Umbhalo Waphansi
b Kubonakala sengathi lezi zingane zazishiyana ngobudala. Igama lapha elihunyushwe ngokuthi “abantwana abancane” lisetshenzisiwe nasendodakazini kaJayiru eyayineminyaka engu-12 ubudala. (Marku 5:39, 42; 10:13) Nokho, ekulandiseni okufuze lokhu, uLuka usebenzisa igama elisetshenziswa nasezinsaneni.—Luka 1:41; 2:12; 18:15.