Umbhalo Waphansi
a I-NET Bible (2005) ifundeka kanje: “Ningenziwa ukuba nifane naleli zwe lamanje.” Umbhalo waphansi uthi: “Kuyathakazelisa ukuthi isenzo esihunyushwe ngokuthi ‘ukwenziwa ukuba ufane’ nezwe lamanje sisempambosini yokwenziwa, njengoba kungase kusikisele ukuthi kwenzeka [kuwe], ngokwengxenye, unganakile. Ngesikhathi esifanayo, . . kungenzeka ukubone lokhu lapho kwenzeka kuwe. Ezimweni eziningi, lokhu kwenzeka kokubili.”