Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 60
  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngotshwala?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Okufanele Ngiyazi Ngotshwala?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Cabanga ngokungenzeka uma usuphuzile
  • Yenza isinqumo
  • AmaKristu Kufanele Akubheke Kanjani Ukuphuza Utshwala?
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
  • Vumela Ukuqondiswa Umbono KaNkulunkulu Ngotshwala
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • Ukugcina Utshwala Busendaweni Yabo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Ukuphuza Utshwala—Ungakulawula Kanjani?
    Izihloko Ezengeziwe
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 60
Insizwa eseyintsha bayinika utshwala embuthanweni

INTSHA IYABUZA

Yini Okufanele Ngiyazi Ngotshwala?

IBhayibheli alikulahli ukuphuza utshwala ngokulinganisela uma kusemthethweni ukwenza kanjalo. Nokho, liyakwenqabela ukudakwa.​—IHubo 104:15; 1 Korinte 6:10.

Kodwa kuthiwani uma uzizwa ucindezelwa ukuba uphuze ngaphansi kwezimo ezenqatshelwe umthetho noma abazali bakho?

  • Cabanga ngokungenzeka uma usuphuzile

  • Yenza isinqumo

  • Okushiwo ontanga yakho

Cabanga ngokungenzeka uma usuphuzile

Abanye ontanga yakho bangase babe nomuzwa wokuthi kudingekile ukuphuza ukuze umuntu azijabulise. Kodwa yini engenzeka ngemva kokuphuza?

  • Umuntu osejele

    Izinkinga ezingokomthetho. Kuye ngendawo ohlala kuyo, uma uphuza utshwala lapho kungekho emthethweni ukwenza kanjalo, ungahlawuliswa, utholwe unecala, ulahlekelwe izincwadi zakho zokushayela, kudingeke wenze umsebenzi womphakathi noma udonse isigwebo sasejele.​—Roma 13:3.

  • Umshini ophathwayo

    Idumela elibi. Utshwala bunciphisa amandla okuzithiba. Lapho usuphuzile ungasho noma wenze izinto ongazisola ngazo kamuva. (IzAga 23:31-33) Njengoba sekusetshenziswa kakhulu ezokuxhumana, izenzo zakho zingalilimaza isikhathi eside idumela lakho.

  • Owesifazane uyahlukunyezwa

    Amandla okuzivikela abuthaka. Utshwala bungakwenza uhlukunyezwe kalula ngokomzimba nangokocansi. Bungakwenza futhi uthonyeke kalula, okungaholela ezingozini ezengeziwe noma ekuphulweni komthetho.

  • Ibhodlela lotshwala elingenalutho

    Ukuba umlutha. Olunye ucwaningo lubonisa ukuthi uma uqala usemncane ukuphuza, ayanda namathuba okuba umlutha. Ukuphuza ukuze uzibe ukucindezeleka, isizungu noma umzwangedwa kubangela olunye ugibe okungaba nzima nakakhulu ukugqashuka kulo.

  • Amathambo

    Ukufa. Muva nje, ukushayela ngaphansi kwethonya lotshwala kube yimbangela yokufa komuntu oyedwa njalo ngemizuzu engu-52 e-United States. Enkathini yeminyaka emihlanu, kuye kwafa abantu abangaphezu kwabangu-1,500 abangaphansi kweminyaka engu-21 onyakeni ngamunye ngenxa yezingozi ezibangelwa ukushayela ngaphansi kwethonya lotshwala. Ngisho noma ngabe wena awuzange uphuze, uzibeka engozini enkulu uma ugibela imoto eshayelwa umuntu obekade ephuza.

Yenza isinqumo

Ungayigwema imiphumela eyingozi nezindleko ezibangelwa ukuphuza okungafanele uma unquma kusengaphambili ukuthi yini ozoyenza.

Isimiso SeBhayibheli: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Akukhona ukuhlakanipha ukuphuza uma usazoshayela noma usazokwenza into edinga ukugxilisa ingqondo.

Nquma: ‘Uma ngikhetha ukuphuza utshwala, ngeke ngiqale kuze kube yilapho umthetho nezimo sekungilungele.’

Isimiso SeBhayibheli: ‘Niyizigqila zalowo enimlalelayo.’ (Roma 6:​16) Uma uphuza ngoba nje ontanga yakho bephuza, uvumela abanye ukuba bakulawule. Uma uphuza ukuze uthibe umzwangedwa noma ukucindezeleka, awuhlakuleli amakhono owadingayo ukuze ubhekane nezinkinga zakho.

Nquma: ‘Ngeke ngivumele ontanga yami bangicendezele ukuba ngiphuze.’

Isimiso SeBhayibheli: “Ungabi phakathi kwezinseli zewayini.” (IzAga 23:20) Ukuzihlanganisa nohlobo lwabantu olungeluhle kungabenza buthaka ukuzimisela kwakho ukungaphuzi. Uzibeka engozini lapho unabantu ababusebenzisa kabi utshwala.

Nquma: ‘Ngeke ngizisondeze eduze nalabo ababusebenzisa kabi utshwala.’

Okushiwo ontanga yakho

UJordan

“Lapho ngisasesikoleni, abantu babehlezi bezama ukungenza ngiphuze. Kwakudingeka ngilokhu ngizikhumbuza umBhalo weyoku-1 Korinte 15:33, othi: ‘Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.’”​—UJordan.

UJenna

“Ngizama ukugwema noma yibaphi abantu noma izimo engaziyo ukuthi zingangifakela ingcindezi. Ngokujabulisayo, nginabangane abenza izinqumo ezinhle endabeni yotshwala.”​—UJenna.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela