Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb16 k. 16-k. 17 isig. 4
  • Ukusheshiswa Kokwakhiwa KwamaHholo OMbuso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukusheshiswa Kokwakhiwa KwamaHholo OMbuso
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • Indaba Ethi Ayifane
  • I-Worldwide Design/Construction Department
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2015
  • Umsebenzi Wokwakha Odumisa UJehova
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Unganikela Yini Ngesikhathi Nangamandla Akho?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2020
  • Ukwakha Ndawonye Embulungeni Yonke
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
yb16 k. 16-k. 17 isig. 4
OFakazi BakaJehova bakha iHholo LoMbuso elisha

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Ukusheshiswa Kokwakhiwa KwamaHholo OMbuso

YEKA indlela okujabulisa ngayo ukubona ukuthi uJehova ubelokhu ekusheshisa ukwanda kokukhulekela kweqiniso emhlabeni wonke! (Isaya 60:22) Ngenxa yalokho, sande kakhulu isidingo samaHholo OMbuso. Emhlabeni wonke, angaphezu kuka-13 000 amahholo amasha okudingeka akhiwe noma kulungiswe izinto eziningi kuwo.

Ukuze umsebenzi usheshiswe kodwa kongiwe imali, iNdikimba Ebusayo ibilokhu yenza izinguquko eminyango yethu ehlukahlukene yokwakha. Umnyango osanda kumiswa obizwa ngokuthi iWorldwide Design/Construction Department (WDC), osendlunkulu yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, ubusebenza kanzima uhlela ukuthi yiziphi izakhiwo ezizokwakhiwa kuqala, usheshisa nomsebenzi wokwakha nowokulungisa izakhiwo emhlabeni jikelele. Umnyango obizwa ngokuthi iRegional Design/Construction Department (RDC) osemagatsheni ase-Australasia, eYurophu Emaphakathi, eNingizimu Afrika nase-United States, ubulokhu uhlela imisebenzi yokwakha ezindaweni okuzo, ugxile kakhulu ekwakheni amaHholo OMbuso ngokushesha nangendlela eyonga imali. Ama-RDC aqeqesha namagatsha asezindaweni akuzo ukuba agcine izakhiwo zenhlangano ezisensimini yawo zisesimweni esihle. Egatsheni ngalinye kunomnyango obizwa ngokuthi iLocal Design/Construction Department (LDC) ohlela ukwakhiwa kwamaHholo OMbuso nawoMhlangano nokugcinwa kwawo esesimweni esihle.

Ngo-January 2015, bonke abadala base-United States bethamela umhlangano ababexhunywe kuwo nge-video owawuchaza indlela entsha yokuhlela, yokwakha neyokugcina amaHholo OMbuso esesimweni esihle. Nakhu abakufunda.

  • Ukwakhiwa: AmaHholo azokwakhiwa ngendlela efanayo nangezinto ezifanayo kuye ngezimo zendawo, kusetshenziswa iziqondiso ezivela eKomitini Yokunyathelisa YeNdikimba Ebusayo. Kuzoba lula ukunakekela lezi zakhiwo futhi ngeke zisheshe ziguge, zizoba zinhle kodwa zingabizi kakhulu.

  • Ukuzigcina Zisesimweni Esihle: Ebandleni ngalinye kuzoqeqeshwa amavolontiya ukuba anakekele izindawo zethu zokukhulekela ukuze zihlale isikhathi eside.

Yiqiniso, kukhulu kakhulu okuhilelekile kulo msebenzi wokwakha lezi zakhiwo nokuzigcina zisesimweni esihle. Kodwa imizamo yobunye yabantu bakaNkulunkulu iyofeza lukhulu ekusheshiseni umsebenzi ngendlela eyokonga izimali ezinikelwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela