Umbhalo Waphansi
a OFakazi BakaJehova babheka umsebenzi wabo wokushumayela njengomphostoli uPawulu—njengesibopho samaKristu eqiniso. UPawulu wathi: “Uma mina ngimemezela izindaba ezinhle, akusona isizathu sokuba ngiziqhayise, ngoba kubekwé isidingo phezu kwami.” (1 Korinte 9:16) Noma kunjalo, umsebenzi wabo wokushumayela wenziwa ngokuzithandela ngoba bazikhethele ngenkululeko ukuba abafundi bakaKristu, beyazi kahle imithwalo yemfanelo ehambisana nalelo lungelo.