Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 63
  • Kubi Yini Ukwenza Sengathi Ufuna Ukuthandana Nothile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kubi Yini Ukwenza Sengathi Ufuna Ukuthandana Nothile?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini le esikhuluma ngayo?
  • Kungani abanye bekwenza?
  • Ziyini izingozi zokukwenza?
  • Yini Engalungile Ekudlaleni Ngothando?
    I-Phaphama!—1991
  • Yini Engalungile Ngokudlala Ngothando?
    I-Phaphama!—1998
  • Ngingabugwema Kanjani Ubuhlungu Obubangelwa Ukudlala Ngothando?
    I-Phaphama!—1991
  • 1 Usizo Lokugwema Izinkinga
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2018
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 63
Intombazane yenza sengathi ifuna ukuthandana nomfana othile ekilasini

INTSHA IYABUZA

Kubi Yini Ukwenza Sengathi Ufuna Ukuthandana Nothile?

  • Yini le esikhuluma ngayo?

  • Kungani abanye bekwenza?

  • Ziyini izingozi zokukwenza?

  • Okushiwo ontanga yakho

Yini le esikhuluma ngayo?

Abanye abantu bangacabanga ukuthi sikhuluma ngokwenza izinto ezibonisa ukuthi ufuna ukuthandana nothile. Kubi yini ukubonisa othile wobulili obuhlukile ukuthi uyafisa ukuthandana naye? Cha. Intokazi okuthiwa u-Ann ithi, “Akukubi ngoba uma usukulungele ukushada futhi kukhona umuntu omthandayo, ungazi kanjani vele ukuthi naye uzizwa ngendlela efanayo?”

Nokho, kulesi sihloko sizokhuluma ngomuntu owenza sengathi ufuna ukuthandana nothile kube kungenjalo.

“Ungamnaka umuntu ngoba ufuna ngempela ukuthandana naye. Kodwa lokho akufani nokwenza umuntu acabange ukuthi ufuna ukuthandana naye, kanti wena ubuzidlalela nje.”​—UDeanna.

Kungani abanye bekwenza?

Abanye benza sengathi bafuna ukuthandana nothile ngoba nje befuna ukukhuphula izinga labo lokuzethemba. Intokazi okuthiwa uHailey ithi: “Lapho ubona ukuthi uyakwazi ukwenza umuntu akunake, akuvumi uyeke.”

Ukwenza sengathi ufuna ukuthandana nothile kube kungenjalo, kubonisa ukuthi awunandaba nemizwa yakhe. Uma ukwenza ngamabomu ukuze nje ukhuphule uzinga lakho lokuzethemba, kungabonisa ukuthi awuhlakaniphile. IBhayibheli lithi: “Ubuwula buyinjabulo kumuntu oswele inhliziyo.”​—IzAga 15: 21.

Yingakho uHailey ethi: “Ukwenza sengathi ufuna ukuthandana nothile kube kungenjalo, kungagcina kukufake enkingeni.”

Ziyini izingozi zokukwenza?

  • Kungakwenza udume kabi.

    “Umuntu ovame ukwenza sengathi ufisa ukuthandana nothile kodwa engazimisele, ubonakala engumuntu ongazethembi nowenzisa okwengane. Wenza ukuba ungamethembi futhi ube nomuzwa wokuthi uzicabangela yena kuphela.”​—UJeremy.

    IBhayibheli lithi: “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo siqu.”​—1 Korinte 13:4, 5.

    Ongacabanga ngakho: Yini ongayisho noma uyenze engakwenza ugcine usudume ngokuba umuntu othanda ukudlala ngemizwa yabantu?

  • Uma wenza sengathi ufisa ukuthandana nothile kodwa ungazimisele, kuzomlimaza lowo muntu.

    “Angithandi ukuba seduze komuntu owenza sengathi ufuna ukuthandana nami kube kungenjalo. Kuba sengathi ukhuluma nami ngoba ngiyintombazane, hhayi ngoba enendaba nami. Usuke ezicabangela yena kuphela.”​—UJaqueline.

    IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”​—1 Korinte 10:24.

    Ongacabanga ngakho: Ukhona yini owake wakwenza wacabanga ukuthi ufuna nithandane, kanti empeleni akunjalo? Uma ekhona, wazizwa kanjani wena? Yini ongayenza ukuze nawe ungalimazi omunye ngendlela owalimala ngayo?

  • Ukwenza sengathi ufuna ukuthandana nothile ube ungazimisele, kungakunciphisela amathuba okuthola umuntu ongathandana naye ngempela.

    “Angeke ngafisa ukushada noma ukuthandana nomuntu odume ngokudlala ngemizwa yabanye. Ngingamazi futhi ngimethembe kanjani uma kungukuthi uyazidlalela nje?”​—Olivia.

    EBhayibhelini uDavide wathi: ‘Angingeni [ngiyabagwema] abafihla lokho abayikho.’—IHubo 26:4.

    Ongacabanga ngakho: Umuntu onjani ongajatshuliswa umuntu odlala ngemizwa yakhe? Uyafuna yini wena ukuthandana nomuntu ojatshuliswa yilokho?

Okushiwo ontanga yakho

UScott

“Uma uthanda ukudlala ngemizwa yabanye uzobalimaza, futhi bazoxoxela abanye ngalokho okwenzile. Uma uqhubeka ukwenza, uzoduma kabi nakakhulu futhi kuzoba nzima ukukulungisa lokho.”​—UScott.

UJeslyn

“Ukwenza sengathi ufisa ukuthandana nothile kodwa kube kungenjalo, kungakwenza udume kabi. Umuntu odlala ngemizwa yabanye ubukeka engumuntu ongenalo iqiniso futhi ongathembekile. Angeke ngafuna ukuba nomngane onjalo.”​—UJeslyn.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela