Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbq isihloko 142
  • Yini Noma Ubani ‘U-Alfa no-Omega’?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Yini Noma Ubani ‘U-Alfa no-Omega’?
  • Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Impendulo yeBhayibheli
  • Kungani uNkulunkulu ezibiza ngokuthi ‘ungu-Alfa no-Omega’?
  • Ubani ‘ongowokuqala nowokugcina’?
  • Ingabe isAmbulo 22:13 sibonisa ukuthi nguJesu ‘ongu-Alfa no-Omega’?
  • Indlela UJehova Asiqinisekisa Ngayo Ukuthi Uzokwenza Umhlaba Ube IPharadesi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2023
  • UJesu Uza Nesikhuthazo
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • Ubukhazikhazi Basesibhakabhakeni
    I-Phaphama!—1998
  • UNkulunkulu Unamagama Amangaki?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
ijwbq isihloko 142
U-alfa no-omega izinhlamvu zokuqala nezokugcina olimini lwesiGreki

Yini Noma Ubani ‘U-Alfa no-Omega’?

Impendulo yeBhayibheli

‘U-Alfa no-Omega’ nguJehova uNkulunkulu uMninimandla Onke. Le nkulumo ivela kathathu eBhayibhelini.​—IsAmbulo 1:8; 21:6; 22:13.a

Kungani uNkulunkulu ezibiza ngokuthi ‘ungu-Alfa no-Omega’?

Ezinhlamvwini zolimi lwesiGreki okwabhalwa ngalo ingxenye yeBhayibheli ebizwa ngokuthi ITestamente Elisha, u-Alfa wuhlamvu lokuqala kanti u-Omega wuhlamvu lokugcina. Ukuba sekuqaleni nasekugcineni kwalezi zinhlamvu kubonisa ukuthi nguJehova kuphela oyisiqalo nesiphetho. (IsAmbulo 21:6) Kusukela kudala ubelokhu enguNkulunkulu uMninimandla Onke, futhi uzoqhubeka enguye kuze kube phakade. Uyena kuphela onguNkulunkulu kusukela “nini nanini kuze kube nini nanini.”​—IHubo 90:2.

Ubani ‘ongowokuqala nowokugcina’?

EBhayibhelini le nkulumo ibhekisela kuJehova nakuJesu, kodwa inezincazelo ezingafani. Nazi izibonelo ezimbili.

  • Ku-Isaya 44:6, uJehova uthi: “Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. Ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.” Lapha uJehova uveza ukuthi uyena yedwa onguNkulunkulu weqiniso, ngaphandle kwakhe akekho omunye. (Duteronomi 4:​35, 39) Ngakho kuleli vesi, amazwi athi “ngingowokuqala futhi ngingowokugcina,” anencazelo efanayo namazwi athi “ngingu-Alfa no-Omega.”

  • Ngaphezu kwalokho, inkulumo ethi “owokuQala [ngesiGreki kusetshenziswe elithi pro’tos, hhayi elithi alfa] nowokuGcina [ngesiGreki kusetshenziswe elithi e’skha·tos, hhayi elithi omega]” itholakala emiBhalweni yesAmbulo 1:​17, 18 no-2:8. Lapho ufunda indaba iyonke uyabona ukuthi le nkulumo ibhekisela kothile owafa waphinde wavuswa. Ngakho akukhulunywa ngoNkulunkulu kula mavesi, ngoba yena akakaze afe. (Habakuki 1:​12) NguJesu owafa waphinde wavuswa. (IzEnzo 3:​13-​15) Ungumuntu wokuqala owavuswa, wabe esethola ukuphila okungenakufa ezulwini eseyingelosi. Manje uphila ezulwini “kuze kube phakade naphakade.” (IsAmbulo 1:​18; Kolose 1:​18) Bonke abanye abavuswayo bavuswa nguJesu. (Johane 6:​40, 44) Ngakho waba owokugcina owavuswa uJehova ngokuqondile. (IzEnzo 10:40) Yingakho uJesu ebizwa ngokuthi “owokuQala nowokuGcina.”

Ingabe isAmbulo 22:13 sibonisa ukuthi nguJesu ‘ongu-Alfa no-Omega’?

Cha. Baningi abantu abakhulumayo kulesi sahluko, futhi kusAmbulo 22:13 akushiwo ngokuqondile ukuthi ubani okhulumayo. UProfesa uWilliam Barclay wabhala lokhu ngaleli vesi: ‘Kunzima ukuqiniseka ngokuthi ubani okhulumayo ngoba izenzakalo azibhaliwe ngokulandelana kwazo.’ (I-The Revelation of John, Umqulu 2, Revised Edition, ikhasi 223) Ngakho kunengqondo ukuphetha ngokuthi “u-Alfa no-Omega” okukhulunywa ngaye encwadini yesAmbulo 22:13, kusenguMuntu ofanayo nalowo okukhulunywe ngaye kwamanye amavesi ale ncwadi​—uJehova uNkulunkulu.

a Le nkulumo iphinde ivele enguqulweni i-King James encwadini yesAmbulo 1:11. Nokho, izinguqulo eziningi aziwafaki la magama kuleli vesi ngoba awekho emiBhalweni yesandla yakudala.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela