Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 115
  • Luyini Usizi Olukhulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Luyini Usizi Olukhulu?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • “Ukukhululwa Kwenu Kuyasondela”!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Hlala Uthembekile Phakathi ‘Nosizi Olukhulu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
  • Ukuthula, Ukulondeka, ‘Nomfanekiso Wesilo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • USuku LweNkosi Luyosho Ukuthini Kuwe?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 115
Abasinde osizini olukhulu babambene

Luyini Usizi Olukhulu?

Impendulo yeBhayibheli

Usizi olukhulu luzoletha isikhathi esinzima kunazo zonke kubantu. Ngokweziprofetho zeBhayibheli, luzoba khona “ezinsukwini zokugcina,” noma ‘esikhathini sokuphela.’ (2 Thimothewu 3:1; Daniyeli 12:4) Luzoba “usizi olukhulu olungakaze lube khona kusukela ekuqaleni kwezwe kuze kube manje, cha, futhi olungasayikuphinde lube khona.”—Marku 13:19; Daniyeli 12:1; Mathewu 24:21, 22.

Izenzakalo zaphakathi nosizi olukhulu

  • Ukubhujiswa kwenkolo yamanga. Kuzobhujiswa inkolo yamanga ngokushesha okumangalisayo. (IsAmbulo 17:1, 5; 18:9, 10, 21) Imibuso yezombusazwe emelelwe yiZizwe Ezihlangene izobe ifeza intando kaNkulunkulu lapho yenza lokhu.​—IsAmbulo 17:3, 15-18.a

  • Ukuhlaselwa kwenkolo yeqiniso. Izizwe eziwumfelandawonye, ezibizwa ngokuthi ‘uGogi wezwe lakwaMagogi’ embonweni kaHezekeli, ziyozama ukubhubhisa labo abasenkolweni yeqiniso. Nokho, uNkulunkulu uyobavikela abamkhonzayo, bangabhujiswa.​—Hezekeli 38:1, 2, 9-12, 18-23.

  • Ukwahlulelwa kwabahlala emhlabeni. UJesu uyokwahlulela bonke abantu futhi “[uyohlukanisa] abantu omunye komunye, njengoba nje umalusi ehlukanisa izimvu ezimbuzini.” (Mathewu 25:31-33) Umuntu ngamunye uyokwahlulelwa ngokuthi uye wabasekela noma wangabasekela kangakanani “abafowabo” bakaJesu, labo abayobusa naye ezulwini.—Mathewu 25:34-46.

  • Ukubuthwa kwabayobusa ezulwini. Abathembekile abakhethwe ukuba bayobusa noKristu bayophetha inkambo yabo yokuphila kwasemhlabeni bavuselwe ekuphileni kwasezulwini.—Mathewu 24:31; 1 Korinte 15:50-53; 1 Thesalonika 4:15-17.

  • I-Armagedoni. Le ‘mpi yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke’ ibizwa nangokuthi “usuku lukaJehova.” (IsAmbulo 16:14, 16; Isaya 13:9; 2 Petru 3:12) Labo abayolahlwa yisahlulelo sikaKristu bayobhujiswa. (Zefaniya 1:18; 2 Thesalonika 1:6-10) Kuyobhujiswa nesimiso sezwe sezombusazwe, esifanekiselwa yisilo esinamakhanda ayisikhombisa eBhayibhelini.—IsAmbulo 19:19-21.

Izenzakalo zangemva kosizi olukhulu

  • Ukuvalelwa kukaSathane namademoni. Ingelosi enkulu iyophonsa uSathane namademoni “kwalasha,” indawo efanekisela isimo sokungakwazi kwenza lutho njengasekufeni. (IsAmbulo 20:1-3) Isimo uSathane ayobe ekuso kwalasha singafaniswa nokuba sejele; ngeke akwazi ukuthonya okwenzeka ngaphandle.—IsAmbulo 20:7.

  • Ukuqala kweMinyaka Eyinkulungwane. UMbuso kaNkulunkulu uyoqala ukubusa kwawo kweminyaka eyinkulungwane, okuyolethela abantu izibusiso ezinkulu. (IsAmbulo 5:9, 10; 20:4, 6) “Isixuku esikhulu” esiyisibalo esingashiwongo ‘siyophuma osizini olukhulu’ siphila, sibone ukuqala kweMinyaka Eyinkulungwane emhlabeni.—IsAmbulo 7:9, 14; IHubo 37:9-11.

a Encwadini yesAmbulo, inkolo yamanga imelelwa yiBhabhiloni Elikhulu, ‘isifebe esikhulu.’ (IsAmbulo 17:1, 5) Isilo esinombala obomvu, esibhubhisa iBhabhiloni Elikhulu, simelela inhlangano enomgomo wokwakha ubunye nokumelela izizwe zomhlaba. Ekuqaleni sasiyiNhlangano Yezizwe kanti manje siyiZizwe Ezihlangene.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela