Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb15 kk. 2-3
  • ISihloko Sonyaka Ka-2015

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISihloko Sonyaka Ka-2015
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Mbongeni UJehova, Nibusiswe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Ziboniseni Ninokubonga”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
  • “Mbongeni UJehova”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Thembela KuJehova, ‘UNkulunkulu Wenduduzo Yonke’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
yb15 kk. 2-3
Isithombe emakhasini 2, 3

ISihloko Sonyaka Ka-2015

“Mbongeni uJehova, ngoba muhle.” IHubo 106:1

Ngemva kokukhululwa kuFaro namabutho akhe oLwandle Olubomvu, ama-Israyeli ayenazo zonke izizathu zokubonga uJehova. Nathi singambonga ngenjabulo uJehova. Yiqiniso, lapho sehlelwa yizimo ezivivinyayo, singadikibala kalula. Ezikhathini ezinjalo singaduduzwa futhi siqiniswe ukucabanga ngezibusiso esinazo.

Phakathi kwezibusiso esizazisa kunazo zonke yithemba lethu eliqinisekisiwe lokukhululwa kukho konke okusibangela ubuhlungu nokucindezeleka. Kungakhathaliseki ukuthi yibuphi ubunzima obungasehlela, siyazi ukuthi uJehova ngeke asishiye. UMalusi wethu onothando usinika konke esikudingayo ukuze simkhonze ngokwethembeka. Akahluleki nanini ukuba “yisiphephelo namandla, usizo olutholakala ngokushesha ngesikhathi sokucindezeleka.” (IHu. 46:1) Ukuzigcina sigxile kulezi zibusiso kuyosisiza sikwazi ukuthwala ngisho nosizi olubuhlungu kunalo lonke. Kuwo wonke lo nyaka ozayo, kwangathi singacabanga ngokujulile nangenjabulo ngezibusiso esinazo futhi sishukumiseleke ukuba ‘sibonge uJehova, ngoba muhle; ngoba umusa wakhe wothando umi kuze kube nini nanini.’—IHu. 106:1.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela