Umbhalo Waphansi
c Ukuthi laba belusi babengaphandle ngaleso sikhathi nemihlambi yabo kufakazela lokho okuvezwa uhlelo lwezikhathi zeBhayibheli: UKristu akazalwanga ngo-December, isikhathi lapho imihlambi yayisuke ivalelwe ezindaweni zokukhosela eduze nasemakhaya, kodwa kunalokho, wazalwa ekuqaleni kuka-October.