Ukwenqaba Imisebenzi Ethile Ngenxa Kanembeza
Isekelwe ku-Isaya 2:4 noJohane 18:36.
E-ARMENIA
Ngo-November 27, 2012, i-ECHR yakhipha isinqumo esivuna uKhachatryan nabanye ecaleni elaliphakathi kwabo ne-Armenia. Uhulumeni wayebeke oFakazi abangu-17 amacala angekho ngenxa yokwenqaba imisebenzi yokusiza umphakathi ngaphansi kokuqondiswa ibutho lezempi. I-Armenia ikhokhele abafowethu isinxephezelo kanye nezindleko zecala ngenxa yalesi senzo esingemthetho.
Naphezu kwalesi sinqumo esivuna uKhachatryan nesinqumo esiwumhlahlandlela ecaleni lika-Bayatyan ne-Armenia, nazo zonke izinqumo ezalandela ze-ECHR, uhulumeni waseArmenia waqhubeka ushushisa futhi ugweba intsha engoFakazi ngoba yenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza. Nokho ngo-June 8, 2013, uhulumeni wavuma ukuba kwenziwe izichibiyelo emthethweni obizwa ngokuthi i-Alternative Service Law owawubonakala sengathi uzoxazulula inkinga yokuba ibutho lezempi liqondise imisebenzi yokusiza umphakathi. Bonke oFakazi ababeboshelwe ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza badedelwa ngo-November 12, 2013, futhi kwavunywa nesicelo sezinsizwa ezingoFakazi sokwenza eminye imisebenzi yokusiza umphakathi.
ENINGIZIMU KOREA
Ngo-October 31, 2013, babengu-602 abazalwane abasejele. Kusukela ngo-1950, iziphathimandla zaseNingizimu Korea ziye zagweba oFakazi BakaJehova abangu-17 605 ingqikithi yeminyaka engu-34 184 ejele ngenxa yokwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza.
Kuze kube muva nje, oFakazi abaningi ababoshiwe bebehlala nezigelekeqe ezitokisini, ngisho nezigebengu eziyingozi. Kodwa ithimba labafowethu laya kumphathi wezamajele eKorea liyomcela ukuba akhulume nabaqondisi bejele bahlukanise abafowethu kwezinye iziboshwa. Iziphathimandla zejele zasukumela phezulu zahlukanisa iningi labafowethu kwezinye iziboshwa, ngakho ngo-April 2013, okungenani amaphesenti angu-75 abafowethu ababoshiwe bebebane noma bebahlanu esitokisini. Kuye kwabathinta kanjani abafowethu lokhu?
“Asisahlushwa izinto ezinjengokuziphatha okubi nenhlamba,” kusho omunye umzalwane. Omunye wathi: “Manje sesiyakwazi ukukhuthazana futhi siba nayo yomihlanu imihlangano ngesonto.”
Phakathi naleso sikhathi, abalisa abangu-56 abadedelwa kwezempi baba amasosha asebenza ngezikhathi ezithile baba oFakazi bayashushiswa, bahlawuliswe futhi baboshwe ngenxa yokwenqaba ukuya koqeqeshelwa impi. Njengoba bebizwa kaningana ngonyaka kuze kube iminyaka engu-8, lokhu kuhlukunyezwa kubaphatha kabi kakhulu.
ESINGAPORE
Naphezu kokucela kaninginingi ukuba benze imisebenzi yokusiza umphakathi, abafowethu abangu-12 badonsa izinyanga ezingu-39 emunye ekamu eliyijele. Omunye umzalwane udonsa unyaka ejele ngenxa yokwenqaba ukuya empini.
ETURKMENISTAN
OFakazi besilisa abangu-9 ababoshelwe ukwenqaba imisebenzi ethile ngenxa kanembeza badonsa izigwebo eziyizinyanga ezingu-18 kuya eminyakeni emibili ejele, futhi ngokuvamile onogada namasosha babashaya kabuhlungu. Lapho bededelwa, iziphathimandla zivame ukuphinde zibabophe zithi “abezwa” bese zibaphatha ngesandla esiqinile. Abameli babafowethu abayishumi abenqabe ukuya empini bafake izikhalazo kuyi-United Nations Human Rights Committee.
Benqaba Ukuhlanganyela Emikhosini Yokushisekela Izwe Ngenxa Kanembeza
Isekelwe kuDaniyeli 3:16-18.
ETanzania: Ngemva kokuba zitholwe zingenacala, lezi zingane ezingoFakazi zaqhubeka nokufunda
ETANZANIA
INkantolo Yokudlulisa Amacala eDar es Salaam, okuyinkantolo ephakeme yaseTanzania, yavumelana ngazwilinye ukuthi kwakungafanele ibhodi yesikole ixoshe abafundi abahlanu, imise nabangu-122 ngenxa yokwenqaba ukucula iculo lesizwe. Esinqumweni esakhishwa ngo-July 12, 2013, inkantolo yaqaphela ukholo oluqotho lwabafundi abangoFakazi nelungelo labo elisekelwa umthetho-sisekelo lokuvikela inkululeko yabo kanembeza nokholo lwabo. Ukuzimisela kwalezi zingane ukuhlala ziqotho kuNkulunkulu kuholele ekunqobeni okuphakamisa igama likaJehova nenkululeko yethu yokukhulekela eTanzania.
Inkululeko Yokukhuluma
Isekelwe encwadini yezEnzo 4:19, 20.
EKAZAKHSTAN
Ukuhlola okwenziwe abantu abathi bangochwepheshe boMnyango Wesifunda Wezenkolo kwathi izincwadi zethu eziningana ziyeqisa, kusikisela ukuthi zidala uqhekeko emphakathini nasezinkolweni. Ngo-April 6, 2013, amaphoyisa edolobheni laseKarabalyk ashaqa izincwadi ngesikhathi epequlula ngokungemthetho emhlanganweni webandla owawusemzini womzalwane. Ngo-July 3, 2013, inkantolo ebizwa ngokuthi i-Astana Economic Court yasekela isinqumo sokuvinjelwa kwezincwadi zethu eziyishumi, okwenza kuqhutshekwe kuhlolwa izincwadi zethu futhi kubekelwa imingcele ukungeniswa kwazo kuleli zwe. Ngaphezu kwalokho, ngo-December 2012, izikhulu zikahulumeni zaqala umkhankaso wokubopha nokugweba abafowethu ngenxa yalokho ezithi umsebenzi wobuvangeli ongekho emthethweni. Ngo-March 28, 2013, inhlangano ebizwa ngokuthi i-Agency for Religious Affairs yatshela i-Regional Religious Center of Jehovah’s Witnesses ukuba itshele oFakazi BakaJehova baseKazakhstan ukuthi kuyicala ukushumayela ngaphandle kwezindawo zabo zokukhulekela. Kusukela ngo-July 2013, iziphathimandla zabeka abafowethu nodadewethu abangu-21 amacala.
Inkululeko Yokuhlangana
Isekelwe kweyamaHebheru 10:24, 25.
E-AZERBAIJAN
Ngo-January 2010 inhlangano ebizwa ngokuthi i-State Committee for Work with Religious Associations yenqaba ukubhalisa kabusha uMphakathi Ongokwenkolo WoFakazi BakaJehova ngenxa yalokho okwakuthiwa amaphutha enziwe esicelweni. Naphezu kwemizamo eminingana yoFakazi BakaJehova yokulungisa lokho okwakuthiwa amaphutha, iziphathimandla zisenqaba ukubabhalisa kabusha. Ngo-July 31, 2012, abafowethu badlulisela lolu daba kuyi-ECHR, bethi uhulumeni wephula inkululeko yethu yokukhulekela lapho wenqaba ukusibhalisa kabusha njengenhlangano engokwenkolo ngaphandle kwezizathu ezingokomthetho. Njengoba bengabhalisiwe, abafowethu abazitholi izinzuzo ezitholwa uma uqashelwa ngokomthetho.
Ukulondeka Nokuphepha Kwabantu Nempahla
Isekelwe kweyabaseFilipi 1:7.
E-UKRAINE
Nakuba oFakazi benenkululeko yokukhulekela e-Ukraine, bayahlukunyezwa, kushiswe amaHholo abo OMbuso noma acekelwe phansi. Abakwasidlodlo abawaphenyi la macala, bangabaqulisi nabantu abawenzile. Akumangalisi ukuthi lokhu kwenza abaphikisi babe nomuzwa wokuthi bangazenza lezi zinto kodwa bangajeziswa. Ngenxa yalokho, buye banda ubugebengu obenziwa kubafowethu ngo-2012 nango-2013. Izigigaba ezinhlanu zokucekelwa phansi nokushiswa kwempahla yoFakazi ngo-2010 zanda zafika ku-15 ngo-2011, zaba ngu-50 ngo-2012, futhi ezinyangeni zokuqala ezinhlanu ngo-2013 zaba ngu-23. Ihhovisi legatsha lizidlulisele kuyi-United Nations Human Rights Committee lezi zenzo zesihluku.
E-Ukraine: Abafowethu balungiselela ukwakha kabusha leli Hholo LoMbuso elacekelwa phansi lashiswa
Ilungelo Lokuzinqumela
Isekelwe encwadini yezEnzo 5:29 no–15:28, 29.
E-ARGENTINA
Entwasahlobo ka-2012, uPablo Albarracini wayezimele ngesikhathi izigelekeqe zizama ukuphanga, wadubuleka kaningi wayesephuthunyiswa esibhedlela equlekile. Wayesayine ikhadi legazi ayenqaba ngalo ukwelashwa ngemikhiqizo yegazi. Nakuba isibhedlela sasifuna ukuhlonipha isinqumo sakhe esicacile, isihlobo sakhe esingakholwa sazama ukuthola imvume enkantolo yokuba uMfoweth’ u-Albarracini ampontshelwe igazi, sithi ukumpontshelwa igazi kuzosindisa ukuphila kwakhe. Noma kunjalo, iNkantolo Ephakeme Yase-Argentina yavuna uMfoweth’ u-Albarracini, ihlonipha ilungelo lakhe lokusho ukuthi elashwe kanjani nakuba ayequlekile. Akazange ampontshelwe igazi futhi welulama. Wabonga uJehova ngokumsiza ukuba agcine ubuqotho bakhe kulolu daba olubalulekile.
Bayabandlululwa Ngokwenkolo
Isekelwe kuLuka 21:12-17.
EKYRGYZSTAN
Ngo-April 16, 2013, inkantolo yenza isinqumo esivuna abafowethu baseToktogul, lapho iHholo LoMbuso lacekelwa khona kabili izakhamuzi. Inkantolo yagweba lezo zakhamuzi yayisithi azikhokhe nesinxephezelo. Njengamanje kuqulwa icala lalabo abacekela phansi iHholo okokuqala, okunikeza ithemba lokuthi izinkinga kuleyo ndawo zizophela. Amabandla azolakha kabusha iHholo LoMbuso.