Umbhalo Waphansi
a Kungenzeka ukuthi uJohane, indodana kaZebedewu, walandela uJesu ngemva kokuhlangana kwabo kokuqala wabona ezinye zezinto ayezenza, okwenza wakwazi ukuziloba ngokucace kangaka eVangelini lakhe. (Johane, izahluko 2-5) Noma kunjalo, wabuyela ebhizinisini lakubo lokudoba isikhathi esithile ngaphambi kokuba uJesu ambize.