Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 23
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusiza umphakathi
  • “Abayona Ingxenye Yezwe”
    Khulekela Okuwukuphela KukaNkulunkulu Weqiniso
  • Ingabe Umuntu Angakwazi Ukuthanda Izitha Zakhe?
    I-Phaphama!—2009
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • UNkulunkulu NoKesari
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1996
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 23

Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?

Nazi izizathu ezenza oFakazi BakaJehova bangayi empini:

  1. Balalela uNkulunkulu. IBhayibheli lithi izikhonzi zikaNkulunkulu “ziyokhanda izinkemba zazo zibe ngamageja . . . futhi ngeke zisayifunda impi.”—Isaya 2:4.

  2. Balalela uJesu. UJesu wathi kumphostoli uPetru: “Buyisela inkemba yakho endaweni yayo, ngoba bonke abaphatha inkemba bayobhubha ngenkemba.” (Mathewu 26:52) Ngakho uJesu wabonisa ukuthi abalandeli bakhe babengeke baphathe izikhali zempi.

    Abafundi bakaJesu balalela umyalo wakhe othi “abayona ingxenye yezwe” ngokuqhubeka bengathathi hlangothi kwezombusazwe. (Johane 17:16) Ababhikishi ngokumelene nezimpi noma baphazamise labo abakhetha ukuba amasosha.

  3. Bathanda abanye. UJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘bathandane.’ (Johane 13:34, 35) Babeyokwakha ubuzalwane bomhlaba wonke futhi alikho ilungu elaliyophakamisa isikhali ngokumelene nomfowabo noma udadewabo.—1 Johane 3:10-12.

  4. Isibonelo samaKristu okuqala. I-Encyclopedia of Religion and War ithi: “Abalandeli bakaJesu bokuqala benqaba ukuya empini nokwenza umsebenzi wezempi,” beqaphela ukuthi ukwenza kanjalo “akuhambisani nendlela kaJesu yothando nomyalo wokuba bathande izitha zabo.” Isazi sezenkolo saseJalimane uPeter Mein­hold sasho lokhu ngalabo bafundi bakaJesu bokuqala: “Ukuba umKristu nesosha kwakubhekwa njengezinto ezingahlangani.”

Ukusiza umphakathi

OFakazi BakaJehova bangamalungu omphakathi awusizo futhi abayona ingozi emazweni abahlala kuwo. Siyalihlonipha igunya likahulumeni ngokuvumelana nale miyalo yeBhayibheli:

  • ‘Zithobeni emagunyeni aphakeme.’—Roma 13:1.

  • “Buyiselani kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.”—Mathewu 22:21.

Ngakho siyawuthobela umthetho, siyayikhokha intela futhi senza ngokuvumelana nemizamo kahulumeni yezenhlalakahle.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela