Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 29
  • Ngingabhekana Kanjani Namaphutha Ami?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ngingabhekana Kanjani Namaphutha Ami?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ubungenzani?
  • Izizathu ezintathu zokuvuma amaphutha akho
  • Indlela ongafunda ngayo emaphutheni akho
  • Ngingawalungisa Kanjani Amaphutha Ami?
    Izimpendulo Zemibuzo Eyishumi Ebuzwa Yintsha
  • Kungani Kufanele Uvume Iphutha?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Indlela Efanele Yokubheka Amaphutha
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2017
  • Ingabe Uyafunda Emaphutheni Akho?
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2022
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 29
Abafana ababili ababuka isibuko semoto esilinyazwe i-baseball yabo

INTSHA IYABUZA

Ngingabhekana Kanjani Namaphutha Ami?

  • Ubungenzani?

  • Izizathu ezintathu zokuvuma amaphutha akho

  • Indlela ongafunda ngayo emaphutheni akho

Ubungenzani?

Funda ngokwenzeka kuKarina futhi ucabange ukuthi ukube kwenzeka kuwe ubungenzani?

UKarina: “Ngangiya esikoleni, ngishayela ngesivinini esiphezulu, iphoyisa langimisa langinika ithikithi. Ngangicasukile! Ngatshela uMama, wase ethi kumelwe ngitshele uBaba​—okuyinto engangingafuni ukuyenza.”

Ubungenzani?

  1. Indlela Yokuqala: Ukuthula ngethemba lokuthi ubaba ngeke azi ngakho.

  2. Indlela Yesibili: Ukutshela ubaba konke okwenzekile njengoba nje kunjalo.

Ungase ulingeke ukuba ukhethe Indlela Yokuqala. Futhi mhlawumbe umama wakho uyovele acabange ukuthi uyile kubaba wakho wamtshela ngephutha lakho. Kodwa kunezizathu ezinhle zokuba uvume amaphutha akho​—kungakhathaliseki ukuthi amayelana nethikithi lomgwaqo noma okunye.

Izizathu ezintathu zokuvuma amaphutha akho

  1. 1. Ngoba yinto okufanele uyenze. Lapho iBhayibheli lichaza isimiso samaKristu lithi: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

    “Ngiye ngasebenza kanzima ukuze ngithembeke futhi ngithwale imiphumela yezenzo zami​—nokuthi ngilivume ngokushesha iphutha ngemva kokulenza.”​—Alexis.

  2. 2. Ngoba abantu bavame ukubaxolela labo abawavumayo amaphutha abo. IBhayibheli lithi: “Omboza izeqo zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”—IzAga 28:13.

    “Kudinga isibindi ukuvuma iphutha, kodwa yileyo indlela abantu abangakwethemba ngayo. Bayabona ukuthi uthembekile. Ngokuvuma iphutha, wenza into embi ibe yinto enhle.”—Richard.

  3. 3. Okubaluleke nakakhulu, kujabulisa uJehova uNkulunkulu. IBhayibheli lithi: “Umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova, kodwa yena usondelana nabaqotho.”—IzAga 3:32.

    “Ngemva kokuba ngenze iphutha elikhulu, ngaqala ukuqaphela ukuthi kwakudingeka ukuba ngiziveze futhi ngilivume. Yayingekho indlela yokuba uJehova wayengangibusisa uma ngangingenzi izinto ngendlela yakhe.”—Rachel.

Ngakho uKarina walisingatha kanjani iphutha lakhe? Wazama ukufihlela uBaba wakhe ithikithi lomgwaqo lokushayela ngesivinini esiphezulu. Kodwa akakwazanga ukulifihla unomphela. UKarina uthi, “Cishe ngemva konyaka, ubaba wayebheke amarekhodi ethu omshuwalense futhi waqaphela ukuthi kwakunethikithi lomgwaqo lokushayela ngesivinini esiphezulu ngaphansi kwegama lami. Ngaba senkingeni enkulu—ngisho nomama wayecasukile ngokuthi ngangingakwenzanga lokho ayethe ngikwenze!”

Isifundo: UKarina uthi: “Ukufihla amaphutha kumane kwenze izinto zibe zimbi nakakhulu. Usazojeza kamuva!”

Indlela ongafunda ngayo emaphutheni akho

Wonke umuntu uyawenza amaphutha. (Roma 3:23; 1 Johane 1:8) Futhi njengoba sibonile, ukuwavuma​—ngaso leso sikhathi​—kuwuphawu lokuthobeka nokuvuthwa.

Isinyathelo esilandelayo ukufunda emaphutheni akho. Ngokudabukisayo, abanye abasha balahlekelwa yilelo thuba! Bangase bazizwe ngendlela omunye omusha ogama lakhe linguPriscilla ake azizwa ngayo. Uthi: “Ngangivame ukudangala kakhulu ngenxa yamaphutha ami. Ngangizenyeza, ngakho amaphutha ami ayebonakala ewumthwalo omkhulu engingakwazi ukuwuthwala. Ngangikhungathekile futhi ngiphelelwe yithemba.”

Intombazane ezibuka esibukweni esibonisa ngemumva ibe ishayela

Ingabe ngezinye izikhathi uzizwa ngaleyo ndlela? Uma kunjalo, khumbula lokhu: Ukugxila emaphutheni esikhathi esedlule kufana nokugqolozela isibuko semoto esikwenza ubone ngemuva ube ushayela. Ukugxila esikhathini esidlule kuyokushiya uzizwa ungelutho futhi ungenamandla okubhekana nezinselele ezingaphambi kwakho.

Kungani ungabi nombono olinganiselayo?

“Bheka emuva emaphutheni akho futhi ufunde kuwo ukuze ungawaphindi. Kodwa ungagxili kuwo kakhulu aze akudangalise.”​—Elliot.

“Ngizama ukubheka amaphutha njengezifundo, ngokufunda ephutheni ngalinye engilenzile ukuze ngibe umuntu ongcono futhi ngisingathe isimo ngendlela ehlukile esikhathini esizayo. Ukwenza kanjalo kukunika ithuba lokukhula.”​—Vera.

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

Connor

“Abanye abantu bacasuka kakhulu ngamaphutha abo, kuyilapho abanye bevele bengabi nandaba. Kungcono ukuba phakathi nendawo—ube nendaba namaphutha akho ngendlela elinganiselayo ukuze ufunde kuwo futhi ungawaphindi.”​—Connor.

Dami

“Lapho abagijimi bewa, bakushiya phansi ukuqhosha bavuke. Yilokho okudingeka ukwenze lapho wenza iphutha. Uma ufunda emaphutheni akho futhi uwalungise, uba umuntu ongcono.”​—Dami.

Zipporah

“Kungcono ukukhumbula amaphutha akho ngendlela eyakhayo. Funda okuthile kuwo, futhi leso sifundo usisebenzise ukuze ungawaphindi. Kodwa ungavumeli lezo zinkumbulo ukuba zikunamathele njengenomfi. Yamukela isifundo bese uqhubekela phambili.”​—Zipporah.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela