Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwfq isihloko 55
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayahlanganyela Ekuxubeni Izinkolo?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayahlanganyela Ekuxubeni Izinkolo?
  • Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe oFakazi BakaJehova bayaba nezingxoxo nabantu bezinye izinkolo?
  • Ukuxuba Izinkolo​—⁠Ingabe Kuyindlela KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • OFakazi BakaJehova Bakubheka Kanjani Ukuxuba Izinkolo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe Ukholo Nezizathu Ezinengqondo Akuhambisani?
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
Imibuzo Evame Ukubuzwa
ijwfq isihloko 55
Abantu abagqoke izingubo zezinkolo ezihlukahlukene

Ingabe OFakazi BakaJehova Bayahlanganyela Ekuxubeni Izinkolo?

NjengoFakazi BakaJehova, siyakujabulela ukuxoxa nabantu bazo zonke izinkolo ngezindaba ezimayelana nokukholwa, kodwa asihlanganyeli ekuxubeni izinkolo ngomqondo wokukhonza ndawonye nalabo abanezinkolelo ezihlukile kwezethu. IBhayibheli libonisa ukuthi amaKristu eqiniso ‘ahlanganiswé ndawonye ngokuvumelanayo,’ futhi ingxenye ebalulekile yalokho kuvumelana ukuba munye ezinkolelweni. (Efesu 4:16; 1 Korinte 1:10; Filipi 2:2) Lokhu kuhilela okungaphezu kokumane sivumelane ngokubaluleka kwezimfanelo ezinhle ezinjengothando, ukuzwelana nokuthethelela. Izinkolelo zethu zisekelwe olwazini olunembile oluseBhayibhelini. Ngaphandle kwalolo lwazi, ukholo lwethu beluyoba yize.​—Roma 10:2, 3.

IBhayibheli lifanisa ukuhlanganyela nabantu bezinye izinkolo ekukhonzeni uNkulunkulu nokuboshelwa ejokeni elilodwa, obekungalulimaza ukholo lomKristu ngenxa yokungafani kwezinkolelo. (2 Korinte 6:14-17) Ngakho, uJesu akazange avumele abafundi bakhe bahlanganyele ekuxubeni izinkolo. (Mathewu 12:30; Johane 14:6) Ngokufanayo, uMthetho uNkulunkulu awunika ama-Israyeli ngoMose wawuwanqabela ama-Israyeli asendulo ukuba ahlanganyele nezizwe ezingomakhelwane ekukhonzeni. (Eksodusi 34:11-14) Ama-Israyeli athembekile alwenqaba usizo olwaluzobangela ukuba azihlanganise nabantu abanezinkolelo ezihlukile kwezawo.​—Ezra 4:​1-3.

Ingabe oFakazi BakaJehova bayaba nezingxoxo nabantu bezinye izinkolo?

Yebo. Empeleni, phakathi nonyaka ka-2016 sasebenzisa amahora angu-1983763754 sixoxa nabantu bezinye izinkolo. Njengomphostoli uPawulu, siyakuthanda ukuqonda indlela yokucabanga nezinkolelo zabantu “abaningi” lapho sishumayela. (1 Korinte 9:19-22) Lapho sixoxa nabantu, sizama ngobuqotho ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli sokubonisa abanye ‘inhlonipho ejulile.’​—1 Petru 3:15.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela