Umbhalo Waphansi
a Lolu suku lungase lungaqondani nolwePhasika eligcinwa amaJuda anamuhla. Kungani kunjalo? AmaJuda amaningi namuhla agubha iPhasika ngoNisani 15, ekholelwa ukuthi umyalo oku-Eksodusi 12:6 usho lolo suku. (Bheka INqabayokulinda ka-February 15, 1990, ikhasi 14.) UJesu wagubha umkhosi ngoNisani 14 elandela lokho okwakushiwo uMthetho KaMose. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe ngokuthi ungaluthola kanjani lolu suku, bheka INqabayokulinda yesiNgisi ka-June 15, 1977, amakhasi 383-384.