Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 28
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakukhipha Okweshumi?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakukhipha Okweshumi?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukunikela Okuletha Injabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Singamkhokhela Kanjani UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Lithini IBhayibheli Ngokunikela Okweshumi?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukunikela Kuze Kuzwele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 28

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayakukhipha Okweshumi?

Cha, oFakazi BakaJehova abakhiphi okweshumi; umsebenzi wethu usekelwa ngeminikelo yokuzithandela futhi amagama alabo abanikelayo awabhalwa ndawo. Kuyini okweshumi, futhi kungani oFakazi BakaJehova bengakhiphi okweshumi?

Umthetho wokukhipha okweshumi, noma ukunikela okweshumi kwalokho umuntu anakho, kwakuyingxenye yoMthetho owanikezwa isizwe sakwa-Israyeli sasendulo. Kodwa iBhayibheli likwenza kucace ukuthi lo Mthetho—kuhlanganise “nomyalo wokuba [kuqoqwe] okweshumi”—awusebenzi kumaKristu.—Hebheru 7:5, 18; Kolose 2:13, 14.

Kunokuba bakhiphe okweshumi futhi banikele ngoba bephoqekile, oFakazi BakaJehova balingisa amaKristu okuqala futhi basekela inkonzo yabo ngezindlela ezimbili: ngokwenza umsebenzi wabo wokushumayela ngaphandle kokuholelwa nangokunikela ngokuzithandela.

Ngakho silalela isiqondiso seBhayibheli kumaKristu: “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Korinte 9:7.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela