Umbhalo Waphansi
a Emakhulwini eminyaka ngaphambili, ngo-997 B.C.E., ama-Israyeli ahlukana aba imibuso emibili. Omunye kwakungumbuso wakwaJuda oseningizimu wezizwe ezimbili. Omunye kungowakwa-Israyeli wezizwe eziyishumi, obuye ubizwe ngokuthi u-Efrayimi ngoba iningi lalivela kuleso sizwe.