Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 47
  • Kungani Kufanele Uthembeke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Uthembeke?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani abanye abantu bengathembekile
  • Okwenza ukwethembeka kuzuzise
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    “Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu”
  • Ingabe Ukwethembeka Kuyabuyisela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Thembeka Ezintweni Zonke
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 47
Umfana akathembeki esivivinyweni ngokunika omunye imbuzi

INTSHA IYABUZA

Kungani Kufanele Uthembeke?

  • Kungani abanye abantu bengathembekile

  • Kungani ukwethembeka kuzuzisa

  • Okushiwo ontanga yakho

Kungani abanye abantu bengathembekile

Ezweni namuhla, ukwethembeka kungabonakala kuyinto engazuzisi. Abanye bangase bathi:

  • ‘Uma ngingaqambi amanga kubazali bami, ngingajeziswa.’

  • ‘Uma ngingakopeli kulesi sivivinyo, ngingase ngingaphumeleli.’

  • ‘Uma ngingayebi le nto, kuyomelwe ngiqongelele imali ukuze ngiyithole.

Abanye bangase bathi: ‘Ngaphandle kwalokho, pho kunani?’ ‘Bonke abantu abathembekile, akunjalo?’

Impendulo yalowo mbuzo ingu-cha. Abantu abaningi​—kuhlanganise nentsha eningi​—bakholelwa ukuthi ukwethembeka kuyazuzisa, futhi ngesizathu esihle. IBhayibheli lithi: “Noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.” (Galathiya 6:7) Ngamanye amazwi, izenzo zethu zihlala zinemiphumela​—kungakhathaliseki ukuthi mihle noma mibi.

Ngokwesibonelo, cabanga ngemiphumela emibi abantu abaye bayivuna ngenxa yokuqamba amanga.

“Ngaqamba amanga kumama mayelana nokukhuluma nomunye umfana. Wayenobufakazi obugcwele bokuthi ngangingakhulumi iqiniso. Ngemva kokumkhohlisa okwesithathu umama ngalokhu, wacikeka. Kwaphela amasonto amabili ngingavunyelwe ukuzula, futhi kwaphela inyanga ngingakwazi ukusebenzisa ucingo lwami noma ukubukela i-TV. Angiphindanga ngaqamba amanga kubazali bami!”—U-Anita.

Ongacabanga ngakho: Kungani kungase kuthathe isikhathi ukuba umama ka-Anita amethembe futhi?

IBhayibheli lithi: “Njengoba seniwalahlile amanga, yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.”​—Efesu 4:25.

“Ngaqamba amanga kubazali bami futhi ngangicabanga ukuthi ngiphunyukile kwaze kwaba yilapho kamuva bethi angiphinde engangikushilo ngokwenzeka. Kwakungelona neze iqiniso kangangokuthi angikwazanga nokukhumbula imininingwane yaleyo ndaba. Uma uqale ngokukhuluma iqiniso ngeke ube nenkinga!”​—U-Anthony.

Ongacabanga ngakho: U-Anthony wayengasigwema kanjani lesi simo esiphoxayo?

Okushiwo iBhayibheli: “Izindebe zamanga ziyinto enengekayo kuJehova, kodwa abenza ngokwethembeka bayamjabulisa.”—IzAga 12:22.

“Nginomngane okwaziyo ukunonga indaba yakhe. Unehaba futhi ushintsha umongo wezinto. Ngiyamthanda futhi ngiyazama ukungayicubunguli yonke into ayishoyo. Kodwa kunzima ukumkholwa noma ukumethemba.”​—UYvonne.

Ongacabanga ngakho: Amanga “amancane” nezinto eziyihaba zingalona kanjani idumela lomngani kaYvonne?

IBhayibheli lithi: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

Isakhiwo esinesisekelo esinezimfa

Isisekelo esinezimfa singenza isakhiwo sibe buthaka, ngokufanayo, ukungathembeki kungalidicilela phansi idumela lakho elihle

Okwenza ukwethembeka kuzuzise

Manje cabanga ngemiphumela emihle ongayivuna uma uthembekile.

“Owesifazane owayehamba phambi kwami wawisa imali. Ngammemeza futhi ngamubuyisela imali yakhe. Wabonga kakhulu. Wathi: ‘Ave unomusa. Ababaningi abantu abathembeke ngale ndlela.’ Kuyajabulisa ukuqapheleka lapho wenza into elungile!”​—UVivian.

Ongacabanga ngakho: Yini okungenzeka yamangaza lona wesifazane lapho ebona ukwethembeka okunjalo? Ukwethembeka kwamzuzisa kanjani uVivian?

IBhayibheli lithi: “Bayajabula labo . . . abenza ukulunga ngaso sonke isikhathi.”—IHubo 106:3.

“Njengomkhaya, sisebenza ebhizinisini lokuhlanza izakhiwo, futhi ngezinye izikhathi sibona izinhlamvu zemali phansi lapho sihlanza ihhovisi. Uma kwenzeka lokho, siyazithatha sizibeke phezu kwetafula eliseduze. Esinye isisebenzi sasicasuka ngenxa yokuthi sithembekile​—sasithi: ‘Amasenti nje!’ Kodwa sasilokhu sazi ukuthi siyasethemba.”​—UJulia.

Ongacabanga ngakho: Idumela lokwethembeka likaJulia lingase limzuzise kanjani lapho edinga omunye umsebenzi?

IBhayibheli lithi: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho.”—2 Thimothewu 2:15.

“Ngathola iholo lamahora angu-80 omsebenzi esikhundleni selamahora angu-64. Nakuba kwakungajabulisa ukuligcina, kodwa angikwazanga. Ngazisa imenenja yezezimali ngalokhu, futhi yabonga kakhulu. Inkampani iyachuma, kodwa ngangingeke ngikwazi ukugcina imali okwakuzoba sengathi ngiyebile.”​—UBethany.

Ongacabanga ngakho: Ingabe ukuntshontshela inhlangano ethile kuwukungathembeki okuncane kunokuntshontshela umuntu?

IBhayibheli lithi: “Ngoba umuntu okhohlisayo uyinto enengekayo kuJehova, kodwa Yena usondelana nabaqotho.”—IzAga 3:32.

Okushiwo ontanga yakho

UTobi

UTOBI

Liyashaqisa inani lezingane ezikopelayo esikoleni. Uma abantu benza ingxenye nje yomzamo abawusebenzisa ekukopeleni ukuze batadishe, bebezophumelela esivivinyweni!

U-Austin

U-AUSTIN

Ngiyazibuza ukuthi, ‘Iyiphi inkinga enkulu engingaba nayo uma ngikhuluma iqiniso?’ Bese ngiyiqhathanisa nenkinga engingaba nayo uma ngiqamba amanga. Ukucabanga ngemiphumela kungangisiza ngigweme ukungathembeki.

UHeidy

UHEIDY

Abantu abaningi baqamba amanga uma becabanga ukuthi ukukhuluma iqiniso kuyobabangela ubuhlungu. Kodwa kungcono ukukhuluma iqiniso futhi uthole isijeziso kunokuqamba amanga futhi ucindezelwe umuzwa wecala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela