Umbhalo Waphansi
a Igazi lesilwane esiwumhlatshelo lalinenani lokuhlawulela isono futhi uNkulunkulu wayelibheka njengelingcwele. (Levitikusi 17:11) Ingabe lokho kusho ukuthi iminikelo kafulawa yabampofu yayiyize? Cha. Ngokuqinisekile, uJehova wayewazisa umoya wokuthobeka nokuzimisela owawuboniswa abantu ababenza iminikelo enjalo. Ngaphezu kwalokho, izono zaso sonke isizwe—kuhlanganise nabampofu—zazithethelelwa ngegazi lezilwane ezazinikelwa kuNkulunkulu ngoSuku Lokuhlawulelwa lwaminyaka yonke.—Levitikusi 16:29, 30.