Umbhalo Waphansi
b Abantu okungaxhunyanwa nabo bangahlanganisa uthisha okwazi kahle noma umngane womkhaya onebhizinisi elithile. Ngokwenza amagama abo atholakale uma ecelwa, ungase usheshe ubone ukuthi umqashi unaso yini isithakazelo sokukuqasha. Qiniseka ukuthi uthola imvume kulabo obafaka kulolu hlu.