Umbhalo Waphansi
b Lengxoxo ibhekisela ezilimini ezikwaziyo ukucacisa lendaba kodwa abahumushi bazo abakhetha ukungenzi kanjalo. Inqolobane yamagama akhona olimini ikulinganisela kakhulu lokho abahumushi abangakwenza ezilimini ezithile. Khona-ke, abafundisi benkolo abaqotho bayochaza ukuthi nakuba umhumushi esebenzise amagama ahlukahlukene noma esebenzise ngisho negama elisikisela izinto ezingasekelwe emiBhalweni, igama lolimi lokuqala, elithi neʹphesh, lisetshenziswa kokubili kubantu nasezilwaneni futhi limelela okuthile okuphefumulayo, okudlayo, nokungase kufe.