Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 24
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Banalo Isonto?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova Banalo Isonto?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Nithi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova”?
  • Amalungiselelo Ezindawo Zokukhulekela
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Filemoni Okuphakathi
    IBhayibheli ImiBhalo Engcwele
  • Lena Indawo Yethu Yokukhulekela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ingabe AmaKristu Kufanele Aye Esontweni?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 24

Ingabe OFakazi BakaJehova Banalo Isonto?

EBhayibhelini, igama lesiGreki ngezinye izikhathi elihunyushwa ngokuthi “isonto” libhekisela eqenjini labakhulekeli, hhayi esakhiweni abahlangana kuso.

Phawula lesi sibonelo: Lapho umphostoli uPawulu ebhalela amaKristu aseRoma, wathumela imikhonzo ku-Akhwila noPrisila wabe esethi: “Nibingelele isonto elihlangana endlini yabo.” (Roma 16:5, Contemporary English Version) UPawulu wayengathumeli leyo mikhonzo esakhiweni. Kunalokho, wayeyithumela kubantu—ibandla elalihlangana kuleyo ndlu.a

Ngakho kunokuba sibize indawo yethu yokukhulekela ngokuthi isonto, sithi “IHholo LoMbuso.”

Kungani Nithi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova”?

Leli gama liyafaneleka ngenxa yezizathu eziningana:

  • Lesi sakhiwo siyihholo, noma indawo yemihlangano.

  • Siyahlangana ukuze sikhulekele uJehova, uNkulunkulu weBhayibheli, nokufakaza ngaye.—IHubo 83:18; Isaya 43:12.

  • Siyahlangana futhi ukuze sifunde ngoMbuso kaNkulunkulu, lowo uJesu ayevame ukukhuluma ngawo.​—Mathewu 6:9, 10; 24:14; Luka 4:43.

Wamukelekile ukuvakashela eHholo LoMbuso elisendaweni yakini uzozibonela indlela oFakazi BakaJehova abayiqhuba ngayo imihlangano yabo.

a Amazwi afanayo ayavela kweyoku-1 Korinte 16:19; Kolose 4:15; nakuFilemoni 2.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela