Umbhalo Waphansi
a Phawula umahluko phakathi kwale ndima nendlela oluchazwa ngayo uhambo lwangaphambili: ‘UMariya wasuka wahamba’ wayovakashela u-Elizabethe. (Luka 1:39) Ngaleso sikhathi, njengowesifazane owayethenjisiwe kodwa engakashadi, kungenzeka uMariya wathatha leso sinyathelo ngaphandle kokubonisana noJosefa. Ngemva kokuba sebeshadile, isinyathelo sokuthatha lolu hambo kuthiwa sathathwa uJosefa, hhayi uMariya.