingu-2 717; ePoland ezingu-1 346; e-United States ezingu-2 525. ERussia, abangu-7 100 babhalela egatsheni bacela othile ukuba abaqhubele isifundo seBhayibheli.
Isembozo esikhangayo, isihloko esikwenza ucabange nobumnandi bokwaziswa okwakusepheshaneni kwakuyilokho okwakudingeka eSri Lanka ekhungethwe yimpi. Kwathunyelwa amakhulu ngamakhulu ezigqebhezana egatsheni, zicela incwajana engangomagazini, kanti eziningi zazinesicelo sesifundo seBhayibheli sasekhaya. Abaningi kulaba abacela isifundo manje bangabamemezeli bezindaba ezinhle; abanye sebebhapathiziwe imbala.
Abamemezeli abangu-30 eCameroon baqasha ibhasi ukuze bayosakaza amapheshana ensimini eqhele cishe ngamakhilomitha angu-70 ukusuka eHholo LoMbuso labo eGaroua. Ekuseni bahlanganisa insimu ngamapheshana, kwathi ntambama babukisa izilaleli ezingu-182 i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name. Ekuphetheni, bafuna izincwadi ezengeziwe. Kwaqalwa izifundo zeBhayibheli eziningana, ibandla lathumela iphayona ukuba liyonakekela lesi sithakazelo.
Lapho kusakazwa i-Kingdom News No. 35 eDemocratic Republic of Congo, abaningi bayamukela ngokushesha; abanye, becindezelwe ubunzima bokuphila, bayamukela bemanqikanqika. Lapho bephindela komunye walaba bamuva, abamemezeli bathola ukuthi owesifazane othile wayegula kakhulu futhi engenayo imali yokuthenga imithi ayeyidinga. Abamemezeli bamthengela imithi. Lokhu kwamthinta inhliziyo futhi kwaholela ekubeni yena nezingane zakhe ezine bafundelwe. Kwesinye isimo, insizwa eyayithole ipheshana yayicabanga ukuthi oFakazi bayaqhosha. Kamuva yayigibele ibhasi elahlaselwa izinswelaboya. Njengoba yayisele endaweni engazi muntu kuyo ebusuku futhi ingenamali, yahamba noFakazi naye owayekade ekulelo bhasi futhi owayegetshengiwe. Bathola umuzi kaFakazi othile, lapho bamukelwa khona, balaliswa futhi banikwa usizo lokuqhubeka nendlela yabo ngakusasa ekuseni. Isisekhaya, le nsizwa yaxoxela abangane bayo le ndaba, yayisithi: “OFakazi BakaJehova abaqhoshi. Banothando lweqiniso futhi bayabathanda omakhelwane babo.” Ngalolo suku, kwaqalwa nayo isifundo seBhayibheli.
Ibandla elithile entshonalanga yeChile lakhuthaza abamemezeli ukuba ipheshana balinikeze wonke umuntu, noma kuphi. Omunye ummemezeli waya esiteshini somsakazo sendawo. Umyalezo walo wamhlaba umxhwele kakhulu umsakazi kangangokuba walumisa uhlelo lwasekuseni, wafundela izilaleli zomsakazo sonke isigijimi se-Kingdom News No. 35.
E-Italy, ukuhambisela indela eyayilindele ibhasi i-Kingdom News kwaholela esifundweni seBhayibheli sansuku zonke semizuzu engu-10 kuya kwengu-15 esitobhini sebhasi. Ngemva kwenyanga nesigamu, ukwazisa kwale ndela iqiniso leBhayibheli kwayishukumisela ekubeni isishiye isigodlo. Yayijabula ngokufunda ukuthi ngoMbuso kaNkulunkulu, umhlaba uyoba indawo abantu abayothandana ngempela kuyo, bangavinjwa imigoqo yohlanga neyolimi. Yaphindela eGuatemala, lapho yayidabuka khona, yafike yaqhubeka ifunda nodadewabo, owayesenguFakazi KaJehova kakade.
I-Watchtower Educational Center
I-Watchtower Educational Center, ePatterson, eNew York, ifeza indima ebalulekile emsebenzini wembulunga yonke wokufakaza ngoMbuso kaNkulunkulu.
Ngo-1994, umsebenzi wokwakha ePatterson wawusuqhubeke kangangokuba kwase kungaqalwa ukuthutha eminye iminyango emikhulu yeNhlangano iyiswe e-Watchtower Educational Center. Phakathi nezinyanga ezimbalwa, kwathuthwa ingxenye yoMnyango Wobunjiniyela, uMnyango Wenkonzo, ingosi eyamukela izincwadi yoMnyango Wokubhala, i-Translation Services (manje esebenza namaqembu abahumushi emazweni angu-116), uMnyango Wezomthetho (ophathelene nezidingo ezingokomthetho zokusekela umsebenzi woFakazi BakaJehova emhlabeni wonke), noMnyango Wezobuciko (ohlela ukuthi zizoba njani izincwadi, omagazini, izincwajana, njalo njalo), neminye iminyango eseceleni.
Ngo-March 1995, iSikole SaseGileyadi sasuswa eWallkill saya ezakhiweni ezintsha ePatterson. Kusukela ngaleso sikhathi, abaphothule eSikoleni SaseGileyadi baye bathunyelwa emazweni angu-51—eMelika Ephakathi neseNingizimu, e-Afrika, eMpumalanga Yurophu, eMpumalanga naseziqhingini zolwandle. Ngaphezu kwalokho, isikole samalungu amaKomiti Amagatsha siye saqeqesha abazalwane abangu-336 ababevela emagatsheni eNhlangano asemazweni angu-106 futhi baphindela kuwo.
Manje sesiqediwe isakhiwo esisha sokulungiselela amakhasethi alalelwayo nawe-video e-Watchtower Educational Center ePatterson. Ngo-April 20, 1998, kwaqala ukuthuthwa kwamahhovisi nemishini kuya kulesi sakhiwo esisha esihle. Lezi zakhiwo zizosenza sikwazi ukuthuthukisa umkhakha wamakhasethi alalelwayo nawe-video.
Kodwa ukuvulwa kwalesi sakhiwo akusho ukuthi iNhlangano iyafika kulo mkhakha. Ngaphandle kwalokhu okwenziwa endlunkulu yomhlaba wonke, amagatsha angaba ngu-30 vele ayawaqopha amakhasethi alalelwayo. Kungase kube aweBhayibheli noma akamagazini, izincwajana noma amadrama ngezilimi zendawo. Manje sekunamakhasethi ahlukahlukene atholakala ngezilimi ezingu-61. Okuqoshiwe kusakazwa emhlabeni wonke, ngezilimi ezimbalwa. Ama-compact disc (CD) anezingoma zethu zoMbuso ezihlelwe ngezindlela ezihlukahlukene nawo ayenziwa, futhi kunama-CD ngezilimi ezingu-9 anokwaziswa ongacwaninga kukho (Watchtower Library).
Izinhlelo zama-video zenziwa ngezilimi ezingu-41. Indaba esuke izoqoshwa ivela endlunkulu yomhlaba wonke, kanti kunomtapo wamakhasethi e-video angaphezu kuka-2 100 okungase kuthathwe kuwo izinto ezidingekayo. Ukuqoshwa kwe-video akwenziwa ePatterson kuphela kodwa nakwezinye izingxenye eziningi zomhlaba. Ukudidiyelwa kwamakhasethi e-video okuqala nawesiNgisi manje sekwenziwa ezakhiweni ezintsha zeNhlangano ePatterson. Endaweni yokuqopha yeNhlangano eNetherlands, kwenziwa izinhlelo ezingezona ezesiNgisi ukuze kwenziwe amakhophi azo. Ukuqoshwa kwephimbo elizolandisa kwenziwa emagatsheni amaningana aqophayo, okuqoshiwe bese kuthunyelwa eNetherlands kuyohlanganiswa nomculo walolo hlelo nemisindo, kufakwe nombhalo odingekayo, ngaleyo ndlela kuphothulwe ukwakhiwa kwe-video yolimi ngalunye. ElaseJapane lenza omunye wale misebenzi liwenzela amazwe aseMpumalanga.
Kuye kwanda ukusetshenziswa kwamakhasethi ama-video olimi lwezandla. Ngokwengxenye, lokhu kubangelwa ukuqaphela iqiniso lokuthi izilimi zezandla zizimele, futhi azikhona nje ukufanekiswa kwezilimi ezikhulunywayo. Lapho beqala ukuthola ama-video ezilimi zezandla, abanye abayizithulu bawabona njengawubufakazi bokuthi uJehova akabakhohliwe nokuthi uyazikhathalela nezithulu. INhlangano yenza ama-video anezela ulimi lwezandla ezithombeni ezikhulumayo ezisuke sezikhona kakade. Kunanama-video anokwaziswa okusezincwadini ze-Watch Tower osekuhunyushwe konke. Ezimweni eziningi, asetshenziselwa ukuqhuba izifundo zeBhayibheli zasekhaya nezithulu, ngakho la ma-video anemibuzo, okwenza kube khona ukunikezelana ngokwaziswa. Ngaphezu kwalokho, kuye kwaqoshwa nomculo ngolimi lwezandla, futhi usetshenziselwa ukuhola izilaleli lapho zibonakalisa umuzwa wazo ngamaculo. INhlangano izoqopha ama-video ezilimi zezandla ezakhiweni zayo e-United States, eMexico, eBrazil, eJapane, eDenmark naseNetherlands. Emagatsheni amaningi kulawa, kuzohlelwa nezinhlelo zezilimi zezandla.
Ukufakaza ngolimi lwezandla kuye kwanda kakhulu eminyakeni yamuva. Kunamabandla ezilimi zezandla angu-17 eKorea, lapho sekuyiminyaka eminingana kunakekelwa lesi sidingo ngokukhethekile. E-United States kunamabandla anjalo angu-19. ERussia kunebandla elilodwa namaqembu amancane angu-43. Nezinye izindawo zikwamukela ngesasasa ukunakekelwa kwezidingo ezingavamile zezithulu. Emhlabeni kabanzi, kunamabandla angaba ngu-80 ezithulu namaqembu amaningi amancane. Njengoba kunjalo ngezinceku zikaJehova ezikhuluma izilimi ezizwakalayo, abafowabo nodadewabo abayizithulu babheke phambili esikhathini lapho ukungafani kwezilimi, kungakhathaliseki ukuthi ziyezwakala noma ziyabonakala, kungeke nanini kusaba umgoqo wokuxhumana ngokukhululeka. Kodwa ngisho kwamanje, nakuba sisebenzisa izilimi eziningi, sonke sikhuluma “ulimi oluhlanzekile” futhi ngenxa yalokho sinelungelo lokuba ngobunye, senze ubuhle bukaJehova baziwe.—Zef. 3:9, New World Translation.
Ofakazi Bokuzibonela Imisebenzi Emihle
Intshiseko yezinceku zikaJehova njengoba zihlanganyela nabanye izindaba ezinhle zoMbuso ijabulisa inhliziyo kaJehova. Ngakolunye uhlangothi, ngokuvamile abanye abakuboni ukuziphatha kwazo okuyisibonelo nemisebenzi yazo emihle futhi ngokudabukisayo, ngezinye izikhathi ziqondwa kabi. Zikhona yini izindlela eziphumelelayo zokwazisa nokufundisa abantu abahluzekile kodwa abangenalo ulwazi oluqondile ngalezi zinto?—1 Pet. 2:12.
Lisebenza ngaphansi kokuqondisa kweKomiti Yokubhala, iHhovisi Lezindaba Zomphakathi lizama ukuphebeza ukwaziswa okungaqondile ngezinceku zikaNkulunkulu ukuze abantu basamukele kangcono isigijimi soMbuso. Ukuze kufezeke lokhu, leli hhovisi lizama ukwenza umphakathi ubaqonde kangcono oFakazi BakaJehova ngokulungiselela ukwaziswa okuqondile okungase kuthunyelwe kwabezindaba, kothisha nakwabanye ochwepheshe.
Ubudlova obubi obubangelwa ubuzwe namahlelo buyinkinga enkulu emphakathini emhlabeni. Ukuze basize intsha iyeke ubandlululo nokuziphatha kobudlova, othisha bafuna izindlela zokufundisa abafundi babo izindinganiso zokuhle. OFakazi BakaJehova bangabacobelelani? UFakazi waseSweden wathumelela isikhulu esiphakeme i-video ethi Jehovah’s Witnesses Stand Firm Against Nazi Assault. Umphumela waba ukuthi abameleli bakahulumeni bamema oFakazi ukuba bafake isandla emsebenzini wokwazisa isizwe ngeHolocaust, obizwa ngokuthi iLiving History. Babefuna ukuba abafowethu batshele izingane zesikole nabantu nje abavamile ngoFakazi BakaJehova ngenkathi yamaNazi. Ngemva kwalokho, othisha bakhuthazwa ukuba bacele oFakazi BakaJehova ukuba bazofundisa emakilasini ngezindinganiso zokuhle nangesimilo, besebenzisa izigigaba zangenkathi yeHolocaust.
Kwenye indawo ukusebenzisa i-video ethi Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name kuye kwaphumelela. ECôte d’Ivoire, ngemva kokuba ibukiswe kuyithelevishini yesizwe, abantu abaningi babonisa ukubazisa ngokwengeziwe oFakazi BakaJehova nenhlangano yabo.
Abanye abaphikisi baye balinga ukusebenzisa ukungaqondi kahle ngokusetshenziswa kwegazi kwezokwelapha njengebhaxa lokuthiya umsebenzi wethu eRussia. (IzE. 15:28, 29) Ezempilo zaseRussia kwazona zinezinkinga ngegazi lazo futhi zingazuza ekwazisweni okuphathelene nezinye izindlela zokwelapha. Odokotela abaningi abazimisele ukwelapha iziguli ngaphandle kokusebenzisa igazi bafuna ulwazi nokuqeqeshwa okwengeziwe kulo mkhakha. Ngenxa yokunamathela ezindinganisweni zeBhayibheli eziphathelene nokuphila negazi, oFakazi BakaJehova bakwazile ukulungiselela ukwaziswa emikhakheni yesayensi, yezokwelapha neyamalungelo eziguli okungasiza abezokwelapha nomphakathi wonke.
IHhovisi Lezindaba Zomphakathi kanye noMnyango Wokwaziswa Ngezezibhedlela wahlela uchungechunge lwezinkulumo ezimfushane ezibhedlela zaseSt. Petersburg naseMoscow. Odokotela abaqavile base-United States naseYurophu ababambisana noFakazi BakaJehova esinqumweni sabo sokungalisebenzisi igazi bamenywa ukuba bayokwethula izinkulumo entwasahlobo ka-1998. Umphathi woMnyango We-Anesthesiology and Critical Care Medicine kwesinye isibhedlela sase-United States esinendawo engalisebenzisi igazi uyachaza: “Esikubonile kuveza ukuthi ukuhlinza ngaphandle kwegazi kunciphisa izindleko zokunakekela impilo kube kwenza ngcono nokunakekelwa kwesiguli.” Ekhuluma neqembu lodokotela baseRussia abangu-400, wathi: “Ukumpompela igazi kuye kwabhekwa njengokusindisa ukuphila, kodwa siya sibona eminye yemiphumela yako ezilimaza kakhulu iziguli.” Ukubaluleka kwalolu chungechunge kwasakazwa kakhulu emaphephandabeni. Kwakukhona odokotela abaqavile baseRussia abagxila ezifweni ezithile kanye nabameleli boMnyango Wezempilo namakomiti amele ezempilo. Ngokushesha ngemva kwalokho, imibiko yabezindaba yacaphuna okwakushiwo abantu abahlonishwayo kwezokwelapha ngokuphathelene nengozi ehlobene nokusebenzisa igazi futhi bevuma ukuthi isinqumo sokwenqaba ukumpontshelwa igazi akufanele sibhekwe njengesingenangqondo.
Ngaphezu kwalokho, ngonyaka odlule, emazweni athile kwenziwa imizamo yokuxhumana nabantu nezinhlangano ezizihlupha ngokuwohloka kwemikhaya. Banikwa incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Umphumela waba yini?
Esikoleni esiphambili samaKatolika eMadrid, eSpain, uthishanhloko wa-oda izincwadi ezithi Injabulo Yomkhaya ezingu-90, uthisha ngamunye ezothola eyakhe. Umphathi wekhaya lezingane ezihluphayo eRotterdam, eNetherlands, wacelela umphathi wesigaba ngasinye kuleli khaya incwadi, ngoba wayecabanga ukuthi bangakusebenzisa ekuqukethe ukuze basize le ntsha. E-Ukraine, amaphephandaba, umsakazo ne-TV kwabika ngomkhankaso woFakazi BakaJehova wokuqinisa imikhaya. Abaphathi bezinhlangano ezingu-256 baye bamema oFakazi ukuba banikeze izisebenzi zabo izinkulumo eziphathelene nokuqinisa imikhaya. (Efe. 5:22–6:4) Ngenxa yalo mkhankaso, abanye othisha sebeqalile ukuba khona emihlanganweni yebandla.
Esinye isici okwagxilwa kuso phakathi nonyaka kwakuyindima yabesifazane. IPhaphama! ka-April 8, 1998, yayinochungechunge lwezihloko zokuqala ezithi “Abesifazane—Libaphatheleni Ikusasa?” Yakhuluma ngokucwaswa abesifazane ababhekana nakho, ukubaluleka komsebenzi wabo emphakathini, nethemba elihle iBhayibheli elibaphathele lona. (IzAga 31:10-31; 1 Thim. 5:1, 2) Kwenziwa umzamo okhethekile wokusakaza lokhu kwaziswa emaqenjini nasezinhlanganweni ezikhathalela izindaba ezithinta abesifazane. Obani abanye abanganikeza ukwaziswa okunjalo futhi emazweni angaphezu kuka-230, ngaphandle kwabantu bakaJehova?
Abazalwane begatsha laseJapane bathumela incwadi echazayo, umbiko oklanyelwe abezindaba nekhophi ye-Phaphama! ezinhlanganweni zabesifazane ezingaphezu kuka-3 000. Abantu abathakazelayo ePuerto Rico kuhlanganise nezinye izisebenzi zezenhlalakahle noprofesa waseyunivesithi, bashayela igatsha becela amakhophi ale Phaphama! ekhethekile. Ilungu lesishayamthetho seHouse of Representatives lafunda lo magazini futhi lasithanda kakhulu isimiso semfundo yomhlaba wonke soFakazi BakaJehova nesithakazelo sabo esiqotho emphakathini kangangokuba lamemela uFakazi ehhovisi lalo. Kwelinye idolobha isekela lomphathi-dolobha lakuthanda kakhulu okwakukulo magazini kangangokuba lacela amakhophi ayikhulu licelela iminyango emihlanu kamasipala.
Ngeke sikwazi ukushintsha imibono emibi abantu abaningi kulo mhlaba abanayo ngathi. Kodwa sikholelwa ukuthi uJehova uzoqhubeka ebusisa imisebenzi yokungcwelisa igama lakhe elikhulu. Ngenxa yokuba ofakazi bokuzibonela imisebenzi yethu emihle, labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okumi phakade’ bayazibona izizathu zokuba phakathi kwalabo abakhazimulisa uNkulunkulu.—IzE. 13:48.
‘Ukwelula Izintambo’
Emandulo, uJehova ngokwesiprofetho wathi enhlanganweni yakhe: “Yenza ibe-banzi indawo yetende lakho; . . . ungazibambezeli, welule izintambo zakho, uziqinise izikhonkwane zakho.” (Isaya 54:2) Manje, ekugcwalisekeni kwesAmbulo 7:9, izigidi ezibheke phambili ngokuzimisela ekuphileni emhlabeni ngaphansi koMbuso KaMesiya zizihlanganisa nenhlangano engokwasezulwini. Kudingeka nazo zithole indawo.
Ukuze kube khona izindawo ezifanelekayo zokufundela iBhayibheli, ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso kuyinto esemqoka emazweni amaningi. Ekuhloleni okwenziwa eGhana kwatholakala ukuthi kumanje nje kunamaHholo OMbuso angu-237 kanti kusakhiwa amanye angu-275. I-Ukraine ibika ukuthi sekuphele amaHholo OMbuso angu-84 kanti kusakhiwa amanye angu-61. ENingizimu Afrika, abazalwane abasebenza neKomiti Yokwakha Yesifunda basiza abazalwane bendawo ukuba bakhe isisekelo seHholo LoMbuso labo, bese bebashiya nomshini wokwakha izitini. OFakazi bendawo, ikakhulu odade, bakha izitini bese beyazibeka zome. Uma sezilungile, izisebenzi zokuzithandela ezisebenza neKomiti Yokwakha Yesifunda ziyabuya zizokwakha ihholo masinyane. Le ndlela ibenza bakwazi ukwakha amahholo akahle ngemali ephansi.
Ukuba namaHholo OMbuso afanelekayo kuyasiza ekusheshiseni umsebenzi wokubutha. Kwakhiwa iHholo LoMbuso lamabandla amabili eMadagascar. Ezinyangeni ezimbalwa kwamiswa amanye amabandla amabili kuyo leyo ndawo, futhi kunamathuba okumiswa kwelinye. Kodwa ezweni elinabamemezeli abangaphezu kuka-28 000 e-Afrika, amabandla ayishumi aneHholo LoMbuso elilodwa vó; elinye izwe elinabamemezeli abangaphezu kuka-38 000, kuneHholo LoMbuso elilodwa kulawo nalawo mabandla angu-26. Ihhovisi legatsha elibika abamemezeli abangaphezu kuka-100 000 eMpumalanga Yurophu lithi amabandla angu-13 aneHholo LoMbuso elilodwa vó. Kwamanye amazwe kubonakala kuntuleka amaHholo OMbuso angaphezu kuka-1 000—ngisho nangaphezu kuka-2 500. Ngakho, njengoba unyaka wenkonzo wawuphela, kwakwenziwa amalungiselelo okuba izisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke zisize ekwakheni amanye amaHholo OMbuso angu-8 000 noma ngaphezulu adingeka ngokuphuthumayo emazweni athile lapho abazalwane bendawo bengenawo amakhono anele okwakha nezinto zokwakha izindawo zokuhlanganyela zabaningi abathuthelekela enhlanganweni kaJehova.
Njengoba inani labamemezeli landa—futhi bengu-316 092 ababhapathizwe kulo nyaka odlule—kudingeka nezakhiwo zamagatsha ezengeziwe. Sikhuluma nje abangu-17 781 emikhayeni yaseBethel emhlabeni wonke bakhonza njengamalungu e-Order of Special Full-Time Servants.
EKENYA: Izakhiwo ezintsha zegatsha zanikezelwa eKenya ngo-October 25, 1997. Kwakukhona uMilton Henschel, weNdikimba Ebusayo; nabanye ababeye basebenza eKenya kudala. Kwafika oFakazi abashisekayo bevela kulo lonke elaseMpumalanga ye-Afrika—abanye behamba phansi—bezothamela isimiso esikhethekile esasihlelelwe leyo mpelasonto.
Leli gatsha lengamela umsebenzi wokushumayela nokwenza abafundi endaweni eseMpumalanga ye-Afrika lapho kunengqikithi yabamemezeli abangaphezu kuka-29 000. Amaphayona anesibindi aseNingizimu Afrika aqala afakaza eKenya ekuqaleni kwawo-1930. Nokho, kwaze kwaba ngu-1949, ngokufika kukaMary Whittington owayesanda kubhapathizwa evela eNgilandi, lapho ubufakazi banikezwa ngokuqhubekayo. Izithunywa zevangeli zokuqala eziqeqeshwe eGileyadi, uWilliam noMuriel Nisbet, zafika ngo-1956. Abafowabo bakaMfoweth’ uNisbet, uRobert noGeorge babephakathi kwamaphayona okuqala ayefakaze eKenya ngawo-1930. Ezinye izithunywa zevangeli eziningi, amaphayona akhethekile aseZambia naseTanzania, nabanye abazalwane abakhonza lapho indingeko inkulu khona baye bafeza indima enkulu ekuthuthukeni komsebenzi eKenya. Kwathatha iminyaka engu-41 ukuba kube nabamemezeli abayinkulungwane eKenya. Manje, kubhapathizwa abangaphezu kwenkulungwane unyaka ngamunye!
EFRANCE: Ngempelasonto ka-November 15-16, 1997, oFakazi BakaJehova eFrance banikezela izakhiwo ezintsha zegatsha ezisendaweni eqhele ngamakhilomitha ayikhulu entshonalanga yeParis, eLouviers. Kwakukhona abazalwane nodade basemagatsheni angu-42 bezothamela isimiso sokunikezela, esasinezinkulumo zikaLloyd Barry noDaniel Sydlik, beNdikimba Ebusayo. Futhi yeka indlela okwakujabulisa ngayo ngakusasa, ukubona isixuku sabangu-95 888 esimisweni esikhethekile esasiseVillepinte Exhibition Center, enyakatho yeParis! Lona kwakuwumbuthano omkhulu kunayo yonke oFakazi BakaJehova abake baba nayo eFrance.
Ukwanda kwabamemezeli ngamaphesenti angu-50 ngawo-1980 kwakwenze kwaba nesidingo esiphuthumayo sendawo enkudlwana eBethel. Kodwa kwathatha iminyaka eyishumi ngaphambi kokuba lo msebenzi uphele. Imizamo yokuqala yokwakha eduze kwezakhiwo zethu ezazikhona yaphikiswa kakhulu. Abaphikisi bayaqhubeka bezama ukuphazamisa umsebenzi woFakazi BakaJehova eFrance. Nakuba kunjalo, oFakazi abangu-121 000 eFrance abayeki ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, bayaqiniseka ukuthi abengeziwe kubantu abangaphezu kwezigidi eziyikhulu abakhuluma isiFulentshi emhlabeni kabanzi bayosamukela ngentokozo isimemo ‘sokuthatha amanzi okuphila mahhala.’—IsAm. 22:17.
ESPAIN: Nakuleli lizwe, abantu abaningi abanhliziyo ziqotho bazamukela kahle izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Njengoba isakhiwo segatsha esingaphandle kwaseMadrid sanikezelwa ngo-1983, inani loFakazi eSpain liye landa lisuka kwabangu-53 000 laya kwabangaphezu kuka-103 000. Ukunyatheliswa komagazini baseSpain nasePortugal, INqabayokulinda ne-Phaphama!, kuye kwanda ngokushesha kusuka kwabangu-6 500-000 ngonyaka kuya kwabacishe babe ngu-23 000 000. “Njengoba izisebenzi zaseBethel ezingu-150 bezihlala ezindaweni eziqhele ngamakhilomitha amaningana, besiyiswele ngempela indawo yokuhlala,” kuchaza uJohn Heidelberg, umphathi wekhaya, “futhi sinesidingo esikhulu sendawo eyanele yokugcina izincwadi neyokuzithumela.”
Ukunikezelwa kwezakhiwo zegatsha ezinwetshiwe ngo-March 28, 1998, kwakuwumvuthwandaba weminyaka emihlanu yokusebenza kanzima, lapho izisebenzi zokuzithandela ezingaphezu kuka-25 000—eziningi zivela eSpain, ezinye zivela phesheya—zazisizana khona. UWilliam Malenfant noGerrit Lösch, bobabili abayizisebenzi zasendlunkulu eseBrooklyn, baba nengxenye esimisweni sokunikezela. Nakuba indawo yababezothamela leso simiso yayincane, ngakusasa kwabuthana abangu-65 775 eMadrid naseBarcelona bezojabulela esinye isimiso esihle.
EROMANIA: Sekuyiminyaka engaphezu kuka-80 oFakazi BakaJehova benza inkonzo yabo yasobala eRomania. Ngo-1990, ngesikhathi kukhululwa umsebenzi wabo owawusuneminyaka engu-43 uvinjelwe, kwakunabamemezeli abacela ku-19 000. Manje kunabangaphezu kuka-37 000, futhi eSikhumbuzweni ngo-1998 kwaba khona abangaphezu kuka-82 000. Kwakudingeka ihhovisi legatsha elifanelekayo eRomania. Ngakho, esinye sezici ezivelele kulo nyaka kwakuwukunikezelwa kwegatsha lakhona elisha ngo-May 2, 1998. Kwakukhona abazalwane basemazweni angu-19, kuhlanganise noGerrit Lösch, weNdikimba Ebusayo, bezojabula kanye nabo kuleso senzakalo esimnandi.
Njengoba unyaka ka-1998 wawusondela ekupheleni, kwakunezisebenzi zokwakha zomhlaba wonke ezingu-397 nezisebenzi zokuzithandela zomhlaba wonke ezingu-150 ezazisebenzisana noFakazi bendawo emisebenzini ehlukahlukene yokwakha. Yayihlanganisa ukwakha izakhiwo ezinkulu emazweni angu-38 nemisebenzi emincane kwamanye amazwe angu-23. Manje sekuzofakwa izinkulungwane zamaHholo OMbuso ohlwini lwabo lwezinto ezizokwakhiwa. Ngempela, ngezindlela eziningi, kuningi okwenziwayo ukuze itende elingokomfanekiso ‘lenziwe libe banzi’ futhi ‘kwelulwe izintambo.’
[Isithombe ekhasini 6]
Amalungu eNdikimba Ebusayo anikeza izinkulumo emhlanganweni wezizwe ngamunye
[Isithombe ekhasini 11]
Okwakuvelele kwakuyimibiko yezithunywa zevangeli
[Isithombe ekhasini 12–14]
Ababeze emhlanganweni babonisa uthando nentokozo emangalisayo
[Isithombe ekhasini 21]
Imishini yokulungiselela amakhasethi alalelwayo nawe-video ePatterson
[Isithombe ekhasini 29]
Izakhiwo zegatsha ezinikezelwe: (1) eSpain, (2) eKenya, (3) eFrance