Umbhalo Waphansi
a Ukuminza kuyisimo sengqondo esibonakala ngokuba yigovu noma ngokuzitika ngokweqile. Ngakho, asibonakali ngobukhulu bomzimba womuntu, kodwa sibonakala ngesimo sakhe sengqondo ngokudla. Umuntu angase abe nomzimba olingene, noma aze abe nomzimba omncane, kodwa abe isiminzi. Ngakolunye uhlangothi, kwezinye izimo ukukhuluphala ngokweqile kungabangelwa ukugula noma ufuzo. Iphuzu eliyinhloko liwukuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unomzimba ongakanani angabhekwa njengesiminzi uma eyigovu endabeni yokudla.—Bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-November 1, 2004.