Umbhalo Waphansi
a Nakuba iBhayibheli lithi “lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna,” lokhu akusho ukuthi ukuhlupheka komuntu kumelwe ukuba kuyisijeziso saphezulu. (Galathiya 6:7) Kulelizwe elibuswa uSathane, ngokuvamile abalungile babhekana nezinkinga eziningi kunalezo ababi ababhekana nazo. (1 Johane 5:19) UJesu watshela abafundi bakhe: “Niyakuzondwa ngabantu bonke ngenxa yegama lami.” (Mathewu 10:22) Ukugula nezinye izinhlobo zosizi zingehlela noma iyiphi yezinceku zikaNkulunkulu.—IHubo 41:3; 73:3-5; Filipi 2:25-27.