Umbhalo Waphansi
a Ama-ice shelf akumelwe adidaniswe nezicaba zeqhwa eliqinile. Lezi zicaba ziqala ziyizingxwembe ezinkulu zeqhwa elintantayo ezakheka olwandle ebusika, lapho amanzi angaphezulu eqina abe yiqhwa. Lezi zingxwembe zeqhwa elintantayo ziyahlangana zibe yisicaba seqhwa eliqinile. Kwenzeka okuphambene nalokho ehlobo. Izinguzunga zeqhwa azakhiwa yizicaba zeqhwa eliqinile, kodwa kunalokho, zakhiwa izingqimba zeqhwa (ama-ice shelf).