Umbhalo Waphansi
a Inkinga yempilo engaba khona kumama noma enganeni ngeke ibe yisizathu sokuba kukhishwe isisu. Uma lapho ingane izalwa kuba khona osengcupheni yokufa phakathi kukamama nengane, abazali kuyofanele banqume ukuthi ubani ozophila. Emazweni amaningi asethuthukile, zibe mbalwa izimo ezinjalo ngenxa yentuthuko yezokwelapha.