Umbhalo Waphansi
a Inkulumo ethi “ukusungulwa kwezwe” ihlanganisa umqondo wokuzala, ngakho iphathelene nabantu abazalwa ekuqaleni komlando wabantu. Kungani-ke uJesu engahlobanisanga uKhayini, owayeyizibulo, ‘nokusungulwa kwezwe’ kodwa akuhlobanisa no-Abela? Izinqumo nezenzo zikaKhayini zabonisa ukuhlubuka ngamabomu kuJehova uNkulunkulu. Njengabazali bakhe, kubonakala sengathi uKhayini ngeke avuswe noma ahlengwe.