Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 19
  • Kungani Ofakazi BakaJehova Bengawagubhi Ama-Easter?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ofakazi BakaJehova Bengawagubhi Ama-Easter?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibono evamile engamanga
  • Kungani oFakazi BakaJehova bengawagubhi ama-Easter?
  • Asho Ukuthini AmaIsta Kuwe?
    I-Phaphama!—1992
  • Asho Ukuthini AmaIsta KuNkulunkulu?
    I-Phaphama!—1992
  • Ama-Easter Noma ISikhumbuzo—Ikuphi Okufanele Ukugubhe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
  • Lithini IBhayibheli Ngama-Easter?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 19

Kungani Ofakazi BakaJehova Bengawagubhi Ama-Easter?

Imibono evamile engamanga

Amanga: OFakazi BakaJehova abawagubhi ama-Easter ngoba abawona amaKristu.

Iqiniso: Sikholelwa ukuthi uJesu Kristu unguMsindisi wethu futhi senza konke okusemandleni ukuba ‘silandele izinyathelo zakhe eduze.’—1 Petru 2:21; Luka 2:11.

Amanga: Anikholelwa ukuthi uJesu wavuswa kwabafileyo.

Iqiniso: Siyakholelwa ekuvusweni kukaJesu; lokhu sikubheka njengemfundiso eyisisekelo yokholo lomKristu futhi siyakubonisa lokhu lapho sishumayela.—1 Korinte 15:3, 4, 12-15.

Amanga: Aninandaba nokuthi izingane zenu aziyitholi injabulo yamaholide ama-Easter.

Iqiniso: Siyazithanda izingane zethu—siyazinikela ekuziqeqesheni nasekuzisizeni ukuze zijabule.—Thithu 2:4.

Kungani oFakazi BakaJehova bengawagubhi ama-Easter?

  • Ukugujwa kweholide lama-Easter akusekelwe eBhayibhelini.

  • UJesu wasiyala ukuba sikhumbule ukufa kwakhe, hhayi ukuvuswa kwakhe. Sigcina umkhosi weSikhumbuzo unyaka ngamunye ngosuku lokufa kwakhe ngokuvumelana nekhalenda yeBhayibheli.—Luka 22:19, 20.

  • Sikholelwa ukuthi umsuka wamasiko ama-Easter, ovela emikhosini yasendulo yenzalo, wenza ama-Easter angamukeleki kuNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna ‘sizinikele kuye kuphela’ futhi kumphatha kabi ukukhulekela okuhlanganisa imikhuba angayamukeli.—Eksodusi 20:5; 1 AmaKhosi 18:21.

Sikholelwa ukuthi isinqumo sethu sokungawagubhi ama-Easter sisekelwe ngokuqinile eBhayibhelini, elisikhuthaza ukuba sisebenzise “ukuhlakanipha okusebenzayo kanye nekhono lokucabanga” kunokuba simane nje silandele amasiko abantu. (IzAga 3:21; Mathewu 15:3) Nakuba sixoxa nabantu ngezinkolelo zethu mayelana nama-Easter lapho besibuza, siyalihlonipha ilungelo lomuntu ngamunye lokuzinqumela lokho afuna ukukwenza.—1 Petru 3:15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela