Umbhalo Waphansi
g Lombono ngokuyiphutha usikisela ukuthi ekufeni wonke amaKristu aya ezulwini. Nokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi bangu-144 000 kuphela abantu ababizelwe ukuba babuse noKristu ezulwini. (IsAm. 7:4-8; 20:4-6) Abanye abangenakubalwa bangaba nethemba lokuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi ngaphansi koMbuso kaKristu.—Math. 6:10; IsAm. 7:9, 15.