Umbhalo Waphansi
c Izisulu eziningi zinukubezwa oyise abazizalayo noma abokutholwa. Ukuxhaphaza kwenziwa futhi abazelamayo, omalume, omkhulu, abantu abadala abazijwayele, kanye nabantu ezingabazi. Njengoba izisulu eziningi zingabesifazane, ngokuvamile sizobhekisela kuzo ngezabizwana zabesifazane. Nokho, ngokwengxenye enkulu, ukwaziswa okunikezwe lapha kusebenza kubo bobubili ubulili.