Umbhalo Waphansi
c Odokotela babika ukuthi ngokuvamile, isiwombe ngasinye sithatha izinyanga eziningi. Nokho, baphawula ukuthi abanye “abaneziwombe eziguquguquka ngokushesha” baba nomjikelezo wokucindezeleka nokwesasa izikhathi eziningana phakathi nonyaka. Ezimweni ezingavamile, abagulayo baba kwesinye isimo baphinde babe kwesibi kakhulu phakathi nenkathi yamahora angu-24.