Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yb17 kk. 130-131
  • Ubukuphi Sonke Lesi Sikhathi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubukuphi Sonke Lesi Sikhathi?
  • INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uthisha Ushintsha Umbono Wakhe
    I-Phaphama!—2009
  • Igugu Elinamakhulu Eminyaka Licashile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Ngazibonela Ngawami Lokho Okufundiswa IBhayibheli!
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
  • ‘Ukufuna UMbuso Kuqala’
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2017
yb17 kk. 130-131

IGEORGIA

Ubukuphi Sonke Lesi Sikhathi?

U-Artur Gerekhelia

  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1956

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1991

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE Ngemva nje kwezinyanga ezingu-8 ebhapathiziwe, washiya umuzi nebhizinisi elalichuma ukuze ayokhonza lapho indingeko inkulu khona.

U-Artur Gerekhelia

LAPHO ngisanda kubhapathizwa abadala bangibuza ukuthi ngingathanda yini ukwandisa inkonzo yami. Ngo-May 4, 1992, ngaya emhlanganweni okhethekile owawuhlelelwe ababekulungele ukuya lapho indingeko inkulu khona. Ngakusasa, mina nengangihamba naye enkonzweni yasensimini saya echwebeni laseBatumi, esifundeni sase-Ajaria.

Ngesikhathi ngiqala ukushumayela eBatumi, ngangethukile. Ngangizibuza ukuthi, ‘Ngizoqala kanjani nje?’ Yangimangaza indlela asabela ngayo owesifazane wokuqala engakhuluma naye, owavele wathi: “Ubukuphi sonke lesi sikhathi?” Wayefuna ukwazi kabanzi ngoFakazi kangangokuthi ngakusasa waqala ukufunda nathi iBhayibheli!

Ngaphambi kokuba siye eBatumi, sathola uhlu lwamakheli alabo ababenesifiso sokufunda iBhayibheli. Njengoba sasingalazi kahle idolobha laseBatumi, sasicela abantu ukuba basiyalele imigwaqo yakhona. Abaningi kubo babengakwazi ukusisiza ngenxa yokuthi amagama emigwaqo yakhona ayesanda kushintshwa. Ngokushesha nje, sase siqhuba izifundo zeBhayibheli namaqembu abantu abangu-10 kuya ku-15.

Ngemva kwezinyanga ezine sifikile, abantu abangaphezu kuka-40 base beya njalo emihlanganweni yethu. Ngakho sazibuza ukuthi, ‘Ubani ozonakekela laba abasanda kufika?’ Ngenxa yokungaboni ngaso linye okwakuphakathi kwebutho lezempi laseGeorgia neqembu labantu elishisekela ukuhlukana e-Abkhazia, bonke esasinabo ebandleni engangikulo baya eBatumi. Kwamiswa ibandla elisha elalinabadala abangomakad’ ebona namaphayona ngosuku olulodwa nje!

Ukuqhuba isifundo seBhayibheli neqembu labantu
    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela