Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 42
  • Ingabe Kubi Ngempela Ukuthuka Inhlamba?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Kubi Ngempela Ukuthuka Inhlamba?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isivivinyo
  • Okwenza kubaluleke
  • Ongakwenza
  • Isizathu Sokuba Inhlamba Ingawafaneli AmaKristu
    I-Phaphama!—1992
  • Yini Engalungile Ngokusho Inhlamba Ngezinye Izikhathi?
    I-Phaphama!—1989
  • Ngingasinqoba Kanjani Isifiso Sokusho Inhlamba?
    I-Phaphama!—1989
  • Inhlamba—Ingabe Iyingozi Ngempela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 42
Umfana uvale umlomo nge-tape ukuze angayithuki inhlamba

INTSHA IYABUZA

Ingabe Kubi Ngempela Ukuthuka Inhlamba?

“Sengijwayele ukuzwa abantu bethuka inhlamba kangangokuthi ayisangithusi. Sekufana nento evamile.”​—UChristopher, oneminyaka engu-17.

“Lapho ngisemncane, ngangijwayele ukuthuka inhlamba. Kwakuwumkhuba okwakulula ukuwujwayela futhi kunzima ukuwuyeka.”​—URebecca, oneminyaka engu-19.

  • Isivivinyo

  • Okwenza kubaluleke

  • Ongakwenza

  • Okushiwo ontanga yakho

Isivivinyo

  • Uzizwa kanjani lapho uzwa abanye bethuka inhlamba?

    • Anginaki nakunaka​—kuzwakala kuyinto evamile.

    • Kuyangiphazamisa kancane​—kodwa angikunaki.

    • Ngiphazamiseka kakhulu​—ngiyehluleka ukuyijwayela.

  • Uvame kangakanani ukuthuka inhlamba?

    • Angilokothi

    • Kunokwenzeka

    • Njalo

  • Ngokombono wakho, ibaluleke kangakanani indaba yenkulumo engahlanzekile?

    • Ayibalulekile

    • Ibalulekile

Okwenza kubaluleke

Ingabe ukuthuka inhlamba ukubheka njengento embi kakhulu? Ungase uthi, ‘Cha.’ ‘Kakade, kunezinkinga ezinkulu nakakhulu okumelwe sikhathazeke ngazo emhlabeni. Ngaphandle kwalokho, wonke umuntu uyayithuka inhlamba!’ Ingabe lokho kuyiqiniso ngempela?

Empeleni, baningi abantu abangalusebenzisi ulimi olungcolile. Kanti futhi kunezinto ezimbalwa abazaziyo abanye abangazazi. Ngokwesibonelo:

  • Inhlamba ayihileli amagama nje kuphela. Okushoyo kwembula lokho okungaphakathi kuwe. Ngakho ukusebenzisa ulimi olungcolile, kungase kuveze ukuthi awunandaba nemizwa yabanye. Ingabe unjalo ngempela?

    IBhayibheli lithi: “Izinto eziphuma emlonyeni zivela enhliziyweni.”—Mathewu 15:18.

    Iqembu lentsha liyethuka ngokwenyanya njengoba umfana ethuka inhlamba

    Ukuthuka inhlamba kuyinkulumo engcolile. Kungani uchaya abanye​—noma wena​—kuyo?

  • Ukuthuka inhlamba kungenza abanye babe nombono ongemuhle ngawe. Incwadi i-Cuss Control ithi: “Indlela esikhuluma ngayo inganquma abangane esiyoba nabo, ukuthi imindeni yethu nesisebenza nabo bayosihlonipha kangakanani, ukuthi siyoba nobuhlobo obunjani nabanye, ukuthi siyoba ithonya elinjani kwabanye, ukuthi siyowuthola yini umsebenzi noma isikhundla, nokuthi abantu abangasazi bayosabela kanjani kithi.” Iphinde ithi: “Zibuze ukuthi kungenzeka yini ukuthi ubudlelwane bakho nabanye bebungaba ngcono ukube ubungayithuki inhlamba.”

    IBhayibheli lithi ‘Makususwe kini ukuhlambalaza.’—Efesu 4:31.

  • Ukuthuka inhlamba akukwenzi uzwakale kangcono njengoba ungase ucabange. Encwadini yakhe ethi How Rude! uDkt. Alex Packer uyabhala: “Akumnandi ukulalela abantu abahlale bethuka inhlamba.” Wenezela ngokuthi inkulumo egcwele inhlamba ayikuvumeli ukuba uzwakalise ukuqonda, ukukhalipha, ukuhlakanipha, noma uzwela. Uma inkulumo yakho ingenasisindo, ingabonisi ukuhluzeka, nengqondo yakho izoba njalo.”

    IBhayibheli lithi: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu.”—Efesu 4:29.

Ongakwenza

  • Zibekele umgomo. Kungani ungazami ukuyeka ukusebenzisa ulimi olungcolile ngesikhathi esingangenyanga noma ngaphansi? Ungasebenzisa ikhalenda noma ishadi ukuze ubone ukuthi uyawufinyelela yini umgomo wakho. Nokho, ukuze unamathele esinqumweni sakho, kungase kudingeke ukuthi uthathe izinyathelo ezengeziwe. Ngokwesibonelo:

  • Gwema ezokuzijabulisa ezigcwalisa ingqondo yakho ngolimi olungcolile. IBhayibheli lithi: “Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.” (1 Korinte 15:33) Le nkulumo ayibhekiseli kubantu kuphela kodwa nakwezokuzijabulisa​—amafilimu owabukayo, imidlalo yama-video oyidlalayo, nomculo owulalelayo. UKenneth, oneminyaka engu-17, uthi: “Kulula ukucula iculo olithandayo uzibe ukuthi empeleni linenhlamba—ngenxa nje yesigqi esimnandi.”

  • Bonisa ukuthi uvuthiwe. Abanye basebenzisa inhlamba ngoba becabanga ukuthi ibenza bazwakale sengathi abantu abadala. Empeleni, akulona iqiniso. IBhayibheli lithi abantu abavuthiwe ‘baqeqeshe amandla abo okuqonda ukuze bahlukanise kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:​14) Abazehlisi izindinganiso zabo ukuze bahlabe abanye “umxhwele.”

Yiqiniso, ulimi olungcolile lumane nje lungcolise ingqondo (nomoya) ngemicabango engemihle. Kakade, ububi sebubuningi emhlabeni! “Asikho isidingo sokubenezela,” kusikisela i-Cuss Control. “Yenza okusemandleni akho ekuhlanzeni ulimi olukhulunywayo. Uyozihlonipha kakhudlwana, futhi nabanye bayokuhlonipha.”

OKUSHIWO ONTANGA YAKHO

UJared

“Ulimi olungcolile alukumeleli kahle. Uma ungakwazi ukuqeda umusho ungayithukanga inhlamba, lokho kumane kubonise ukuthi unenqolobane encane yamagama.”​—UJared.

UJennifer

“Abantu kumelwe bazikhethele indlela abakhuluma ngayo. Akulula ngaso sonke isikhathi, kodwa kumelwe sicabange ngaphambi kokuba sikhulume. Ukuthuka inhlamba kungumkhuba onganqotshwa.”​—UJennifer.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela