Umbhalo Waphansi
a Kunesinye futhi isici okungafanele sishalazelwe: Kuyi-nacimiento yaseMexico, umntwana kuthiwa “uNkulunkulu owuMntwana” ngomqondo wokuthi kwakunguNkulunkulu ngokwakhe oweza emhlabeni njengomntwana. Nokho, iBhayibheli liveza uJesu njengoyiNdodana kaNkulunkulu eyazalelwa emhlabeni; wayengeyena umuntu oyedwa noJehova uNkulunkulu ongumninimandla onke, noma olinganayo naye. Cabanga ngaleli qiniso elivezwe kuLuka 1:35; Johane 3:16; 5:37; 14:1, 6, 9, 28; 17:1, 3; 20:17.