Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwbv isihloko 7
  • Eksodusi 20:12—“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Eksodusi 20:12—“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”
  • Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incazelo Ka-Eksodusi 20:12
  • Umongo Ka-Eksodusi 20:12
  • “Hlonipha Uyihlo Nonyoko”
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2018
  • Kusho Ukuthini ‘Ukuhlonipha Uyihlo Nonyoko’?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • “Yazisa Uyihlo Nonyoko”
    I-Phaphama!—1991
  • Dumisa Abantu Bazo Zonke Izinhlobo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
ijwbv isihloko 7

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Eksodusi 20:12—“Hlonipha Uyihlo Nonyoko”

“Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze uphile isikhathi eside ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona.”—Eksodusi 20:12, INguqulo Yezwe Elisha.

“Hlonipha uyihlo nonyoko: ukuze izinsuku zakho zibe zinde ezweni INKOSI uNkulunkulu wakho ekunike lona.”—Eksodusi 20:12, King James Version.

Incazelo Ka-Eksodusi 20:12

UNkulunkulu wayala ama-Israyeli asendulo ukuba ahloniphe abazali bawo. Ngokwenezela isithembiso kulo myalo, wawanikeza esinye isizathu esasizowenza afune ukuwulalela. Nakuba thina singekho ngaphansi koMthetho uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli, obizwa ngokuthi uMthetho KaMose, lokho akulindele kithi akukashintshi. Izimiso okusekelwe kuzo uMthetho kaNkulunkulu zisasebenza futhi ngenxa yalokho zibalulekile kumaKristu.—Kolose 3:20.

Izingane—ezisencane nesezikhulile—zihlonipha abazali bazo lapho zibalalela. (Levitikusi 19:3; IzAga 1:8) Ngisho noma sezineyazo imindeni ziyaqhubeka zibanaka ngothando abazali bazo. Ngokwesibonelo, ziyaqiniseka ukuthi abazali bazo banakekelwa kahle lapho sebegugile, zize zibasize nangokwezimali uma kudingeka.—Mathewu 15:4-6; 1 Thimothewu 5:4, 8.

Phawula ukuthi izingane ezingama-Israyeli kwakudingeka zihloniphe uyise kanye nonina, ngokwenza kanjalo zibonise ukuthi ziyayiqaphela indima kamama emndenini. (IzAga 6:20; 19:26) Izingane kufanele zenze okufanayo nanamuhla.

Kusukela ekuqaleni umyalo wokulalela abazali wawunemingcele. Izingane ezingama-Israyeli kwakungamelwe zilalele abazali bazo, nanoma ubani omunye, uma ukwenza kanjalo kwakuzosho ukungamlaleli uNkulunkulu. (Duteronomi 13:6-8) Nanamuhla, amaKristu ‘alalela uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzEnzo 5:29.

EMthethweni uNkulunkulu awunika ama-Israyeli, wathembisa ukuthi izingane ezihlonipha abazali bazo ‘zaziyophila isikhathi eside futhi zichume’ ezweni uNkulunkulu azinike lona. (Duteronomi 5:16) Zazingeke zisithole isijeziso esasiyokwehlela izingane ezazingawunaki umthetho kaNkulunkulu, ezazidlubulunda zingabalaleli abazali bazo. (Duteronomi 21:18-21) Ukuhamba kwesikhathi akuzishintshanga izimiso okusekelwe kuzo leyo mithetho. (Efesu 6:1-3) Kungakhathaliseki ukuthi sibancane noma sibadala, siyolandisa kuMdali wethu. Njengoba athembisa, izingane ezimlalelayo nezilalela abazali bazo ziyophila isikhathi eside. Empeleni, zinethemba lokuphila phakade.—1 Thimothewu 4:8; 6:18, 19.

Umongo Ka-Eksodusi 20:12

Umyalo oku-Eksodusi 20:12 unendawo ebalulekile eMiyalweni Eyishumi, noma eMazwini Ayishumi. (Eksodusi 20:1-17) Imiyalo engaphambi kwawo yayichaza isibopho ama-Israyeli ayenaso kuNkulunkulu, njengokuthi kwakudingeka akhonze yena yedwa. Imiyalo elandelayo yayichaza izibopho ayenazo kwabanye abantu, okuhlanganisa umyalo wokwethembeka kumuntu oshade naye nowokungebi. Ngakho, lo myalo ‘wokuhlonipha uyihlo nonyoko’ ubulokhu ubhekwa njengofana nebhuloho phakathi kwesibopho umuntu anaso kuNkulunkulu naleso anaso kwabanye abantu.

Funda u-Eksodusi isahluko 20 kanye nemibhalo yaphansi ubheke nezikhombo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela