Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo
Bafowethu Nodadewethu Abathandekayo:
AKUVE kuyintokozo ukunibhalela le ncwadi! Siyanincoma ngothando nokuzidela enilokhu nikubonisa. Kule Ncwadi Yonyaka nizobona ukuthi kuningi okuhle okufeziwe kulo nyaka wenkonzo odlule. Siphinde sasebenza amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emsebenzini wokushumayela nokufundisa, sikhuthaza abantu ngokuqondile ukuba basondele kuJehova. Akulona yini ilungelo ukusebenza kanye noNkulunkulu okhazimulayo noBaba wethu wasezulwini?—1 Kor. 3:9.
Njengoba sibheka umsebenzi ongaphambili, siyaqiniseka ukuthi nizoqhubeka nilingisa intshiseko nokholo lwezinceku zikaNkulunkulu njengoba luchazwe eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wayezimisele ukuphumelela ngangokunokwenzeka ekuthuthukiseni izithakazelo zoMbuso. Ngokusobala, incwadi yakhe yokuqala yebandla lamaKristu laseKorinte wayibhala ngonyaka wokugcina ese-Efesu. Mayelana nalokho ayehlela ukukwenza ngokushesha, wabhala: “Ngizohlala e-Efesu kuze kube umkhosi wePhentekoste; ngoba ngivulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini, kodwa kukhona abaphikisi abaningi.”—1 Kor. 16:8, 9.
UPawulu wayehlele ukuya eMakedoniya naseKorinte. Kodwa wabona ukuthi uma ehlala isikhashana e-Efesu uyoba nethuba lokwenza umsebenzi owusizo. UPawulu wayevumelana nezimo; wabona kuvuleka ithuba elikahle lokuthuthukisa izithakazelo zoMbuso lapho ayekhona, wabe eseshintsha isimiso sakhe. Wayevulelwe umnyango omkhulu oholela emsebenzini, futhi uPawulu wayezimisele ukulisebenzisa kahle leli thuba lokungena kuwo.
Lokho kwakuyoba umsebenzi omkhulu—ukushumayela izindaba ezinhle nokwakha ibandla lase-Efesu. Kamuva, emadodeni amadala ebandla lakulowo muzi, uPawulu wathi: ‘Angigodlanga ukunitshela noma yini ezintweni eziyinzuzo nokunifundisa obala nasendlini ngendlu. Kodwa kumaJuda nakumaGreki nganikeza ubufakazi obuphelele ngokuphathelene nokuphendukela kuNkulunkulu nokholo eNkosini yethu uJesu.’—IzE. 20:20, 21.
Ngokufanayo, iningi lenu bafowethu nodadewethu abathandekayo niwasebenzise kahle amathuba aye anivulekela. Kulo nyaka wenkonzo odlule, abantu abalinganiselwa ku-798 938 bakwazile ukuhlela izimo zabo bangenela umkhakha othile wenkonzo yamaphayona. Abanye benu baye banqamula amazwe bayoba izithunywa zevangeli. Nisakaza izindaba ezinhle ngentshiseko nakhe namabandla. Abanye benu baye bafunda olunye ulimi ukuze basize abantu abalukhulumayo abahlala nabo. Kanti abanye baye bahlela izimo zabo ukuze bakhonze ensimini engabelwe noma lapho indingeko inkulu khona. Abanye bathole nokuthi umnyango omkhulu oholela emsebenzini ubavulekele esikoleni, emsebenzini noma kwezinye izindawo abangafakaza kuzo ngendlela ephumelelayo, njengokufakaza ngocingo. Izindaba ezivela emhlabeni wonke zifakazela ukuthi abantu bakaNkulunkulu, abancane nabadala, bayazikhandla bafune amathuba okudlulisela ulwazi lweqiniso kubantu kuyo yonke indawo futhi bayawathola.
Qinisekani ukuthi uJehova uyayibona futhi uyazisa ngokujulile imizamo yenu. IBhayibheli lithi: “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe.” (Heb. 6:10) Qhubekani niwaphaphamele amathuba anenza nikwazi ukuthuthukisa ukukhulekela okumsulwa. Abanye benu bangayandisa inkonzo yabo. Sonke singakulwela ukwenza inkonzo yethu iphumelele kakhudlwana.
Siyaphikiswa lapho sifeza ukuthunywa kwethu kokushumayela. Khumbula ukuthi lapho uPawulu esekhulume ngomnyango omkhulu oholela emsebenzini ayevulelwe wona, wabhala: “Kukhona abaphikisi abaningi.” UPawulu wayephikiswa amaJuda nabeZizwe, abanye babemhlasela obala kanti abanye babemakhela ugobe.—IzE. 19:24-28; 20:18, 19.
Sibhekene nesimo esifanayo namuhla. Njengoba sisondela ekubhujisweni kwalesi simiso esonakele, sikulindele ukuthi ukuphikiswa kuzoqina. USathane ‘uthukuthele kakhulu,’ futhi uthukuthelele ikakhulukazi labo abakhonza uNkulunkulu. (IsAm. 12:12) Ningalokothi nikhohlwe ukuthi uSathane “umbusi waleli zwe.” UJesu watshela abafundi bakhe: “Uma beniyingxenye yezwe, izwe belizothanda okungokwalo. Manje ngenxa yokuthi aniyona ingxenye yezwe, kodwa nginikhethile kuleli zwe, ngenxa yalokhu izwe liyanizonda.”—Joh. 14:30; 15:19.
Sizimisele ukuba singavumeli muntu enze ukholo lwethu kuNkulunkulu luntengantenge noma asenze sivilaphele umsebenzi wethu wokushumayela. Siyazi ukuthi bazolokhu bekhona abasihlaselayo nabasakhela uzungu. Kodwa siyaqhubeka sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso, siqiniseka ukuthi uJesu uyomchoboza uSathane namabutho akhe ngesikhathi esimiswe uJehova. Abaphikisi abazange bamthulise umphostoli uPawulu; abazithulisi nezinceku zikaJehova namuhla. Naphezu kolaka lukaSathane nenzondo yezwe, umoya kaJehova usebenza ngamandla kubantu baKhe. Yeka intokozo okuyiyo ukwazi ukuthi sekunenani elisha eliphakeme labamemezeli bezindaba ezinhle elingu-6 304 645!
Sithandazela ukuba niqhubeke niwasebenzisa ngokunenzuzo amathuba okuthuthukisa izithakazelo zoMbuso kaJehova omuhle kakhulu. Qinisekani ngokuthi sinikhathalela ngothando njengoba simi silinganisene “ihlombe nehlombe” enkonzweni kaNkulunkulu oPhezukonke, uJehova.—Zef. 3:9.
Abafowenu,
INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova