Izenzo ZoFakazi BakaJehova Ezikhathini Zanamuhla
I-Angola
Ingabe impi yombango esithathe iminyaka iyakuvimbela ukukholelwa kuNkulunkulu? Ingabe ubunzima nokushushiswa kuyakuqeda ukuzimisela ukuhlanganyela nabanye iqiniso leZwi likaNkulunkulu? Umlando woFakazi BakaJehova e-Angola unikeza impendulo enamandla ethi cha! Indaba yalabo abakhonza khona iyoqinisa nokholo lwakho emandleni kaJehova okusindisa.
I-Argentina
Cabanga ngenselele yokumemezela izindaba ezinhle ezweni elihlanganisa amakhilomitha-skwele ayizigidi ezingu-2,7, elinezindawo ezihlukahlukene nabantu bohlanga olungafani. Yibe usucabanga ngokuthi lo msebenzi wawenziwa kanjani ngesikhathi oFakazi BakaJehova bevinjelwe uhulumeni iminyaka engu-30. Yizwa indlela oFakazi bakuleli zwe laseNingizimu Melika abazinqobe ngayo izithiyo ezinjalo.
IFrench Guiana
Kungani abantu bengazikhandla ukuze bamemezele izindaba ezinhle phakathi kwezingozi ehlathini lemvula eliminyene? Yini engashukumisa abantu ukuba baphumelele ukugwedla emfuleni ohlokomayo ukuze bafike ezigodini eziqhelile? Isifiso sokufinyelela abantu abanezinhliziyo eziqotho ngeqiniso leBhayibheli. Abaningi benze lokho kanye eFrench Guiana, eNingizimu Melika. Funda indaba yabo ejabulisayo yokholo nesibindi.