Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 83
  • Ukhona Yini Owake Wabona UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukhona Yini Owake Wabona UNkulunkulu?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo YeBhayibheli
  • Indlela “yokubona” uNkulunkulu manje
  • Ingabe uMose, u-Abrahama nabanye bambona ngempela uNkulunkulu?
  • Ingabe Ukhona Oke Wabona UNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • UMose—Indlela Ukuphila Kwakhe Okukuthinta Ngayo
    I-Phaphama!—2004
  • Funda Izindlela ZikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • UJesu Kristu Waba Kanjani Umprofethi OnjengoMose?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 83
Indoda ibheke ezulwini

Ukhona Yini Owake Wabona UNkulunkulu?

Impendulo YeBhayibheli

Akekho umuntu owake wabona uNkulunkulu ngokoqobo. (Eksodusi 33:20; Johane 1:18; 1 Johane 4:12) IBhayibheli lithi “UNkulunkulu unguMoya,” akabonakali ngeso lenyama.​—Johane 4:24; 1 Thimothewu 1:17.

Nokho, izingelosi ziyakwazi ukubona uNkulunkulu ngoba zona ziyizidalwa zomoya. (Mathewu 18:10) Ngaphezu kwalokho, abantu abathile abafayo bazovuselwa ekuphileni kwasezulwini benemizimba yomoya bese bekwazi ukubona uNkulunkulu.​—Filipi 3:20, 21; 1 Johane 3:2.

Indlela “yokubona” uNkulunkulu manje

Ngokuvamile iBhayibheli likhuluma ngokubona okungokomfanekiso lapho lichaza ukukhanyiselwa noma ukuqonda. (Isaya 6:10; Jeremiya 5:21; Johane 9:39-41) Ngalo mqondo, umuntu angambona uNkulunkulu ‘ngamehlo enhliziyo yakhe’ ngokubonisa ukholo kuYe, ngokumazi nangokwazisa izimfanelo zaKhe. (Efesu 1:18) IBhayibheli lichaza izinto esingazenza ukuze sakhe ukholo olunjalo:

  • Funda ngezimfanelo zikaNkulunkulu, njengothando lwakhe nokupha, kanye nokuhlakanipha namandla akhe okubonakala endalweni yakhe. (Roma 1:​20) Ngemva kokuba isikhunjuzwe ngemisebenzi kaNkulunkulu yendalo, indoda ethembekile uJobe yazizwa sengathi ibona uNkulunkulu ephambi kwamehlo ayo.​—Jobe 42:5.

  • Thola ulwazi ngoNkulunkulu ngokutadisha iBhayibheli. IBhayibheli liyasiqinisekisa, “Uma umfuna [uNkulunkulu], uyozenza atholakale kuwe.”​—1 IziKronike 28:9; IHubo 119:2; Johane 17:3.

  • Funda ngoNkulunkulu endleleni uJesu ayephila ngayo. Njengoba uJesu abubonisa ngokuphelele ubuntu bukaYise, uJehova uNkulunkulu, wayengasho kufanele ukuthi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.”​—Johane 14:9.

  • Phila ngendlela ejabulisa uNkulunkulu ubone lokho azokwenzela kona. UJesu wathi: “Bayajabula abahlanzekile enhliziyweni, ngoba bayobona uNkulunkulu.” Njengoba kuphawuliwe ekuqaleni, abanye abajabulisa uNkulunkulu bayovuselwa ezulwini futhi ‘bayombona’ lapho uNkulunkulu.—Mathewu 5:8; IHubo 11:7.

Ingabe uMose, u-Abrahama nabanye bambona ngempela uNkulunkulu?

Ekulandiseni okungase kubonakale sengathi iBhayibheli lithi kukho abantu bake bambona ngempela uNkulunkulu, umongo wendaba uyabonisa ukuthi uNkulunkulu wayemelelwa yingelosi noma abonakale embonweni.

Izingelosi.

Endulo, uNkulunkulu wayethumela izingelosi ukuze zibe abameleli bakhe zibonwe abantu futhi zikhulume egameni lakhe. (IHubo 103:20) Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wake wakhuluma noMose esihlahleni esivuthayo, futhi iBhayibheli lithi “uMose wafihla ubuso bakhe, ngoba wayesaba ukubheka uNkulunkulu weqiniso.” (Eksodusi 3:4, 6) Nokho, uMose akambonanga ngokoqobo uNkulunkulu, ngoba umongo uyabonisa ukuthi empeleni wabona “ingelosi kaJehova.”​—Eksodusi 3:2.

Ngokufanayo, lapho iBhayibheli lithi uNkulunkulu “wakhuluma noMose ubuso nobuso,” lisho ukuthi uNkulunkulu waxoxa noMose njengomngane. (Eksodusi 4:10, 11; 33:11) Empeleni uMose akazange abone ubuso bukaNkulunkulu, ngoba ulwazi aluthola kuNkulunkulu ‘lwadluliselwa ngezingelosi.’ (Galathiya 3:19; IzEnzo 7:53) Nokho, ukholo lukaMose kuNkulunkulu lwaluqine kangangokuba iBhayibheli limchaza njengomuntu ‘okwakungathi uyambona Lowo ongabonakali.’​—Hebheru 11:27.

UNkulunkulu waxhumana no-Abrahama ngendlela axhumana ngayo noMose, wasebenzisa izingelosi. Nokho, uma ufunda iBhayibheli ukha phezulu ungase ubone sengathi u-Abrahama wambona ngokoqobo uNkulunkulu. (Genesise 18:​1, 33) Nokho, umongo uyabonisa ukuthi “amadoda amathathu” eza ku-Abrahama empeleni ayeyizingelosi ezithunywe uNkulunkulu. U-Abrahama wabona ukuthi zingabameleli bakaNkulunkulu futhi wakhuluma nazo njengokungathi ukhuluma noJehova uqobo.​—Genesise 18:​2, 3, 22, 32; 19:1.

Imibono.

UNkulunkulu wayebuye avele kubantu ngemibono. Ngokwesibonelo, lapho iBhayibheli lithi uMose namanye ama-Israyeli ‘babona uNkulunkulu ka-Israyeli,’ empeleni babebona “umbono kaNkulunkulu weqiniso.” (Eksodusi 24:9-11) Ngokufanayo, ngezinye izikhathi iBhayibheli lithi abaprofethi ‘babona uJehova.’ (Isaya 6:1; Daniyeli 7:9; Amose 9:1) Endabeni ngayinye, umongo ubonisa ukuthi babenikwa umbono kaNkulunkulu hhayi ukuthi babona uNkulunkulu ngokoqobo.​—Isaya 1:1; Daniyeli 7:2; Amose 1:1.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela