Umbhalo Waphansi
a Kuthiwani uma ingane ekhulayo esibelethweni ibonakala inokukhubazeka okuthile, noma uma kwenzeka kukhula izingane ezingaphezu kweyodwa? Ukukunqamula ngamabomu ukukhulelwa kungaba ukukhipha isisu. Lapho umuntu esebenzisa le ndlela yokusizwa ekukhuleleni kuvamile ukuba akhulelwe ingane engaphezu kweyodwa (amawele, ezintathu, noma ngaphezulu), okwandisa ingozi yokubeletha ngaphambi kwesikhathi noma yokopha kakhulu. Owesifazane okhulelwa izingane eziningi angase anxuswe ukuba acabangele “ukukhetha ukunciphisa,” avume ukuba kubulawe eyodwa noma ezingaphezulu. Lokho kungaba ukukhipha isisu ngamabomu, okuyinto efana nokubulala.—Eks. 21:22, 23; IHu. 139:16.